Mpofu Totem

Mpofu

EmaNyandeni aMpofu kaMatshobane wesiduna seNsingizi, owalandelwa yintombi yathi gizeka noma ungela nkomo.

Vumisa kaNgconoMsongi wensimbi ayibeke ekhanda,

khona amagwala azobaleka.

Tshobana owagaga ngamadolo aze aphucuka.

Wena onatha amanzi ngokuwabona, engawabonanga akomi.

Sango libheke ezansi, akwaphumi nkomo, kuphuma amadoda kuphela.

Zingwe zombili ezalwa zabulalana kwantaba Ntshanini.

Ingane ziphakelwa ndawonye.

Ngwadla phangela iziggala zakoLibose.

Vumisa kaGasela, kaKhukhuza, kaNGONYAMA.

Nyandeni, kaMatshobane, kaMangethe, kaNgululu, kaLanga, kaZimangele.

Comments