Izisho lengcazelo



Akulahlwa mbeleko ngakufelwa – Kusho ukungaphelelwa ithemba nasesimweni esibi

Asilima sindlebende kwayo – Umuntu noma angaba nesici esinjani kodwa kubo uthandiwe

Indangabane – Ukukhula

Isizungu sibulala inkonyane – Ukuba nesizungu kakhulu

Uhlanga luwe ngendlela – Ukwenzeka kwento ebivele ihlosiwe

Ukotha umbovu – Ukuthukuthela kakhulu kodwa uqinisele, uzibambe uzame nokufihla ukudinwa

Ukuba inkomo kunobhutshuzwayo – Ukungakwazi ukudlala unobhutshuzwayo.

Ukuba inkomo kunobhutshuzwayo – Ukungakwazi ukudlala unobhutshuzwayo.

Ukuba mtshingo ubethwa ngubani – Ukuba intandane.

Ukuba nenhliziyo engaphandle – Ukuhaha.

Ukuba nkomo – Ukungabi nokuzivikela, ukungalwi.

Ukuba yinyoka – Ukuba nobuqili obufihlakele.

Ukubamba isisila sehobhe – Ukuthembela entweni engenampumelelo.

Ukubeka icala – Ukumangalela umuntu.

Ukubeka inkunzi – Ukuphawula inkunzi.

Ukubhodlela emswanini – Ukukhala emva kwendaba.

Ukubhongela emswanini – Ukukhala emva kwendaba.

Ukubophela amanqina enyathi – Ukwakhela uzungu.

Ukubukana ngeziqu zamehlo – Ukungezwani.

Ukubulala inyoka – Izinto noma abantu abaningi.

Ukubuya inhlazane – Ukubuya kwezinkomo emini yasekuseni sezizosengwa.

Ukubuya nembande yesikhova – Ukuba neshwa ungaphumeleli entweni obuyizama.

Ukucela induku – Ukwedelela okudala impi.

Ukuchathazelwa kwelengane – Ukuxoxelwa izindaba ezingandile.

Ukuchitha kwenkabi – Ukumisa kwenkabi izimpondo zivulekile.

Ukuchunywa imfuyo – Ukwandelwa imfuyo.

Ukucupha uchuku – Ukwedelela abantu ngento eyaziwayo ukuthi abayithandi.

Ukudla impundu – Ukuba umuntu okhohlwayo.

Ukudla ubhedu – Ukuba ingqwele noma uhambe phambili kulokhu okwenzayo.

Ukudla udaka – Ukuhlupheka.

Ukudukuza oswini – Ukungabi namqondo, udidekile.

Ukufaka kwenkomo – Ukugcwala kobisi ebeleni lenkomo.

Ukufaka Umunwe esweni – Ukwenza into komunye umuntu angayithandi emphatha kabi okanye emdinayo.

Ukufinya ngolimi njengenkomo – Ukuhlupheka.

Ukugaqela eziko njengengane – Ukuzisondeza engozini.

Ukugeza amehlo – Ukubuka ngokujula into enhle

Ukugodla ubisi – Ukungehlisi ubisi kwenkomazi.

Ukugubhazela uthotholwane – Ukujabula kakhulu

Ukuguda inkomo – Ukusenga inkomo engasenankonyane.

Ukugxaza amanzi njengencuba – Ukuhlupheka, ukuba mpofu.

Ukuhamba ulifake isiphandla – Ukuhamba ufuna into ethile eyigugu

Ukuhlaba usentu – Ukuqhwitha umhlabathi.

Ukuhlahla inhloko – Ukuklabela ukhanda lwenkomo.

Ukuhlala phezu kwezikhali – Ukuhlala ulindele noma yini engenzeka njengokuhlaselwa.

Ukuhlamba imikhonto – Ukuhlaba izinkomo emva kwempi.

Ukuhlinzela ezibini – Ukuphatha umuntu ngesihluku

Ukuhloba kobisi – Ukuvuthwa kobisi.

Ukuhosha umongulo – Ukusenga izimfihlo.

Ukuhudula izikhumba – Ukuhona

Ukujikela eshobeni – Ukungenela into lapho ingenangozi ngakhona.

Ukukhipha inhlazane – Ukuvulela izinkomo ekuseni ngaphambi kokusenga.

Ukukhiphela inkonyane – Ukukhipha inkonyane enkomeni efile.

Ukukhunga umntwana – Ukupha umntwana izipho.

Ukukhwela phezu kwendlu njengenja – Ukwedelela abadala kunawe.

Ukulala ngenkomo – Ukuzivikela.

Ukulala ngophondo – Ukuba sesimeni sokungakwazi ukuzisiza.

Ukulandela amabheka – Ukufuza ekhabonina.

Ukuma ngenkomo – Ukuma ubambelele ehawini.

Ukumisa amanhlakomuzi – Ukulala ubheke phezulu umise amadolo.

Ukuncelisa amawele – Ukuyishaya emuva uyishaye phambili.

Ukuncelisa umbele ofile – Ukukhohlisa.

Ukungabuzi elangeni – Ukuhluleka ukuhlaziya noma ukugwema ingozi

Ukunyathela ngabantwana – Ukuba nezitho ezinhle.

Ukuphehla uzuthu – Ukusukela umuntu noma abantu ngoba wethembe ubuqhwaga.

Ukupheka inyama ngomhluzi wenye – Ukuhlaba njalo.

Ukuphonsa kwenkunzi – Ukuhlaba kwayo lapho ilwa.

Ukuphuma amathambo – Ukukhumuka kwamazinyo obungane.

Ukuqhuba intwala ngewisa – Ukwedelela.

Ukuqhuma abathakathi – Ukuvela kwamazinyo enganeni.

Ukusenga inkomo nenkonyane – Ukungabi nasimilo.

Ukusenga ezimithi – Ukukhuluma amanga.

Ukusengela ophondweni – Ukonela umuntu into yakhe.

Ukusengela umuntu esigujini – Ukulutha ufake enkathazweni.

Ukushaya utshani – Ukuvele uhambe ngokushesha noma ukubaleka.

Ukushisela uphondo – Ukususa uthuthuva.

Ukusongela inkomo ingakahlatshwa – Ukukhuluma sengathi into seyenzekile ibe ingakenzeki.

Ukuthola isisu – Ukukhulelwa.

Ukuthola umntwana – Ukubeletha.

Ukuthwala ilunda – Ukuzazi

Ukuzalela phansi – Ukushonelwa abantwana.

Ukuzichoma kumalunda – Ukuzithintela, uzithele enkingeni.

Ukuzizala – Ukuzala umntwana ofana nawe.

Ukweqa izinyawo zenkosi – Ukuba nochuku wenze izinto ezingakufanele, ezingekho ezingeni lakho, ezifanele abakhulu kunawe.

Ukweqela inkomo – Ukuvimba inkomo uyikhalime.

Undingasithebeni – Umuntu ongenayo indawo yokuhlala

Usifumbu uhleka uqhaqhazela – Umuntu obona ububi bomunye ehluleka ukuhlaziya obakhe.

Comments

Post a Comment