Amaphupho ngothando nomshado

 


Amaphupho ngomqhele

Ukuphupha ugqoke umqhele, unikezwa umqhele, noma omunye oyilunga lomndeni wakho okanye umuntu othandana naye egqoke umqhele; lokho kuyinto engeyinhle. Imvamisa leli kuba iphupho elijwayelekile kubantu asebeshadile. Lisuke libika ukuthi kumalungiselelo omshado okungaba amalobolo, umembeso, izibizo noma okunye, kusuke kukhona okungahambanga ngendlela ebifanelekile okwenze umshado wabo wangamukeleka ngokuphelele emadlozini. Ngakho-ke kubalulekile ukuthi umuntu ophuphe ngomqhele ahlaziye konke ngendlela okwenzeke ngayo noma uthole usizo kubantu ababona ngeso labaphansi ukuze bamndlalele iphutha noma inkinga bese futhi benikeza nendlela izinto ezingalungiseka ngayo.

Amaphupho ngomshado

Uma uphupha ushada noma usemshadweni, lokho kuchaza ukuthi emndenini kukhona ozoshona noma ozovelelwa yinkinga embi. Kodwa uma umuntu ephupha akuvamisile ukuthi aziphuphele yena, iphupho lisuke limayelana nomunye umuntu.

Amaphupho ngengubo yomshado

Iphupho ngengubo yomshado lisho isifo esiwumkhokha omubi ekhaya noma ukushona komuntu aye kwelokhokho. Leliphupho lisondelene nabantu abaseduze nawe noma abayizihlobo zegazi kuwe. Amaphupho ngomshado.  

Amaphupho ngendandatho yomshado

Uma uphupha ukuthi ulahlekelwe indandatho yakho yomshado kusho ukuthi awusamthandi umyeni noma unkosikazi wakho. Amaphupho ngokucela umshado. Amaphupho ngobucwebe obuqgokwayo.

Amaphupho ngezimbali zasemshadweni

Uma uphupha ukuthi uphethe izimbali zikamakoti kusho ukuthi uzoshada maduzane. Uma uzitshinga noma uzilahla kusho ukuthi ngelinye ilanga uzoba nedivosi. Amaphupho ngezimbali. Amaphupho ngomcimbi womshado.

Amaphupho ngokwaliwa

Uma uphupha ukuthi othandana naye ukushiyile kusho ukuthi umuntu onaye uzoba ngothembekile kuwe.

Amaphupho ngesithembu

Uma uphupha ukuthi unabayeni abaningi noma amakhosikazi amaningi kusho ukuthi ikhaya lakho lizoba nenjabulo libe yindawo efudumele futhi umndeni wakho uzothuthuka.

Amaphupho ngokucela umshado

Uma uphupha ukuthi kukhona okucele umshado kusho ukuthi abantu bayakuqonda futhi bazokuphatha kahle. Amaphupho ngendandatho yomshado. Amaphupho ngokuthembisa umshado.

Amaphupho ngokuthembisa umshado

Uma uphupha ukuthi wena noma abangani bakho nithembisa umshado akukuhle futhi akukubi. Kusho nje ukuthi awuzukuba nenhlanhla enhle noma ibhadi maduzane.

Amaphupho ngedivosi

Uma uphupha ukuthi omthandayo ufuna idivosi kuwuphawu oluhle. Kusho ukuthi bakhuluma iqiniso nawe.

Amaphupho ngokushaya

Uma uphupha ukuthi ushaya umyeni noma unkosikazi wakho kusho ukuthi uzoba nomshado omuhle nekhaya elinenjabulo. Uma kuwumuntu ozwana naye kuyibhadi.

Amaphupho ngomakoti, umkhwenyana noma impelesi

Uma uphupha ukuthi ungumakoti ungumkhwenyana noma uyimpelesi kuyibhadi futhi uzobhekana nosizi ukhale izinyembezi maduzane. Uzolwa nophathina wakho futhi ubudlelwane benu buzophela. Amaphupho ngomcimbi womshado.

Amaphupho ngamadoda angaganiwe

Uma uphupha ukuthi uyindoda eseyintsha engaganiwe kusho ukuthi uzohlangana nomngani omdala noma isihlobo maduzane. Ukuphupha ukuthi uyindoda esikhulile engaganiwe kusho ukuthi awuzushada noma ukuthi umshado wakho uzoba nezinkinga.

Amaphupho ngokuthandana nomuntu ngaphandle komshado wakho

Uma uphupha ukuthi ube nobudlelwane nomuntu ngaphandle komshado wakho kusho ukuthi uzophulwa inhliziyo futhi uzoba nebhadi othandweni.

Amaphupho ngomcimbi womshado

Uma uphupha ukuthi uyashada kuyibhadi ikakhulukazi kwabesilisa. Kusho ukuthi kuzoba nezikhathi ezinzima empilweni yakho maduzane. Uma omunye wabantu ephusheni lakho begula noma bekhubazekile kusho ukuthi uzoba nomshado ongenayo injabulo. Kuyinhlanhla kuphela uma umuntu wesifazane eziphupha eshada nekhehla. Amaphupho ngomshado nomuntu ongasekho. Amaphupho ngamakhekhe. Amaphupho ngezimbali zasemshadweni. Amaphupho ngomakoti, umkhwenyana noma impelesi.

Amaphupho ngokuqabula

Uma uphupha ukuthi uqabula uphathina wakho, kuyibhadi ngoba ubudlelwane benu buzophela maduzane. Uma kungumyeni noma unkosikazi wakho, kungenzeka bathandane nomunye umuntu. Uma nje kungumuntu omuhle, kuyinhlanhla futhi kusho ukuthi kukhona ozokusiza uphume enkingeni maduzane.

Comments