Siwela Totem

 


Nkosi,

Nalangamanda,

Nkonyane yenkosi.

Wena okamphazima kalanga,

Wena okamlotswa kangakanani nasentendeni yesandla uyenela.

Nina bakalanga libomvu wasemaNtungweni owadla umuntu

emyenga ngandaba, Nina bakaSoyidina,

Odine abezizwe nabezizwana,

Mawandla kaNdlovu,

Siwela sasemandlovini ezadla ekhaya ngokweswela abelusi,

Nina bephela enasinela inkondlwane nithi ngamasi,

Nina bakabheje eseNgome.

Comments