Izaga zeZansi Lezincazelo Zazo

 

Abantu abayi ngandawonye bengemanzi – Abantu abavumelani bonke ngento eyodwa.

Amageja alingene abalimi – Uma sikhuluma ngokuthi amageja alingene abalimi sisuke sisho ukuthi noma ngabe yini lena obhekene nayo amandla akho alingene nayo. Lesaga sicishe sifane nalesi esithi “Akukho Ndlovu yasindwa umboko wayo” okusho khona ukuthi inkinga obhekene nayo ngeke ikwehlule ngoba eyakho kumele ubhekane nayo ngqo!

Akukho ndlovu yasindwa umboko wayo – Akekho umuntu ohlulwa umthwalo wakhe.

Akukho nsimba yazuza ibuzi (igundwane lasendle noma ivondwe) ngokulala – Lesi saga sichaza ukuthi ngeke uthole lutho ngokulala noma ngokuhlala nje ungenzi lutho. Kumele uvuke, usukume uyisebenzele into oyifunayo. Impumelelo iyafukuzelwa ayizi nje kalula, kumele kube khona okwenzayo ukuze uphumelele. Insimba ke lesi yisilwane sasendle esibukeka njengekati. Abanye baze bangathekise ngokuthi yikati lomthakathi. Insimba iphila ngokuzingela ukuze ilale idlile, uma ingavukanga yayozingela yalibala ukulala akukho ukudla ezokuthola akekho ongayilethela ukudla. Nanoma ubani ke ozingela impumelelo kumele avuke azibambe ngoba nayo imbila yaswela umsila ngokulayezela.

Akukho thusi lathetha lilodwa – Akekho umuntu onganengwa engaqalwanga.

Akukho zinyane lemboma ladliwa yingwenya kwacweba isiziba – Uma uzwise omunye umuntu ubuhlungu noma umbulale, ngeke ukuthole ukuphumula abakubo nabangani bakhe bazomphindiselela.

Akulahlwa mbeleko ngakufelwa – Lana-ke siveza ukuthi ukuwela emgodini akusho ukuthi kuphelile ngawe, kepha usengavuka uzibuthi uqhubekele phambili empilweni. Lesi saga sisuselwa ekutheni unkosikazi obezithwele uma elahlekelwe umtwana akusasho ukuthi ngeke phinde abe naye akalahle imbeleko akade ezombeletha ngayo, kepha leyo mbeleko uzophinde ayisebenzise uma esethole omunye umntwana.

Akuntombi yagana inyamazane – Lokhu kusho ukuthi intombi ngisho ingala la eqome khona, kodwa izophinde futhi iqome kwenye indawo.

Akuqhalaqhala lahlula isidwaba – Nalo impela iqhalaqhala umendo ulikhipha ukusa, uligile amagoda phezu kwembungculu, ulivove inkani.

Akuqhude lasindwa umzwezwe – Akekho umuntu ohlulwa umthwalo wakhe.

Akuvelwa kanyekanye kungemadlebe embongolo – Abantu abaphumeleli kanyekanye.

Amathanga ahlanzela abangenamabhodwe – Izinto ezinhle ziya kwabangazidingi noma kwabangakwazi ukuzisebenzisa ngendlela okuyiyo.

Awumbiwa ndawonye – Lesi sisho sikhuluma ngomuthi wesiZulu ikakhulukazi okuyimpande esetshenziswa ukwelapha noma ukwakha umuthi osetshenziswa izinyanga kanye nezanusi zona ezalapha abantu. Sichaza ke ukuthi umuthi wokwelapha awumbiwa ndawonye kanti-ke nokusebenza kwawo akufani njengoba owase nkangala ungafani nowase hlanzeni. Kujwayele ukuthi kushiwo abantu uma beqhudelana ngokuthile noma nje isibonelo, izinsizwa uma ziqhudelana zishela intombi eyodwa zisebenzisa ikhubalo, ilowo nalowo osuke egadla ngezakhe izinduku zomuthi ezimbiwe ezindaweni ezahlukene.

Ayikho inkomo yobuthongo – Impumelelo iyasetshenzelwa.

Bahlangene phezulu kanti phansi bangamahele – Benza sengathi bayezwana futhi akukho okungangena phakathi kwabo kanti bahubhuza amanga.

Enethunga kayisengeli phansi – Umnini wento akahlupheki ikhona.

Engakhali ifela embelekweni – Uma ungazibiki, ukhulume ngenkinga yakho ngeke ubonakale futhi ngeke uzwakale.

Ibhizela labulala indlovu – Umuntu uyalinyazwa nayinto yena athi ayilutho.

Ihlonipha nala engeke yendela khona – Intombazane ifaneleihloniphe wonke umuntu ngoba ikusasa kalaziwa, ayazi ukuthi iyoganelaphi.

Ikhiwane elihle ligcwala izibungu – Into enhle ngaphandle ijwayele ukuba nobubi ngaphakathi.

Ilelo nalelo nkankane aliyodla umsundu wangakubo – Ilowo nalowo muntu kumele ayozizamela ngakubo.

Ilumbo livuka esidwabeni – Lana kushiwo ukuthi ngeke wazi ukuthi ishwa noma ishobolo lingakuvelela nini, likuvelela kungazele muntu noma ungalindele. Lana ke singabala ukugula kona okufika kungabikanga noma ukulahlekelwa Ilunga lomndeni.

Imiphanda ibulawa izakhelani – Abantu abakhelene noma abangabangani abajwayele ukulimaza abantu.

Impi isesendeni – Kuxabele abantu abazalanayo, bandoda nye.

Indlela ibuzwa kwabaphambili – Lesi sisho sisho ukuthi uma ufuna ulwazi ngento ethile kuhle ukubuza kwabanolwazi olunzulu ngayo. Lokhu kusho ukuthi kuhle ukuncela ulwazi kubantu aseke badlula kwisimo obhekene nabo ukuze bekwazi ukuhlomisa ngobuhlakani bokuthi uqondane kanjani nesimo okuso.

Induku enhle igawulwa ezizweni – Intombi noma umakoti omuhle umthola kude noma ekuhambeni. Insizwa ukuze izogana iyahamba iyoshela. Ukuyoshela-ke akusho ukushela ngakini kuphela kepha ngisho kwezinye izigodi eziqhelelene nangakubo kwensizwa, ingakho-ke nje kuthiwa induku enhle igawulwa emazweni, ingoba ukuze ubone intombi enhle engakugana uvuse umuzi wakini kumele uphume ngaphandle uyoshela kwezinye izindawo ubone ubuhle bezwe.

Ingwe idla ngamabala – Umuntu uzenza yena ukuthi athandeke ngezenzo nangemisebenzi yakhe.

Ingwenya idlela emsingeni – Lesi saga sichaza ukuthi ubohlonipha omakhelwane noma umphakathi, ungenzi okubi phambi kwabo. Okubi kwenzelwa le esithe/ekucasheni. Enye incazelo: sisebenza kumuntu oncishanayo odlela esithe ongafuni ukupha abanye. Ikuphi “emsingeni”, emsingeni kulapho ingwenya eyaye ingene khona uma isibambe inyamazane. Iyaye iyithathe ingene nayo ekujuleni kwesiziba la ezofike idle khona kahle ingaphazanyiswa lutho. Leyo ndawo ibizwa ngokuth kusemsingeni.

Inhlwayelo yethekelwa kubangane – Uma umuntu efunela umntanakhe umendo, uyaye abheke emzini yabantu abaziyo.

Inja yawaqeda ngolimi – Kancane kancane koze kulunge.

Inkomo ingazala umuntu – Ngeke kwenzeke lokho.

Inkonjane iwele enkundleni – Umuntu oliqili ubhajwe ebuqilini bakhe.

Inkonjane yakhela ngodaka – Umuntu owenza okuhle kumele abekezele ngisho kunzima angalilahli ithemba.

Intendele ibindwe isidwa – Ukuhlakanipha kuphelele ezeni.

Intendele iwel’enkundleni – Inhlanhla izizele.

Into yomuntu umhluzi wempisi – Ungabothembela entweni yomuntu noma yokwebolekwa. Lenkulumo isukela kuwo umhluzi wempisi, ngoba uyahilana lapha emphinjeni. Uthi usawujabulela uvele ukuhile ngapha, uvele udikibale. Umhluzi wempisi ufaniswa nento yomuntu ngoba uthi usayisebenzisa kukuhle, uthi ungazelele avele afike azoyilanda. Endulo ziningi izilwane abazama ukuzidla kepha kwala kwezinye. Inyama yempisi ingenye yenyama eyasehlula kwaZulu. Kuthiwa iqinile ngalendlela exakayo noma ungayipheka kanjani. Futhi wawuthi uma uvula imbiza ikuhile, yayingaphekeki nje empeleni. Kepha bathi umhluzu wayo wawumnandi, Sesiyifuna Lana into yaso kwase kuthiwa into yomuntu umhluzu wempisi ngoba Uma umuntu esedinga into yakhe ufika noma yinini ngisho kuthiwa wakuboleka.

Intombi kayedlulwa – Kulisiko lakwaZulu ukuthi lapho insizwa idlula eduze kwentombi noma iphambana nayo iphose amagama ambalwa okweshela lokhu kuwuku khombisa ukuthi uyayibona lentokazi edlulayo.

Inxeba lendoda alihlekwa – Ungabomhleka umuntu uma esenkingeni noma evelelwa okubi ngoba kusasa kungawe.

Iqaqa alizizwa ukunuka – Umuntu akasiboni isici noma ububi bakhe.

Ithuna lendoda lisendleleni – Lesi sisho sizichaza sona nje, emandulo bekuliwa kakhulu izimpi. Othola ukuthi bekuhanjwa amabanga amade lapho kuyohlaselwa khona. Uma ke isuke isibambene ngezihluthu, ezinye izinsizwa zigcine ziphangalala khona lapho empini zingekho emakubo. Lesi sisho sisho khona ukuthi ithuna lendoda lisendleleni njengoba phela ingaya koyise mkhulu bayo isokhalweni noma endleleni ebheke empini noma kubo.

Isalakutshelwa sibona ngomopho – Umuntu ongalaleli iziyalo, noma ekhuzwa ubona ngomphumela omubi noma oyingozi.

Isilo siyawafinyeza amazipho – Umuntu onamandla noma ohlakaniphile ngeke umthole ehamba ezikhukhumeza ngalawomandla nenhlakanipho yakhe.

Isizungu sabulala inkonyane njengakwaMasuku – Insuka yalesisho esasemandula la okuthiwa khona kwakukona umuzi wakwaMasuku owawusiselwe inkomazi eyayizele inenkonyane elincane kanti leyo Nkomazi zizowushaya kuyo ishiye ithole ngemuva lingena nina. Kuthiwa lahlala ke lodwa lelinkonyane lingenanina okwathi ngokuhamba ngesikhathi babona abakhona kuloyo muzi ukuthi ngathi lelithole linesizungwana base beqhamuka nombono wokuthi lisiselwe emzini onezinkomo, kanti ke ababuzanga elangeni kwasa ngakusasa selidindilizile selifile lelo nkonyane. Ngokuthi ke akwaziwa ukuthi leli nkonyane libulawe yini kwabe sekuphuma isaga esisho khona ukuthi “isizungu sabulala inkonyane kwaMasuku”. Kanti ke sichaza ukuthi akukuhle neze ukuhlala wedwa ngoba kukhona okubi okungakwehlela uwedwa.

Kazi iyozala nkomoni – Kazi kuyokwenzakalani noma umphumela uyoba njani.

Kubambene ingwe nengonyama – Kuxabene noma kubhekene abantu abanamandla alinganayo.

Kubonwa ngokusa – Lesi saga sisebenza endodeni, engaganiwe, kubonakala ekuseni ukuthi ilale kanjani yingakho kuthiwa kubonwa ngokusa. Le nkulumo nayo ichaza umuntu ogula kukhulu, obangwa nezibi.

Kuphangwa umdaka linile yini? – Ukuphanga umdaka kusho ukujaha izinto kanye nokungwakazi ukulinda izinto zenzeke ngesikhathi sazo. Lana ke sisho ukuthi intombazane yajaha umendo nje kwenzenjani?

Kwembulwa kwembeswa – isiZulu sihloniphisa kakhulu ngasho inkulumo le iyahlonishiswa ukuze ingalumeli kulo okusuke kukhulunywa naye noma ngaye. Uma kukhulunywa ngokuthi umuntu umbulwa embeswa kusho ukuthi ugula kakhulu usebangwa nezibi impela. Siqhamuka ekutheni uma umnumnzane egula kakhulu usuke embathiswe inguba kanti ke owakwakhe usuke elokhu embula emembesa embheka ukuthi usenjani noma emnika okuzothiba ukugula okumphethe.

Lapho kukhona isidumbu ilapho kukhona amanqe – Uma umuntu esenkingeni ilapho abantu abasizakala khona ngaye.

Libheke uligcine – Osongela omunye ngokumbulala.

Lixhoshwa libhekile – Iphutha lenzeka noma uqaphele.

Nalapho kungekho qhude kuyasa – Akusho ukuthi lowo ozigqajayo uma eke wahamba kokwenziwayo kuyokuma izinto, kuyohamba kahle ngisho engasekho.

Siyoze sihlangane okhalweni lwezimpungushe – Usongo, siyoze sitholane la esiyodelisana khona, ngokulwa imvamisa.

Sobohla Manyosi – Uyophela umbuso.

Ukhamba lufuze imbiza – Ingane ifuze umzali wayo.

Ukubonga ungcongcoze – Le sisho naso siyazichaza, phela lana ilona osuke enzelwe okuhle noma umusa osuke ebonga imphatho leyo enhle akaphathwe ngayo noma isihe akenzelwe sona.

Ukugawula ubheke – Ukugawula okukhulunywa ngakho ilokhu kokugawula izinkuni noma izingodo ehlathini. Lona ke okuthiwa akabheke kusuke kumele abheke la akagawula khona ngoba phela kungavuka inyoma imshaye, ahlatshwe ufezela okanye alinyazwe izona izinkuni lezi akazigawulayo. Lesi saga sisho ukuthi kumele uqaphele la osebenzela khona ukuze ungeke uthole amathonsi abanzi.

Ukuwa kwendlu ukuvuka kwenye – Noma kungasalwa kukhalwa kubo kwentombi eyogana kepha la eyokwendela khona bayajabula ngokufika kwayo. Kanti ke enye incazelo ithi ukuthi khona okukulahlekele akusho ukuthi ngeke usazuza lutho kusasa, amandla endoda awapheli ukuthi uhluleke namhlanje akusho ukuthi ungazami kusasa.

Ukwenda ukuzilahla – Naso lesi sisho ukuthi intombazane ayazi ukuthi iyophathwa kanjani lapho eyokwendela khona.

Ukwanda ngomlomo njengembenge – Kwazi ngisho ingane ekhasayo ukuthi imbenge noma isiqabetho sinomlomo omkhulu njengoba phela imbenge isasixwexwana kushiswa ngayo impepho noma kuvalwe ngayo utshwala okhambeni. Umuntu owande njengembenge umuntu odla kakhulu ingevu kepha engenzi lutho. Ngamanye amazwi umuntu owande kakhulu ngamazwi kepha amazwi akhe angahambi nazenzo.

Ukwenza izaba – Izaba zichaza ubala noma into engekho, le sisho sona sichaza ukuthu umuntu okuthi uma kumele enze into ethile angizinikeli ekwenzeni lento akayenzayo kepha enzele nje. Usuke enza izaba phela ngoba usuke eselahlela enzela ukuthi kuthiwe ukwenzile obekumele kanti lutho ubezithela ngabandayo nje.

Umendo awuthunyelwa gundane – Lana kusuke kukhulunywa ngentombazane, itshelwa ukuthi akwaziwa ukuthi izophatheka kanjani uma ifika khona njengoba engekho owaziyo ukuthi ikusasa liphetheni.

Umendo kawu bhulelwa – Intombazane kayazi ukuthi bazoyiphatha kanjani lapho ezogana khona, ize ibone ngoba isingene phakathi.

Umendo ngumkhumulansika – La mazwi asuke ashiwo uma intombazane izishawa izinduku zayo, isigilekile emendweni, lapho isivoveke yaphela inkani ebinayo.

Umenzi uyakhohlwa kodwa umenziwa akakhohlwa – Umuntu osuke enze okubi komunye uyashesha ukukhohlwa kodwa lo osuke enziwe okubi akakhohlwa neze.

Umfana uvusa umuzi kayise – Amasiko esintu akhiwe aphinde asekelwa ngenhlonipho, futhi-ke iyona eqhakambiswa kakhulu ekuphileni nasekuziphatheni. Akusiyona into ebhalwe noma yashicilelwa phansi kepha kuyaziwa ukuthi indoda uma isinamandla okuganwa nokwakha isuke izokwakha umuzi kayise oyizalayo. Ngisho ngabe impela izophuma inxiwa la ezohlala khona nowakwayo kanye nabantwana bayo kodwa lokho akusho ukuthi isiyakhe umuzi wayo kepha isiZulu sithi umuzi kayise. Ngesintu insizwa uma yakha umuzi kayise noma ngabe uyise ukhona usandla anhlamvana kodwa ngesiZulu nguye owakha umuzi kababa wakhe ngoba kanjalo noBaba wakhe naye usuke akhe okamkhulu, okunguyise ozala yena. Umuzi-ke ngesintu umuzi ngokuthi indoda iganwe ibe nonkosikazi ngoba ngisho wakhe isithabathaba esingakanani sendlu kodwa uma ungaganiwe akusiwona umuzi ophelele loyo. Ukuvusa umuzi kayihlo kusho kona-ke ukuthi uganwe ube nezingane ozohlala nazo wena nowakwakho kulo muzi kayihlo eniwakhile.

Umkhenyana yisigodo sokuqhuzuka – Lesi saga sisho ukuthi abakubo kankosikazi uma benenkinga bayakwazi ukukhuluma nomkhenyana bacele usizo kuyo, isintu sikwazisa kakhulu ukufakelana isandla uma kukhona la okunesidingo khona. Ingakho-ke kubalulekile ukuthi abakubo kamakoti bamhloniphe umukhwe wabo futhi bamphathe kahle ngisho besabiza izibizo nangawo amalobolo.

Umkhumiso usulingene izintondolo. – Okusele sekulingene abanikazi bakho.

Umlobokazi uhamba esegcobile – Lokhu kusho ukuthi umuntu kuhle ahambe kusekuhle abantu besakujabulela ukuba naye ikakhulukazi uma evakashile.

Umswani wembabala awungeniswa ekhaya – Lana kushiwo ukuthi ekhaya akufanele kugane intombi ezalwa umthakathi ngoba izowubulala umuzi, inkinga ke ngalokho ukuthi ngeke wazi konke ngekubo lentombi ozoyithatha okusho khona ukuthi ngeke wazi noma usufaka umlilo egcekeni.

Umthente uhlaba usamila – Isimilo noma ithalente lomuntu livela esesemncane.

Ungakhulumi ngobhejane kungekho sihlahla eduze – Ungazifaki enkingeni kungenasidingo nasisombululo.

Ungayishayi ingede ngoju – Uma wenzelwe okuhle kumele ubonge.

Usifumbu ubona uqhaqhazela – Ubona isici somunye kodwa nawe ube unesakho.

Uthando kalukhethi ludwani oluwela kulo – Umuntu oseceleni angeke azi noma aqonde ukuthi yini enza insizwa nentombi bathandane kwazise phela nawo amehlo awabonelani.

Uyofika kwamkhathali isidwaba siyokuhaqa – Lokhu kusho ukuthi noma ungaba usiyazi kanjani, iqhalaqhala uqobo kodwa ke wona umendo uyokuqeda ukusa nenkani njengoba ungagayelwa mphako.

Sezihubela sakusha – Izinkobe eziphekiwe ngembiza noma ngebhodwe ngesimanje okukhulunywa ngazo lana, uma ke sezihubela sakusha zisuke sezizovuthwa ziphulwe ebhodweni. Uma sisetshenziswa ke lesaga sisuke sichaza ukuthi ungalahli ithemba ngoba izinto sezizolunga.

Siyobohla Manyosi – Lesi saga sichaza ukuthi uyophela umbuso ngoba phela akukho okungapheli.

Umsuka wasaga “Siyobohla Manyosi.”

uManyosi kaDlekeleza waduma kakhulu ngesenzo sakhe sokudla intondolo yembuzi ayiqede aze aphuze ngisho nomhluzi wayo eyedwa nje vo! Lesi saga sakheka ngamazwi kaMbomboshe ngenkathi uManyosi esehlubuka, uMbomboshe [isilo uDingane] eya kwiSilo uMpande. La mazwi ayechaza ukuthi uzolamba phela ngoba umbuso wakwaZulu wawusezandleni zikaDingane ngaleso sikhathi, ngakho-ke ngombono kaMbomboshe uManyosi wayengeke ahlatshelwe imbuzi kwaNodwengu okuyinto eyayizodala ukubohla kwesisu sakhe. Kwase kwakheka le saga esithi ‘siyobohla Manyosi. uManyosi wayeyinsizwa eyayinamahlaya, kangangokuba iLembe laze lamenza usomahlaya weso okwakuthi uma kufike izivakashi iLembe simhlabele imbuzi bese ehulula amahlaya zijabule zife izivakashi, ngapha uManyosi ebe edla imbuzi yakhe. Nesilo iDingane wayemkhonza uManyosi kepha uManyosi wakhetha ukuwela uThukela nesilo uMpande. uManyosi wahlubuka ngoba ethi umbuso kaZulu awuphephile, ukufa kukaDingane koba sekuphelile ngawo, phela isilo uDingane sasingenangane, kanti isilo uMpande sasizele ziningi izingane. uManyosi kwakuyinsizwa eyayondlekile eyayingasabe lutho, kwakuyiqhawe. Kuthiwa phela uManyosi waba yinsizwa yokuqala ukuhlabana yawisa izinsizwa ezintathu ngokuphazima kweso kwimpi yakwaGqokli eyabe iphakathi kwamaZulu [ngaphansi kweLembe] kanye namaNdwandwe [ngaphansi kukaZwide kaLanga] egqumeni elaziwa ngokuthi ikwaGqokli. uManyosi wazibula ngendodana wayiqamba wathi “uSobohla” eyiqamba sakubhingqa amazwi kaMbombosh’Omnyama (isilo uDingane).

Yinkukhu nempaka – Ubutha obukhulu lapho abantu bengabhekani nhlobo, bezondelana ukubulalana.

Yimpi yakwamabon’abulawe – Umuntu oyingozi owesatshwa njengenyoka.

Zalabantu ziye ebantwini – Intombazane yala insizwa kodwa ibuye iqome insizwa kanti ayiqomi isilwane okusho khona ukuthi umuntu uphelela kumuntu.

Comments

  1. Ukwanda ngomlomo njengembenge kusho ukuthini

    ReplyDelete

Post a Comment