Amaphupho ngomzimba

 Ukuphupha usesikhathini noma uya esikhathini

Leli yiphupho elibhekene nabantu besifazane kuphela ngoba umuntu wesilisa akayi esikhathini. Lihle kakhulu kumuntu osuke ebhekene nenkinga noma izinkinga, libikezela ukudlula kulobo bunzima noma izingqinamba asuke ebhekene nazo. Imvamisa umuntu usuke engasiboni isixazululo futhi eselahle nethemba, kepha esikhathini esingeside isixazululo sisuke sizozifikela futhi aphume kuleyo nkinga kalula. Usizo lokuphuma kuleyo nkinga lusuke luzoqhamuka kumuntu obelungalindelwe kuyena nangesikhathi ebesingalindelwe.

Amaphupho ngomgogodla

Uma uphupha ukuthi uphuke umgogodla, kusho ukuthi uzohlulwa ngomunye umuntu emncintiswaneni noma emsebenzini. Kepha, uma umgogodla wakho unamandla futhi uqondile, kusho ukuthi ikusasa lakho linenjabulo.

Amaphupho ngamakhanda

Uma uphupha ukuthi unekhanda elikhulu uzoba nenhla

Amaphupho ngamashiya

Uma uphupha ukuthi amashiya akho agcwele futhi ma

Amaphupho ngezifuba

Uma uphupha ukuthi uyamele esifubeni somuntu noma

Amaphupho ngezintshebe

Uma uphupha ukhule intshebe uzoba nenhlanhla othan

Amaphupho ngamehlo

Uma uphupha ukuthi ulahlekelwe elinye lamehlo akho kusho ukuthi kunengozi emzini wakho futhi kufanele uqaphele. Uma ukhala ungakhathazeki kusho ukuthi kunenjabulo ezayo kuwe maduzane nje. Kepha uma udinga izibuko ephusheni lakho kusho ukuthi kukhona ozokujikela obucabanga ukuthi ungamethemba.

Amaphupho ngesisindo

Uma uphupha ukuthi uzacile noma siyehla isisindo sakho kusho ukuthi kunenkathazo ezayo. Kusho nokuthi ungalahlekelwa yimali ekusaseni lakho – ngakho-ke qaphela ukuthi uyisebenzisa kanjani nokuthi uyiboleka bani. Kodwa uma uphupha ukuthi uyisidudla kusho ukuthi uzolwa nophathina wakho.

Amaphupho ngomchamo nendle

Uma uphupha ukuthi ubona noma unuka umchamo noma indle kusho ukuthi kukhona okuthakathile. Uma kunuka kabi kakhulu kusho ukuthi ukuthakatheka kuyasebenza ngempela. Udinga ukubona umelaphi ukuze uthole usizo.

Amaphupho ngokulala

Uma uphupha ukuthi ulele yishwa ngempela. Kodwa uma uvuka kusho ukuthi kukhona ozokutshela ukuthi uyakuthanda uphelelwe wusizi.

Amaphupho ngokushefa

Uma uphupha ukuthi uyashefa kusho ukuthi udinga ukuqaphela abangani bakho ngoba kungenzeka ukuthi bakwenza isilima – ikakhulukazi mayelana nomuntu othandana naye. Uma uphupha ukuthi ushefa indawo ethize emzimbeni kusho ukuthi uzoba nenkinga lapho.

Amaphupho ngamadevu

Uma uphupha ukuthi ukhule udevu kuzoba nokulwa ekusaseni lakho kodwa uzokwazi ukukulungisa konke uma nje wenza into elungile.

Amaphupho ngezinhliziyo

Uma uphupha ukuthi inhliziyo yakho ibuhlungu ubudlelwane bakho nomthandayo buzophela maduzane usale uphuke inhliziyo.

Amaphupho ngezinqe

Uma uphupha ukuthi umuntu ukukhombisa izinqe zakhe ezinqunu kusho ukuthi kunamashwa azayo kuwe. Kungenzeka ukuthi kunomuntu ozama ukukuthakatha.

Amaphupho ngezingalo

Uma uphupha ukuthi izingalo zakho ziphelelwe amandla kusho ukuthi kungenzeka uzizwe ungaphilile ezinsukwini ezizayo. Kodwa ke uma uphupha ukuthi izingalo zakho zinamandla uzozithola uthuthuka ungalindele.

Amaphupho ngeminyaka yobudala

Uma uphupha ukuthi usemusha kodwa ungasemusha kusho ukuthi uzogula maduzane. Uma usemusha uphupha ukuthi usugugile uzohlangabezana nobunzima empilweni yakho maduze nje.

Amaphupho ngesikhumba

Uma uphupha ukuthi isikhumba sakho sinezinduna kusho izinto ezinhle ngobudlelwane bakho nothandana naye. Uzohlangana nomuntu maduzane noma uzoba nenhlanhla nophathina wakho wamanje. Kodwa uma uphupha isikhumba sakho sisikwa kufanele uqaphele. Kusho ukuthi umuntu omethembayo kungenzeka abe yisitha.

Amaphupho ngemilenze

Uma uphupha ukuthi imilenze yakho noma amadolo akho aphelelwa amandla uzoba namashwa ikakhulukazi uma uwa phansi ngenxa yalokho. Kodwa uma inamandla nawe uzoba namandla nempilo – ikakhulukazi uma ungowesilisa. Uma ungowesifazane ngenjwayelo kusho ukuthi umyeni wakho uzokunakekela futhi akuphathe kahle.

Amaphupho ngemilomo

Ukuphupha ngomlomo kungasho izinto eziningi ezithinta impilo yakho kanye nabantu ophila nabo. Umlomo onukayo– lokho kusho ukuthi abantu sebephonsa ithawula ngawe ngenxa yezinto ozenzayo. Amazinyo – lokho kusho ukuthi uzomenywa endaweni ejabulisayo maduzane kodwa uma likhishwa izinyo kusho ukuthi uzolahlekelwa umngani. Umlomo  ugxaza amathe – lokhu  kusho ukuthi uzolahlekelwa yimali maduzane.

Amaphupho ngobuso

Uma uphupha ukuthi ubuso bakho bukhulu futhi buvuvukele uzozithola ucebile futhi uthole udumo ekusaseni lakho kodwa uma buphaphathekile noma bunciphile ungaba senkingeni maduzane nje. Uma ubugeza udinga ukuphenduka ulungise into oyenzile. Uma ubona ubuso bakho kubukeka njengomunye umuntu kungenzeka ukuthi uzothuthela emzini omusha noma emsebenzini omusha maduzane.

Amaphupho ngezinzipho

Uma uphupha ukuthi izinzipho zakho sezikhulile zaba zinde kusho ukuthi inhlanhla nengcebo kusendleleni. Kungcono kakhulu uma uphuphe umyeni noma unkosikazi onezinzipho ezinde ngoba lokhu kusho ukuthi bazosebenza kanzima futhi bakusekele. Kepha uma uphupha ngezinzipho ezimfushane kusho ukuthi kukhona okuzokulahlekela maduzane. Kodwa ke uma zimfushane ngoba uzigunda noma uzidla ephusheni lakho kusho ukuthi uzoxabana nelungu lomndeni wakho.

Amaphupho ngeminwe nezandla

Uma uphupha ukuthi izandla zakho zingcolile kusho ukuthi ubhekene nokulingeka ukwenza into embi. Uma zingagcolile nje kuphela kodwa zinamfuka futhi kusho ukuthi uzohlupheka ngokwezimali ubempofu ngenxa yalento olingekayo ukuyenza. Uma isandla sakho noma iminwe yakho ilimele uzolahlekelwa umsebenzi maduzane futhi uma umuntu enqume umunwe wakho noma isandla sakho kusho ukuthi maduzane uzolahlekelwa yinto oyisebenzele kanzima. Uma uboshwe izandla ephusheni kufanele uqaphele – kusho ukuthi kunenkathazo ezayo kuwe.

Amaphupho ngezinwele

Incazelo yawo wonke amaphupho ngezinwele isuke ibikezela ngamandla akho noma lowo osuke esephusheni lakho, bese ihlukaniswa ilokho okusuke kwenzeka kuzo noma ngazo izinwele.

Ukuphupha uzibuka – kusho ukuthi uzothola uthando maduzane kodwa lowo muntu kungenzeka ukuthi uthanda omunye umuntu.

Ukuphupha uzikama – kusho ukuthi uzolahlekelwa yinto ebalulekile kanti ukushintsha umbala wezinwele zakho kusho ukuthi kunenkathazo ezayo.

Ukuphupha sezikhule kakhulu zizinde – kusho ukuthi usungumqambimanga futhi uma sezibomvu kufanele uqaphele izitha empilweni yakho. Uma ziphuma izinwele zakho kusho ukuthi ukhathazekile ngenxa yabanye abantu.

Ukuphupha zikhula – Lokhu kusho okukhula kwamandla onawo, kungaba ngokwesikhundla kumsebenzi owenzayo, ukudlondlobala ngokwebhizinisi onalo, ukunyuka ngokwezinga lwempilo oyiphilayo njalo njalo.

Ukuphupha unempandla –  kusho ingcebo nempilo kwabesilisa nokuhlupheka ngokwezemali kwabesifazane. Uma owesilisa ozwana naye enempandla ephusheni lakho akufanele ngabe nindawonye futhi nizoba senkingeni maduzane.

Ukuphupha uzigunda  – Lokhu kusho ukulahlekelwa Amandla onawo noma ukuncipha kwawo. Kubalulekile ukuba uqaphele lowo osuke ekugunda izinwele Kanye nendawo osuke ukuyo, ngoba lawo mandla usuke uzowalahlekelwa ngenxa yakhe nakuyo leyondawo osuke ukuyo.

Amaphupho ngamakhala

Uma uphupha ukuthi ikhala lakho alikho kuwuphawu lebhadi (ikakhulukazi uma ugula). Uma uphupha ukuthi likhulu kakhulu uzoba yisigwili kodwa ube nobunzima ekutholeni uthando futhi uzojwayela ukuxabana nabanye. Uma lilihle lolu uphawu lenhlanhla futhi kusho ukuthi uzothandwa emsebenzini. Uma ubona ikhala lakho nje kuphela futhi ungazi ukuthi kungani kungenzeka ukuthi kusho ukuthi ukusebenza kwakho kanzima akuzukuba namvumzo. Okokugcina uma kuphuma igazi emakhaleni ephusheni lakho kungenzeka uhlangabezane nezinkinga maduzane.

Comments