Amaphupho



Incazelo zamaphupho engihlangane nazo nawe usungasizakala , nabanye sebeyekuchazela bakuhlaziyele 

(1)-Ukuphupha Izicathulo ezindala inhlanhla leyo

(2)-Ukuphupha izicathulo eziningi zindawonye isifo leso

(3)-Uma uphupha zizintsha izicathulo isifo leso

(4)-Ukuziphupha uhamba otshanini obuhle akuhle lokho usuke wacishe wafa wangavuka ekuseni

(5)-Ukuphupha impuphu (ace / nyala) inhlanhla leyo lihle idlozi lenu.

(6)- Ukuphupha celebrity / public figure kusuke kwinhlanhla futhi kwidlozi lakini elisithe nge celebrity

(7)-Ukuphupha Inyama ebomvu or yangaphakathi isifo

(8)-Ukuphupha umlungu isilwane or idlozi lakho lasemanzini

(9)-Ukuphupha unqamula emanzini angcolile uphehlelwe amanzi amnyama wodwa unamathunzi

(10)-Ukuphupha umuntu wakini ongasekho owashona ekhala kakhulu kusuke kunengozi ayibonayo ezayo kunina kungaba isifo or ukugula

(11)-Ukuphupha usendlini kukhanya ugesi bhaaaaa intozakho zizokhanya

(12)-Ukuphupha umutu wakini ongasekho ewasha kufuneka inhlambuluko

(13)- Umlilo / Umbani ulaka lwabaphansi noma kubuyela impendulo ezitheni

(14)-Ukuphupha ithayi lemoto kubi khona ohlanganiselwe umuthi nensila yesesele uzofa lowomuntu

(15)-Ukuziphupha ushaya Selfie or ushuthwa nge camera kunesimo sokuthwetshulwa. Akukuhle ukuphupha uzibula esbulweni bayakuthwebula uphila

(16)-Ukuphupha ufish udoba inhlanhla kodwa mawugxuma or uzihambela emanzini khona okhululwe

(17)-Ukuziphupha usesikhathini sisi waphuphunyelwa ingane

(18)-Ukuphupha izinyosi imizi ayifani khona izinyosi zesifo, isichitho, amabutho asekhaya mese kuba khona inyosi eba yodwa ethanda ukuhlala kwi curtain lelo idlozi lesifazane

(19)-Ukuphupha umuntu wakini owashona / wangaphandle owumngani ethi useyahamba niyophuma nge gate nawe uhambe naye uzokulanda uzofa unesizungu ufuna ukuba nawe uzitshela kuthi usaphila

(20)-Ukuphupha ibhubesi idlozi lakini elidala ukhokho wokhokho usuke unenhlanhla ubophahla ucele aziveze ucele okuhle kuyena

(21)-Ukuphupha inja ikujabulela idlozi lakini elisithile laba umfanekiso wenja

(22)-Ukuphupha utshwala besizulu gayani utshwala ekhaya bomiwe abaphansi

(23)-Ukuphupha Penguin idlozi lelo lasolwandle unabantu abadala

(24)-Ukuphupha amabhayi / iminaxzaretha / school uniform / isikole usuke unemoya yedlozi lobungoma nemoya yedlozi lesithunywa uzoba umthandazi okhulekayo aphinde alaphe ngemithi unakho kokubili

(25)-Ukuphupha imvula kuhlukene uma ikhiza kusuke kuvuleka page elisha empilweni yakho

(26)-Ukuziphupha unqunu uflathelwe idlozi khona okugadlayo

(27)-Ukuphupha izinkomo idlozi lelo uma imnyama idlozi elibi noma eliphenduliwe noma isitha uma ibomvu inkomo idlozi elinobungoma uma imhlophe idlozi elihle elinhlanhla uma uphupha kulwa izinkomo ezimbalabala kubi konakele emsamu kulwa idlozi lakini

(28)-Ukuphupha indlu yotshani (round) yakhelani abadala indlu yabo

(29)-Ukuphupha furniture isifo kodwa elinye Lisho ukuphumelela ngenxa yokuncika komunye ube nenhlanhla

(30)-Ukuphupha blankets abasha isifo

(31)-Ukuphupha imvula eyizikhukhula kubi kakhulu

(32)-Ukuphupha ijuba elimhlophe inhlanhla enkulu idlozi elihle

(33)-Ukuphupha kwakhiwa idlu ize iphele ithuna lelo

(34)-Ukuphupha uhamba odakeni kuyabheda kwena ustakhile empilweni uvaliwe

(35)-Ukuphupha umuntu owashona engakhulumi usuke evaliwe uphenduliwe

(36)-Ukuziphupha wenza Sex kuyaba isilwane or umuntu wakho ongazange umlahle okuhlezi kabi noma kube idlozi eliphenduliwe


Amaphupho nencazelo.

Ukuphupha udla (yidliso

# wenza ucantsi(ulalwa yislwane)

# uxam/ingwenya(yidlozi lasemanzini elidala)

# uphupha udla izithelo(yisisu)

# usinda ngobulongwe(lungisani ugezwe)

# ucula(yisthunywa)

# intsimu ,ulima noma utshala(yisifo)

# indlovu(yidlozi liphenduliwe)

# indlu yakhiwa(yisifo)

# ugunda izinwele(uzehlisa amandla/yisifo)

# usejele (impilo uzoba nzima)

# unyuka intaba(bubunzima bempilo)

# ukuphupha utshala umoba/wenza okuthile ngawo(y inhlanhla)

# imali yamaphepha(yinhlanhla eza kancane)

# uphupha kunetha kakhulu (usizi,ukukhala)

# uhamba edakeni(kunamanzi amnyama/ubunzima

# udutshulwa (khona okugadla ngemithi)

# uthenga izingubo zokuqhoka(y inhlanhla)

# isele,amakaka,(yischitho)

# ungambethe"naked"(kukhona okuzokuphatha kabi empilweni)

# uphupha uhamba endaweni emhlophe(kumele uphothule ngembuzi emhlophe)

# ibhubesi (yidlozi.

# ufunda eskolweni(yidlozi kmele utwase)

# izulu lihloma(kunomuntu wendawo ohlonishwayo ozokhothama)

# izulu lingena endlini(wulaka lwabadala)

# inyoka ebrown kwasangwe(yidlozi) Ukuphupha uwasha kodwa kunetha(yisisu esizochitheka)

# umcimbi ,imisino kuvunwa ingoma(khona idlozi elisuke likudinga)

# ukuphupha uzibuka esbukweni ujabulile(yidlozi)

# uzibuka esbukweni ukhala noma udangene(kukhona ozama ukukuthwebula/ontshontsha amandla wakho)

# udakiwe(zinxaki ezikohlulayo)

# uphuza utshwala(bubomi obumnandi)

# ubona utshwala(wumcimbi wekhaya lakho)

# ukhala(yindaba ezimnandi)

# umlambo,idamu,utshona ulwandle,uswima,uleqwa ngamanzi (ubizo)

# umvundla (yinhlanhla)

# ukuphupha amabhom or nilele nabanye(yimfukamo)

# amahashi (yindlela ekumele uyihambe empilweni)

# ibloro (sisigaba esisha ekumele sifike empilweni yakho)

# inyoni emnyama (yimpundulu)

# inkungu(ngabadala bakini abelozi)

# inyoni ekhalayo(abadala abakhulumayo)

# inkomo(wumcimbi wabadala/zizihlwele)

# ukhonkothwa yizinja(umcimbi wasekhaya odingwa ukwenziwa amadlozi)

# amagundwane (uzongenelwa yizigebengu/yisifo

# izicathulo(yinhlupheko/kukushintsha kwempilo)

# useskhathini(yischitho/udlula ezinkingeni)

# umongoza (uzophoxeka/yizinkinga zemali)

# izimpethu ,ituwa(yischitho)

# umlilo(ngumsindo wabadala)

# indlu enhle eyakhwayo(lincwaba)

# umngcwabo womuntu ongamazi(khona izinto ongakwazi ukukhohlwa ngazo,eziyenza impilo yakho ingakhuli/ukufa

# umngcwabo womuntu omaziyo(kukukhula ubomi obusha kuwe/ukufa

# intaba,amawa,indonga,i bridge, i biyisikili,(lubizo lobuprofethi)

# umtwana oyiswana(kungasisiphiwo/yislwane)

# inyosi (bubutyebi/zizihlwele)

# umlungu (isithunywa/abantu bakomkhulu/yimpundulu)

# i bus(kukufa)

# ingonyama,ingwe(unobukhosi/abadala)

# umbaneko or amafu amhlophe or amanzi uphuphe usiwa ebridgeni or izitepisi(unesthunywa)

# ugijimiswa ngesikhali(zintshaba ezikuzamayo)

# uthanyela (umcimbi ongxamileyo wabadala yisiko lakho)

# amaqanda(yimpumelelo/inzalo/ukwendelwa)

#ukuphupha ukhulelwe(kusuke kukhona izinkulumo ezisazobakhona/kunemfihlo onayo)

# imali siliva(yinhlanhla) Emnyama(yibhadhi)

# imoto-mawuyigibele(yinhlanhla) Uma ihamba(yinhlanhla,impumelelo)kodwa uma imile (izinto zakho ziyabhedha)

# inyoka elwa nawe(yisitha)

# ukunyuka intaba ucine ufikile phezulu(uzophumelela kokhu kwenzayo)

#uphupha uphasile(idlozi lakho lisuke lizitwasisela lona)

# uwasha (yinhlambuluko)

# usehlathini elimnyama(izinto zakho ziyabheda uzodibana nobunzima)

# ukhala (yinjabulo)

# ugijima(yimpumelelo kodwa wawa ngeke uphumelele)

# inja (yisitha)

#amaqanda kodwa aphihlike(yisisu esizochitheka/ yinhlanhla ezophenduka ibhadhi)

# amakhekhe wombako(kunesdalwa sakowenu esifuna ukwenzelwa iladi)

# ijanji westimela(yindlela ebheka entwaseni)

# izinkanyezi(abadala)

# ugqoke iwashi(kmele ufake isphandla) Yho ngikhathele manje

# ushuta izithombe(ukuthwetshulwa)

# intuthu(khona INkukumo esazokhulunywa phansi ngawe)

# amanzi adungekile(yisifo

# amasoja ,nama security(abantu abadala)

Amanzi angena endlini(umkhuhlane ozovela ekhaya yisifo)

# udabukelwe yizimpahla(yinhlupheko)......................

.........................Thokoza

AMAPHUPHO AKHOMBISA UBUNGOMA NESPHIWO SOKUBONA NOKWELAPHA NOKUNGENWA UMUNTU OWESONTA

ukuphupha izangoma zigida

ukuphupha amajazi namabhayi

ukuphupha inyoka enkulu indlondlo/inhlwathi

ukuphupha ingwe

ukuphupha ibhubesi

ukuphupha ingwenya

ukuziphupha ufake umcako noma ibovu

ukuziphupha usolwandle phakathi kunendlu

ukuphupha ukha imithi nomuntu osemdala

ukuphupha ulapha umuntu omaziyo ngesiwasho noma ngomuthi

ukuziphupha uthandazela umuntu ogulayo asinde

ukuphupha useskoleni

ukuphupha into kudlule iskhathi yenzeke

ukuphupha isiziba eskhulu

ukuphupha impophomo

ukuphupha ulwandle luluhle

ukuphupha isbhakabhaka sengathi kubizwa igama lakho

ukuphupha inkanyezi iza kuwe qede kwehle isembatho sihlale emahlombe

ukuphupha usonta ucula kakhulu sakukhuleka

ukuphupha izimpande namagxolo okwelapha

ukuphupha usemzini womuntu uyokhipha into efihlwe egcekeni

ukuphupha isigodlo indlu karound

ukuphupha ugqokise okwethwasa

(Namanye amaningi ahlukene. Kuye ngesiphiwo somuntu)


AMAPHUPHO ESICHITHO NOBUTHAKATHI/NOKUTHAKATHWA

ukuphupha amakaka

ukuphupha unezintwala

ukuphupha usehlane ubona amakaka anethiwe

ukuphupha kuphuma islwane phansi kombhede

ukuphupha ulwa nothandana naye

ukuphupha wenza ucansi

ukuphupha unqunu

ukuphupha uzibuka esbukweni

ukuphupha uzishutha isthombe

ukuphupha sengathi khona okumemezayo

ukuphupha udla

ukuphupha ulele nokusakati noma islwane

(Namanye amabi athusayo ngokuhlukana kwawo)


AMAPHUPHO ATHINTA UMSAMO WAKHO/WAKINI NAXWAYISA NGOBUBI OBUZAYO NABASELA IZIKWELETU ZOMSAMO NAWEZIBUSISO

ukuphupha inkunzi yenkomo ebomvu

ukuphupha kwenziwe utshwala

ukuphupha umuntu wakini owashona ekhala

ukuphupha umshado

ukuphupha kushoniwe

ukuphupha izinkomo ezibomvu zilwa

ukuphupha ufake iwashi

ukuphupha ufake isphandla

ukuphupha umndeni wakho uhlangene kukhulunywa

ukuphupha amalunga amabili omndeni exhawulana noma egeza izandla

ukuphupha amakhekhe abhakiwe

ukuphupha owakini ongasekho ethi ulambile

ukuphupha wakini ongasekho ewasha

ukuphupha owakini ongasekho ehamba engakubuki

ukuphupha owakini ongasekho ethi ulambile/ uyagodola

ukuphupha umlilo omkhulu

ukuphupha ugogo/umkhulu ekupha into ongabonanga ukuthi yini

ukuphupha umuntu wakini owashona ejabulile ehleka

ukuphupha unikwa imali eningi/ ukhiye wemoto/ uphiwa indlu

ukuphupha ingane ikhala, ithi ayigqokile noma izingubo zengane

ukuphupha imfuyo eningi eyondlekile enhle

ukuphupha izibani amakhandlela

(Namanye amaningi kushiyane ngomyalezo wephupho)


AMAPHUPHO ABIKA ISITHA NOBUNGOZI OBUSEDUZANE NAWE

NOMA KINI NABIKA OKUBI

ukuphupha ugwazwa

ukuphupha udutshulwa

ukuphupha usendlini eshayo

ukuphupha uhamba odakeni

ukuphupha ucwile emanzini angcolile

ukuphupha lina imvula enezikhukhula ezinkulu

ukuphupha umshado

ukuphupha isdumbu noma amangcwaba

ukuphupha ufake izingubo ezimnyama

ukuphupha ulahlekelwe iring yomshado

ukuphupha useskhathini

ukuphupha ubelethe ingane encane

ukuphupha ulunywa yizinja

ukuphupha usukelwa abantu

ukuphupha ushayiswa yimoto

ukuphupha udakiwe

ukuphupha liduma izulu

ukuphupha uboshiwe

ukuphupha ufake izingubo ezindala

ukuphupha uqwala intaba

ukuphupha amafu amnyama sengathi lizokuna

ukuphupha ukhiye/ingidi

ukuphupha imoto yomngcwabo

ukuphupha imali emnyama

(Namanye ahlukene ngezigaba ezingafani. Nendlela afika ngayo engafani)

Comments

  1. Ukuphupha umuntu esengozini yemoto mase eyaahona ephupheni

    ReplyDelete

Post a Comment