Incazelo Ngezingubo Zokwelapha Zesintu

 


Incazelo Ngezingubo Zokwelapha Zesintu

Abelaphi bendabuko banezingubo abazigqokayo uma beqhuba umsebenzi wabo wokwelapho. Lezingubo noma izimpahla ziyakwazi ukuthi zibaveze njengabantu abenza lomsebenzi ngoba azigqokwa yinoma ngubani. Lapha sizobheka ukuhlukana kwazo lezingubo ngemibala nokuthi zichazani. Abelaphi bendabuko bahlanganisa izangoma, izinyanga nabathandazi. Kukhona labo abaneziphiwo eziningi umuntu eyedwa njengokuthi omunye abe yisangoba aphinde abe ngumthandazi. Ngokuhlukana nangokusebenza kwabo kunezimpahla zokugqoka abazisebenzisayo.

Ukuthwasa

Kusukela besathwasa (usaqeqeshwa ) kuze kube bayaphothula, umuntu nomuntu unezingubo noma izembatho zakhona azigqokayo. Kuke kube izingubo ezimhlophe, kuba yisiketi esimhlophe, esithungwe ngendlela ethize (siba namapliti amancane, sivuleke, sibe nebhande ), yisikibha esimhlophe, yibhayi elimhlophe alibeka emahlombe, bese egcoba nomcako omhlophe umzimba wonke, nasekhanda afake ubuhlalu obuhlophe bese ephatha indukwana emfishane. Noma ngabe uyaphi ugqoka lezimpahla zakhe noma eyotheza noma eyomba imithi. Lokhu kugqokwa ngumuntu wesifazane. Owesilisa yena ufaka ibhulukwe ngaphansi, abese efaka indwangu emhlophe phezu kwebhulukwe, afake isikibha esimhlophe, nendwangu emhlophe emahlombe bese egcoba umcako omhlophe umzimba wonke. Omunye uye afake nobuhlalu obumhlophe emaqakaleni nasezingalweni nasemzimbeni abuphambanise ubuhlalu.

Umuntu akazikhumuleli lezingubo uyalinda kukhulume umuntu wakubo lowo omlethe edlozini ukuthi usengawukhipha lombala nomuthi awudlayo. Ube eseqhubekela phambili afake omunye umbala nomuthi. Ukugeza umcako kufanele kuhlatshwe inkukhu noma imbuzi kuya ngokuthi batheni abadala noma amadlozi kuwe ngesikhathi ulele noma bakhulume kulowo othwasisayo ukuthi umuntu afake omunye umbala wempahla. Lapho usedlulela ekugqokeni izimpahla ezibomvu.

Uma esegqoka lokhu usuke eseyithwasa. Ubese egcoba ibomvu umzimba wonke, afake izingubo ezibomvu (Isikibha esibomvu, isiketi esibomvu, indwangu emahlombe ebomvu, nasekhanda aluke ngentambo ebomvu.) Nalapho kuya ngokuyalelwa idlozi lakhe. Lezimpahla ugqoka zona zodwa noma ngabe uyaphi uze udlulele kwesinye isigaba esilandelayo. Zonke lezigaba uma uzishintsha nomuthi uyashintsha nezimpahla kanjalo kufanele kuhlatshwe ngoba igazi nenyongo yikona okusetshenziswayo ukuxhumana namadlozi kubikwe ukuthi sewenzani njengethwasa. Uma sewudlulile kuzozonke lezigaba ubese uyaphothula ngenkomo. Umuntu usuke eseyisangoma noma isiyoni noma umthandazi kuya ngokuthi ungenwe idlozi elinjani.

Ukuhluka Kwamabhayi

Uma umuntu ogqoka ibhayi elibomvu elinamahawu usuke engenwe amakhehla (unendiki). Idlozi lakhe kusuke kungoyise mkhulu.

Ibhayi elikuhlaza okwesibhakabhaka umuntu usuke engenwe yizakukazi (nendawo).

Uma emuntu egqoka okusabende usuke eyisangoma esikhulekayo noma esithandazayo.

Uma umuntu efaka eliphuzi nokuluhlaza okwesibhakabhaka (ongumthandazi) lona ukuphethe kokubili

Isangoma esinesithunywa sifaka ijazi noma ibhayi lengwe.

Uma efake ingubo eyimpangela nebhayi elibubende,usuke exubile esebenza ngo gogo nomkhulu

Lezimpahla zigqokwa uma umuntu esebenza noma enza into yedlozi kungabe uyomba imithi noma uyahlola noma ekhuleka noma kukhona angakuboni kahle.

Inyanga umuntu ongathwasanga kodwa utshelwa abakubo amakhambi bamkhombise elele noma ebhekile bamtshele ukuthi hlanganisa umuthi owukuthi ukuze ulaphe isifo esithize. Uma eseshona ubesefundisa omunye wakubo ophilayo ukuze aqhubeke. Kubalulekile ukuthi ungaphathwa umuthi omubi ngoba kuzongcola izikhwama zonakale kudingeke ukuthi zigezwe ukuze uqhubeke kahle umsebenzi.

Isangoma siyasina siyavesha siyagida. Ngesikhathi umuntu eseyisangoma uphatha ishoba omunye uma engenwe amakhehla ayamtshela ukuthi aphathe ihawu noma engowesifazane uyaliphatha, noma eya emcimbini aliphathe agiye ngalo.

Comments