Izitsha Zesintu

Izitsha Zesintu

Izitsha zokudla zesintu

Ukudla kubantu bomdabu babekugcina ezitsheni ezahlukene futhi noma kuphakwa kuphakelwe ezitsheni ezifanele, lokho kudla okudliwayo ngaleso sikhathi. Zazisetshenziswa futhi ekutheni zibe izipho uma kwenziwa ubuhlobo phakathi kwemizi eshadelanayo noma kunombondo. Ekudleni kusukela kokwesipuni kuya kokuphuzwayo, izitsha zakhona azifani futhi nangendlela ezenziwa ngayo ayifani. Kuzo lezizitsha zokudla, kwakubuye kutshengiswe nekhono lokwenza into enhle ngemihlobiso eyayibazwa kuyona noma indlela ehlotshiswe ngayo. Izikalo noma ubukhulu balezi zitsha babungafani ngenxa yokuthi imisebenzi yazo yayihlukile futhi kuya ngokuthi wenzela ukuthi isetshenziswe emcimbini noma ukuba kube into yomndeni omncane noma umuntu oyedwa. Ngakho ke izilinganiso zezitsha zaziya ngemisebenzi yayo.

Ezitsheni zokudla, umnumzane wekhaya noma inhloko yomuzi yayiba nesitsha sayo nezipuni edla ngazo. Lokhu kwakusetshenziswa uyena kuphela ngoba umama wekhaya naye wayeba nesitsha sakhe adlela kuso bese kuthi izingane zizodlela ezitsheni ezaziwayo ukuthi kezi ezabo. Kwakuyindlela futhi yokukhombisa inhlonipho uma ningadleli esithseni sikababa wekhaya njengengane noma nnganiki futhi umuntu oyisivakashi ukuthi adlele kusona.

Nazi ezinye izinhlobo zakhona nokuthi zisetshenziswa kuphi noma sekunjani:

Uqgoko: Lunemilenze emine, kuphakelwa kulo inyama nokunye okushetshwayo kokudla. Abanye balubiza ngogwembe. Lwakhiwa ngokhuni lubazwe kahle luhlobe ngendlela ebukekayo lwenziwe indawo okubanjwa khona uma sekuphakwa.

Ikhamanzi: Ukhezo olukhulu olumumatha kakhulu uma kuphakwa ngalo, lusetshenziswa ukukha amanzi noma into eluketshezi njengotshwala besizulu. Abanye balubiza ngokhezo.

Ukhezo: Isipuni esibazwe ngokhuni, sidla amasi noa okunye ukudla okumanzi njengesinambathi.

Umphatha: Isitsha esibazwe ngokhuni saba ngumphatha, kugcinwa kuso okuphuzwayo. Wenziwa futhi ngoselwa nodongwe.

Umphonsanyoni: Igama lephini elisetshenziswa ngabantu besilisa.

Umqengqe: Isitsha sokhuni esingashonile kakhulu, esisavamise ukudliselwa izingane.

Imvokoqa: obuye ubizwe ngemvongoqo, lesi sitsha ukhezo olunesinqe esikhulu, olukwazi ukumumatha kakhulu, lusetshenziswa ukuphaka.

Inkezo: ibuye kube noma ibizwe ngekhamanzi, isetshenziselwa ukukha utshwala embizeni.

Igula: Isitsha esisetshenziswa ukugcina ubisi noma okusengelwa kuso bese sigcina lolo bii luze lube amasi avuthiwe.

Ukhamba: Isitsha esakhiwa ngobumba saphekwa emlilweni ukuze siqine silungele ukuphatha ukudla okuluketshezi. Ukhamba luphatha amahewu noma luphatha utshwala besintu. Kuphuzelwa kuso amadoda uma ephuza utshwala besizulu.

Ivovo: Isitsha esithambile esakhiwe ngotshani esisetshenziswa ukuhluza utshwala kuhlukaniswa utshwala nezinkambi.

Isithebe: Isitsha esisetshenziswa ukuqotshelwa kuso inyama noma kuphakelwe kuso idombolo kanye nenyama eyosiwe noma ephekiwe.

Imbiza: Isitsha obekukhelelwa kuso amanzi asekhaya uma kade khiwa emfuleni.


Comments