Ibika/Amabika

Ibika/Amabika

Uma kukhona okuzokwenzeka kuyenzeka uzwe ungatshelwanga muntu ukuthi kukhona into ezokwenzeka noma ezokwehlela. Lelikhasi liveza okunye okuba yinkombisa noma ukubiko okuzokwenzeka.

Ukudikiza kwamehlo – Lokho kusho ukuthi uzobona isihlobo okade wagcina ukusibona, kodwa ke lokhu kuhlukene. Njengoba uma kudikiza elobunxele kusuke kubika isifo lokho noma ishobola.

Ukulunywa izindlebe – Lokhu kusho ukuthi kukhona abakhuluma ngawe, noma ke abakuhlebayo.

Ukulunywa isandla – Ukulunywa yisandla kusuke kusho ukuthi kukhona into ozoyithola, kungaba isipho noma ke imali esikhathini samanje.

Ukulunywa izinyawo – Ukulunywa izinyawo kusho ukuthi uzoba nohambo olude, kodwa ke kwabesimame lokhu kubika ukuthi uzogeza.

Ukuxhilwa amathe – Lokhu kusho ukuthi usuke ucabanga ngesikhathi udla, noma ke kukhona abakhuluma ngawe.

Ukulunywa yisisu – Ngokujwayelekile lokhu kubika ukudlula emhlabeni kwesihlobo sakho, okanye ke kowesifazane kubika ukuthi uzithwele.

Ukuthimula – Ukuthimula lokhu kusho ukuthi usuzolulama uma ubanjwe umkhuhlane, kanti ke kuyakubika nakho ukungena kwawo emzimbeni.

Ukushwaqa kwezinwele – Uma ukushwaqa izinwele ubowazi kahle ukuthi khona ingozi eduze kwakho, kokunye ke sike sizwe kuthiwa ebusuku kubika ukuthi kukhona isipoki eduze kwakho.

Ukuphuma umengulo – Lokhu kuyinkombisa yokuthi kungenzeka ukuthi weqe umbhulelo, okanye uma kade ugula kusho ukuthi usozinda.

Brief Overview

As African people, we are spiritual people. To some, foretelling and seeing something that will happen before it actually happens, is their thing. Some use instincts and for others it’s the body that alerts you to what will happen, such as that one’s left eye twitches when a relative or family member passes away. This article describes the spectrum of intuitive signs of understanding incidents before they happen.

Comments