Izinkolelo zabantu ngezilwane

Izinkolelo zabantu ngezilwane

Imindeni noma abantu abaningi abamnyama imvelaphi yabo bayihlanganisa nezilwane ezithile abazihloniphayo kakhulu uma bezibona noma banezinkolelo ezithile ngazo. Kwabanye, kuyenzeka isilwane sichaze into ethile noma okuthile okusuke kuzokwenzeka ekhaya noma kumuntu. Abantu abaningi lezizilwane abazibulali noma ngabe ziyingozi kangakani ngoba basihlanganisa nedlozi labo. Uma kwenzekile kwakhona olimaza noma abulale lesilwane abantu banenkolelo yokuthi amashwa azokwehlela lowomndeni ngenxa yolaka lwabaphansi.

Contents

1 Isithwalambiza

2 Inyoka eluhlaza

3 Izinyoni

4 Inkalankala nonwabu

Isithwalambiza

Isithwalambiza isilwane esihlonishwayo nesithandwayo uma sibonakala ekhaya abantu bayajabula uma kuyileso esihlanganiswa nezinto ezinhle. Izithwalambiza zihlukene izigaba ezimbili, uma kuqhamuka isithwalambiza esiluhlaza kusuke kukuhle noma kukhona into enhle ezokwenzeka ekhaya futhi nedlozi lijabulile, kanti uma kuqhamuka isithwalambiza esinsundu lokho kusuke kuchaza ukuthi kukhona okubi okuzokwenzeka noma izinto azihambi kahle ekhaya. Abanye abantu abakholelwa kulesisilwane futhi abasinaki.

Inyoka eluhlaza

Kweminye imizi kunenkolelo yokuthi uma kubonakala inyoka eluhlaza encane isemsamo kusuke kuyidlozi lakulowomuzi, lisuke liziveza ukuthi lijabulile noma kukhona okuhle okuzokwenzeka ekhaya. Uma kuzoba nomsebenzi ozokwenziwa ekhaya kuthi, phakathi nezinsuku kubonakale lenyoka kusuke kuchaza ukuthi umsebenzi uzohamba kahle.

Izinyoni

Omathebethebane izinyoni ezinhle, uma kwenzeka beqhamuka endleleni futhi bedansa maqondana nawe kusuke kuhamba kahle, usuke uzolungelwa lapho uyakhona. Kanti uma kungena uthekwane ekhaya ugibele phezu kwendlu kusuke kuzokwenzeka into embi. Isikhova inyoni embi yamashwa, uma isikhova sikhala eduze nomuzi lokho kusuke kuchaza ukuthi kuzoshonwa ekhaya. Amankankane nawo ayizinyoni ezingalungile, uma kubonakala amankankane edlula phezu komuzi ekhala lokho kusuke kuchaza ukuthi kukhona ozoshona kanti uma ezungeza endaweni kusuke kuchaza ukuthi kukhona umuzi ozoshonelwa kuleyondawo.

Inkalankala nonwabu

Inkalankala ithathwa njengesilwane esingatholakali emzini womuntu ngoba siyaziwa ukuthi sihlala emanzini. Uma kwenzeka inkalankala ingena endlini lokho kuchaza ukuthi kusuke kukhona okhulelwe, kanti kwabanye kuchaza ukuthi kunento enhle ezokwenzeka. Unwabu nalo akujwayelekile ukuthi lubonakale noma ikuphi ngaphandle kwasotshanini nasezihlahleni, kodwa uma lubonakala phezu kwendlu lokho kuchaza ukuthi kunento enhle ezokwenzeka ekhaya.

Abantu abaningi basazilandela lezizinkolelo kodwa abanye abazilandeli ngoba bekholelwa ukuthi azilona iqiniso kuphela zenzeka kulabo abakholelwa kuzona.

Comments