Imithi Yokwelapha Yesintu

 


Imithi yokwelapha yesintu

Izihlahla kudala kusaphila okhokho bethu kwakuba yinto ebalulekile kakhulu ngoba babesebenzisa zona ukubasa umlilo uma bepheka ngoba wawungekho ugesi. Kuphinde kube wukuthi kwakuba khona izinhlobo zezihlahla ezazisiza ekwelapheni izifo ezahlukahlukene, ngoba imithi yodokotela nemitholampilo kwakungekho kudala kusaphila okhokho bethu.

Lapha sibhekisisa lezizihlahla ezisinika amakhambi okwelapha esintu, futhi uhlobo lwalezihlahla luvamise ukuba sezindaweni ezisemakhaya. Nakhona ezindaweni ezisemadolobheni noma zitholakala kodwa ziyivela kancane. Lezizihlahla zivamise ukuthi zisetshenziswe yizinyanga kanye nezangoma. Ikakhulukazi kubantu abawazi kakhulu amakhambi bavamise ukuzithanda lezizihlahla:

Umarikwata yisihlahla esikhulu esinezithelo eziphuzi eziphuma inhlamvu encane eyodwa noma ezimbili zibhanqene noma zihlangene. Uma uzidla uyazihluba. Ezinsukwini zakudala kuthiwa amacembe alesisihlahla ayesiza uma umuntu ephethwe isifo sephika, ngokuwapheka abile, kodwa uma umuntu sesimhlupha kakhulu lesisifo wayethatha impova kabhanana ayihlanganise namacembe alesisihlahla abilise ndawonye bese siphela lesisifo.

Eminye yemithi eyayisetshenziswa yilena:

Indawo

Indawo imila emaxhaphozini, ayinakekile kodwa iyasiza ukwakha amacansi. Izimpande zazisetshenziswa njengobulawu. Uma muntu ewusebenzisa lomuthi wayewucwilisa emanzini abandayo bese ewusebenzisa ngakusasa, ugxontshwe bese iqhuzu libekwe esikhwameni ngoba lona kwakuwumuthi omuhle wenhlanhla.

Inguduza

Inguduza wumuthi omilela phansi ngangasemaqakaleni ube namakhasi aliluhlaza. Izimpande zenguduza ziba yizigaxa njengo anyanisi. Umuthi wenguduza wawakhiwa ngokuthu ubiliswer, usefwe, bese kuchathwa ngawo. Kokunye wawuphuzwa ukuvula inhliziyo. Lomuthi futhi kwakulashwa ngawo izilonda, zigezwe ngawo. Nasezinganeni ezincane wawusetshenziswa ngoba ungenabo ubungozi. Uma usetshenziswa ungakavuthwa wawudala ezinye izifo. 

Unsukumbili

Unsukumbili wona wawusetshenziselwa ukwelapha izilonda. Umila ezigangeni ngokuvamile utholwe yilabo abelusayo. 

Indlonzo

Indlozo wumuthi omila ukhule ngokuxhantela ezihlahleni ezinde. Lomuthi wawusetshenziswa ukugquma ngawo uma umuntu ephethwe wumkhuhlane noma alimala wophela ngaphakathi. Wawulungiselelwa ngokugxotshwa bese unamathiselwa lapho udonsa khona bonke ubuhlungu.

Amafutha omhlaba

Amafutha omhlaba kwakuyigxolo elihlangene eliyisigaxa elalimila lishone emhlabathini kusale amakhasi ngaphandle. Kwakusetshenziswa isigaxa esisemhlabathini ukusiza emimoyeni emibi, usetshenziswa ikakhulu ngumuntu ojwayele ukuhamba ebusuku.

Ilabatheka

Ilabatheka lalivela ngamakhasi ngaphandle, isigaxa sibe ngaphansi emhlabathini. Lona lalisiza emimoyeni emibi nasemzimbeni ngaphakathi. Lalikhiwa bese lomiswa bese liqotshwa. Lalisiza uma umuntu enenkinga yamadlebe noma yamehlo, kuconsiselwe emadlebeni. Ukuvimba imimoya emibi lomuthi wawubekwa emawindini.

Izitshalo ezilusizo ekhaya, ukhula nezihlahla

Kudala abantu abamnyama babekholelwa kakhulu emithini yesintu. Ngalezozikhathi yayingekho imitholampilo. Baningi namanje abantu abasayisebenzisa lemithi, ulwazi ngayo belutholakala kwabadala batshele abasakhula njalonjalo ngezindlela zokuhlanganisa leyomithi eyelaphayo etholakala ekhaya. UMama Monica Zulu ohlala endaweni yase-Congo, eNanda owazalelwa endaweni yakwaNongoma, lapha usichazela ngokhula olwalusiza ezinganeni uma ziphupha kanye nezinye izihlahla eziwusizo.

Izihlahla eziwusizo ezidingidwa ngezansi unukani, intungwa, amakhasi kabhatata kanye namakhasi kabhanana.

Unukani

Unukani wukhula olumila uma kade kuna izulu. Lolukhula lusetshenziswa kakhulu ekuchatheni ingane uma inamaphupho amabi, ivuka ikhala uma ikade ilele futhi itshengisa ukwethuka. Lomuthi wawenziwa ngokuthatha amahlamvu awo axutshwe nawe ntungwa bese kufakwa amanzi ashisayo kuhlanganiswe. Lengxubevange yayibe isisetshenziswa ukuchatha ingane iyeke ukuphupha kabi.

Amakhasi kabhatata

Amakhasi kabhatata wona ayesiza kubantu besifazane abakhulelwe. Kudala izibhedlela zingakabibikho abantu babetetela emakhaya. Uma umuntu wesifazane ethola ukuthi usekhulelwe wayephuza isihlambezo, namanje basekhona abantu abasasisebenzisa isihlambezo. Ziningi izinhlobo zemithi ezisetshenziswayo ukwenza isihlambezo kuya ngokuthi umuntu okwenzelayo wazi siphi. Kulesisigaba sikhuluma ngesilula noma ngubani angakwazi ukuzenzela sona. Kwakusetshenziswa amakhasi kabhatata lapho sekusondele izinsuku zowesifazane zokubeletha.

Amakhasi ayephekwa noma abiliswe, uma esepholile acwengwe umuntu uphuze amanzi awo. Kwakunenkolelo yokuthi lokhu kwakusiza ukuxebula noma ukuthambisa ingane ngaphakathi ukuze kuthi uma umuntu esebeletha angabuzwa ubuhlungu asheshe akhululeke.

Amakhasi kabhanana

Ubhanana yisithelo esidliwayo kodwa futhi siwusizo kakhulu uma kukhona umuntu ogulayo. Izinyanga kanye nezangoma ubhanana ziwusebenzisa kakhulu ezinsizini zokukhothwa, nezokugcaba kanye nokugcoba. Kwesinye isikhathi kwakusetshenziswa izimpande zesihlahla sikabhanana zishiswe ukuze zibe insizi. Amakhasi kabhanana futhi ayewusizo kumuntu onebhande. Amakhasi kabhanana ayeshiswa, agcotshwe lapho kumila khona ibhande.

Isihlahla umhlakuva

Umhlakuva yisihlahla esasivamise ukumila endaweni esehlathini, ewugwadule noma eduze komfula. Isihlahla umhlakuva sasisiza kakhulu kubantu abanezilonda ezingapholi. Uma umuntu enesilonda esingapholi kwakuthathwa amahlamvu omhlakuva agaywe bese enamatheliswa esilondeni qede siboshwe ngendwangu. Ngesikhathi siboshwa isilonda kwakumunceka konke ukungcola, kuphume amanzi ngaphakathi. Umuntu wayelokhu ephinda enameka esilondeni size sigcine sesipholile.

Izimpondo zenkomo

Uma kwenziwe imisebenzi yesintu emakhaya, kuyahlatshwa isilwane mhlawumbe inkomo. Ngokwesiko izimpondo ziyathathwa zishayelelwe ngaphambi komnyango. Izimpondo zenkomo ziwusizo kakhulu uma umuntu enesilonda esingapholi. Kuthathwa izimpondo zenkomo esezinentshakuza (uphondo lwenkomo oludala oselumile inkowankowane) bese kubaswa umlilo, kuthathwe uphondo lufakwe emlilweni lushe luze lube wumlotha. Lowo mlotha wophondo ube usuthathwa ufakwa esilondeni esingapholi. Isilonda sasiqala ngokuba namaqhuqhuva okwakukhombisa ukuthi siyahlangana, siyaphola.

Ibohlololo

Ziningi izindlela zokulimala kwabantu, abanye balimala kubonakale isilonda kodwa abanye balimala ngokushayeka bese umuntu eyavuvukala nje kuphela. Uma ngabe umuntu elimele kwangaphuma igazi lapho alimele khona, avuvuke nje kuphela, umuntu uthatha amakhasi ebohlololo, awabilise bese ethoba ngawo. Kufanele amanzi ashise kakhulu. Lokhu kufanele umuntu akwenze angayeki zonke izinsuku kuze kwehle ukuvuvukala. Uma umuntu eseqedile ukuthoba uthatha amakhasi abekade ethoba ngawo awanameke lapho okuvuvukele khona abese eyabopha, laphoke kuyaye kuye ngokuphela ukuvuvukala umuntu abe ngcono.

Isihlahla umsilinga

Isihlahla somsilinga sasisiza uma kuchathwa ingane, ukukhipha ukushisa uma kade kushisa ilanga kakhulu. Sasisiza futhi lapho ingane inesilonda. Siphinde sisize kakhulu nakomasikito uma kusehlobo. Ukubulala omasikito kwakubekwa amahlamvu omsilinga ngaphambi komnyango.

Iboza

Abantu abaningi ikakhulukazi abamnyama iboza balazi kakhulu ukuthi lisetshenziswa uma umuntu ephethwe wumkhuhlane noma kuzochathwa ingane uma kade ilanga lishisa kakhulu unina efuna ukukhipha ukushisa ngaphakathi enganeni noma nje iziphathelwe wumkhuhlane.

Isihlahla umbondo

Umbondo wumuthi wokuphalaza noma wokugquma uma ufuna ukungabi nesidina. Uma ugquma ngawo uwuhlanganisa nomlahlankosi elinye igama lawo okuwumphafa. Umphafa uyadliwa kodwa uyisihlahla esinameva. Uma ugquma ngaso uhlanganisa umphafa kanye nesiqunga uma uzwa ukuthi ufuna ukuphalaza. Abantu bakuqala babethanda ukuthi uma beyofuna umsebenzi bahambe bephalazile, babekholelwa ukuthi basuke behlanzekile futhi awekho amathunzi amnyama azobavimbela phambili.

Isihlahla umnyamathi

Umnyamathi ubizwa ngokuthi ngamathunzi entaba. Umnyamathi wawusiza kakhulu uma kushoniwe ekhaya, okwakuthi ngesikhathi kumele kugezwe ngaso, kuxetshulwa igxolo lomnyamathi nomganu ukuyosusa amathunzi amnyama. Uma kugezwa, kwakugezelwa emfuleni ohambayo ukuze namabhadi omuntu ahambe. Abasaziyo lesi sihlahla bathi igxolo lakhona linezinhlansi, ngisho ngabe igxolo lisanda kugawulwa esihlahleni uma ulibhekisa elangeni noma ngabe lomile zizobonakala.

Izihlahla lezi zichaza ukuthi abantu nabo bakuqala babegcina imvelo nokuthi zingagawulwa noma yikanjani ngoba zaziba wusizo kubona. Namanje ziwusizo kubona bonke abantu njengoba ziyimvelaphi yethu okudinga ukuthi sikwenze ukuthi sizigcine singazishisi singazigawuli ukuze nabanye bazibone.


Comments