Ukwenza KoMthakathi

 


Umthakathi akakuthakathi ngoba ikhona into ewrong oyenzile. Uthakathelwa into ezingasile engathi shu, umthakathi ufana nomuntu ofebayo , lento nje yinto esegazini akazi naye kuthi ufetshiswa yini.

(1) uyayifela grocery yakho. Kufanele ucatshe uyingenise ngobusuku ngokushesha kakhulu

(2) wavula radio kuthiwa uzenza bani iyolala ibonene ebusuku

(3) Wafundisa ingane esikoleni isiphezulu etown , uzoyifela leyonto. Uyathunyelwa umntwana abone inkanyezi emini abone into engabonwa ngamehlo Abe dom kakhulu abambe incwadi aphathwe yibuthongo aphaphame sokusele 10 min kuthi exam iphele

(4) Kungani uvukela emsebenzini abethu abantwana bengasebenzi bephuzana notshwala, begijimisana nabafana. Uzoyifela lento.

(5) Uyithenga kanjani imoto elokshin ukhule phambi kwethu sikusula amafinyela manje usuhambela phezulu uzoyifela leyonto yakho.

(6) uzenza bani wena ojola nomfana onemoto , njalo nje kuza abafana abahlukile bezoku checker kufanele uyithole impama kamantindane uyazenzisa 

(7) uthengela abadala bakho igrosa usukumise nebonda lendlu uzama you extenda uzenza bani? Uyakuvalwa lomshado wakho nalo

Msebenzi wakho ujike uzohlala phansi sibone sikuqede ukuphapha

(8) Wenze party yomntwana uyangibiza ufuna ukungibonisa kuthi uyaphumelela ngizokubonisa umlilo ebusuku, ngizoyidla inyama ngenhliziyo ubuhlungu, ebusuku uzoyisutha induku yesilwane. Ngaleso skhathi uzithengele ikhekhe espar nomntana chips kwengane ukuze unable nayo ayi uzenza bani kufanele sikushaye ngomeqo nombhulelo uhlale phansi uyaphapha

(9) umthakathi akana ndaba kungcono asebenzise imali yakhe yokugcina agibele adabule amazwe efuna nje umuthi ozokulahla phansi , kungani ungena negrosa ekhaya kuyi lockdown who do u think you are . 

 (10) Kudliwa inyama yabantu ,sigibela nemfene ebusuku , sifuna kukufaka entweni yethu wena ubusy ngezinduku zabo guyuguyu namakhandlela ,uzoyikhotha imbenge eyomile, awuna ngqondo , uzothakathelwa lokho kuthi unqabe ukujoyina iqembu

(11) Uhamba utshikitshikiza uqephuzela ujika izinqe ,uthanda ukubukwa, sokushaya ngomeqo umbhulelo nemvukuzane sikukhiphe ukusa, uzibona sengathi ungcono kunabantwana bethu , lwabishi 

(12) Umyeni wakho akangeneki ,phela kudala silala nawo wonke amadoda akulelayini lo owakho umdliseni engasinaki ,noma simthola eshop akabulisani, noma sifake amathawulo amancane nama gown akabheki kuyashokuthi umdlisile manje me sisi sokushaya ngesichitho ibaleke ikushiye nengane kuphele okuyi honeymoon kwenu ufane nathi uswabe 

(13) Uyabona wena! Sisazokubonisa imhlolo kuyophela ukuphapha ,sikubonile esifeni Ku funeral ka mzala wena nomyeni wakho nifuna kugcina Nina , nizenza abantu abanemali nifika late ,worse nifuna siningcenge ngale grosanyana yenu ,sokufanele sizwe ngani nale ngane yenu engezwayo enekhanda elikhulu ekhuluma isingisi , mxim sokushaya uze back elokshini ekhaya

(14) Kwama imoto angayazi emzini wakho uthola umuntu eselunguze ngamakhethenisi konke nengane zakhona aah bavele bahluleke nokuzibamba uzwe umuntu esekokoda emnyango ezozicelisa umentshinsi into engathi shuu ye five bob espaza

Uyabona ke umthakathi ayikho into osuka umenze yona. Umona, nohlanga nje lobuthakathi. nawe nje omakhelwane wakho ayikho into ebambekayo akuthakathela yona. Kufanele uhlale ekhaya wena ubeliphara ulandelane notshwala, umithe ugcwalise ingane ekhaya Uyabona uma usenza kanjalo ayi nizozwana , usungayithola ijersey yokudlalela I team yasebusuku.

Comments