Amaphupho ngomthetho necala nesijeziso

 


Amaphupho ngefa

Uma uphupha ukuthi ufunda iphepha elinezifiso zokugcina noma kukhona ifa olushiyelwe lona ngoseshonile kusho ukuthi uzolahlekelwa yinto ebalulekile kuwe.

Amaphupho ngesamanisi

Uma uphupha ukuthi uthole isamanisi kusho ukuthi uzoba nempilo enokuthula futhi uzwane nawo wonke umuntu omaziyo.

Amaphupho ngesijeziso

Uma uphupha ukuthi ujeziselwa okuthile kusho ukuthi uzoba nenhlanhla maduzane.

Amaphupho ngamaphoyisa

Amaphupha anezincazelo ezahlukene, kukhona lezo eziqondile kuphinde kubekhona nalezo ezifihlekile. Ukuphupha amaphoyisa kusho okungekuhle, okungabalwa phakathi kwakho izitha zakho, noma ke isifo esiza koseduze nawe. Uma uphupha ukuthi ubona amaphoyisa noma amasosha, kusho ukuthi kunento embi esazokwenzeka. Uma ulwa noma uxoshwa ngamaphoyisa lokho kusho ukuthi kunezitha ezikuthakathayo noma ezikugadla ngemithi.

Amaphupho ngesifungo

Uma uphupha ukuthi uthathe isifungo kusho ukuthi ubunzima obhekene nabo manje buzophela maduzane.

Amaphupho ngecala

Uma uphupha ukuthi uwine icala lomthetho kusho ukuthi uzonqoba izitha zakho uphumelele.

Amaphupho ngommeli

Uma uphupha ukuthi ukhuluma nommeli kusho ukuthi uzolwa nomuntu maduzane kodwa uzonqoba. Uma kunguwena ongummeli kuhle kakhulu. Uzohlonishwa ngezenzo zakho ezinhle.

Amaphupho ngejaji

Uma uphupha ukuthi uvela phambi kwejaji kungenzeka ucelwe ukuthi uchaze ngezinto oke wazenza. Uma kuhamba kahle izinto ezinhle zizokwenzakalela – ikakhulukazi emsebenzini.

Amaphupho ngozankosi

Uma uphupha ukuthi ufakwe ozankosi ungabhekana nesiyengo esizokufaka enkingeni enkulu uma ungaqapheli.

Amaphupho ngomseshi

Uma uphupha ukuthi ukhuluma nomseshi inkinga onayo izoxazululeka maduzane.

Amaphupho ngenkantolo

Uma uphupha ukuthi usenkantolo kusho ukuthi uzonqoba izitha zakho. Uma ukhona ngoba ungufakazi ecaleni kusho ukuthi uzobizwa ukuthi usize umuntu omaziyo maduzane.

Amaphupho ngejele

Uma uphupha ukuthi usejele lokho  kuyinto enhle. Kusho ukuthi uzoba nenhlanhla emsebenzini ube nodumo futhi uphumelele ezintweni ozenzayo. Uma weqa ejele kuhle kakhulu futhi kusho ukuthi uzonqoba izinkinga zakho. Uma usebenza njengojele kusho ukuthi abangani bakho bazophuma ezinkingeni maduzane.

Comments