Amaphupho ngomsebenzi nesikole

 


Amaphupho ngomsebenzi nesikole

Asho ukuthini amaphupho ngomsebenzi nesikole? Lokhu kuhlanganisa umqashi, umsebenzi nokukhushulwa emsebenzini, izincwadi, iziqu, imfundo, ipeni noyinki, izivivinyo namayunivesithi.

Amaphupho ngeyunivesithi

Uma uphupha ukuthi useyunivesithi/ usenyuvesi kusho ukuthi uhlakaniphile kakhulu futhi kufanele uzame ukusebenzisa amathalente akho emsebenzini wakho. Amaphupho ngesikole. Amaphupho ngezivivinyo. Amaphupho ngemfundo.

Amaphupho ngezivivinyo

Uma uphupha ubhala isivivinyo uzobhekana nokuhlupheka maduzane nje. Kunabantu abafuna ukukujikela kodwa uma usebenza kanzima uzophumelela. Amaphupho ngesikole.

Amaphupho ngesikole

Uma uphupha ukuthi usesikoleni noma kuzobe kubukwa wena emhlanganweni olandelayo oya kuwo. Njengoba amaphupho enezincazelo ezahlukene, ukuphupha ngesikole kubuye kusho ukuthi kumele uthwase. Amaphupho ngezivivinyo. Amaphupho ngemfundo.

Amaphupho ngepeni noyinki

Uma uphupha ukuthi ubhala ngamapeni noyinki kusho ukuthi kufanele uqaphele ukungazikhandli kakhulu ngomsebenzi wakho wesikole. Amaphupho ngesikole. Amaphupho ngezivivinyo. Amaphupho ngemfundo.

Amaphupho ngemfundo

Uma uphupha ukuthi usesikoleni noma wenza ikhozi kusho ukuthi uzophumelela empilweni. Amaphupho ngesikole. Amaphupho ngezivivinyo.

Amaphupho ngeziqu

Uma uphupha ukuthi uthole iziqu noma uyagreda kodwa ungesona isitshudeni kusho ukuthi uhlakaniphile kodwa umosha ithalente lakho. Amaphupho ngesikole. Amaphupho ngezivivinyo.

Amaphupho ngezincwadi

Uma uphupha ukuthi ufunda izincwadi kusho ukuthi kungenzeka uhlangabezane nokulahlekelwa maduzane nje ngenxa yabangani bakho abangathembekile. Uma uphupha ukuthi ufunda izincwadi zesikole kusho ukuthi uzojabula maduzane ngenxa yokusebenza kwakho kanzima. Amaphupho ngesikole. Amaphupho ngezivivinyo. Amaphupho ngemfundo.

Amaphupho ngokukhushulwa emsebenzini

Uma uphupha ukuthi ukhushuliwe emsebenzini uzophumelela emsebenzini wakho. Amaphupho ngomsebenzi. Amaphupho ngomqashi. Uma uphupha ukuthi uyaqhuga.

Amaphupho ngomsebenzi

Uma uphupha ukuthi unikezwe umsebenzi omkhulu uzohlangabezana nezinkinga maduzane futhi kuzofanele usebenze kanzima uma ufuna ukuphumelela. Amaphupho ngokukhushulwa emsebenzini. Amaphupho ngomqashi.

Amaphupho ngomqashi

Uma uphupha ubona umqashi wakho kusho ukuthi uzoba nezinkinga emsebenzini uma ungaqapheli ukuthi wenzani. Amaphupho ngomsebenzi. Amaphupho ngokukhushulwa emsebenzini.

Comments

  1. ngiphuphengiseskoleni kodwa engathi sinikwa umsebenzi kodwa angiboni into ebhalwe ebhodini kuyafithiza

    ReplyDelete
  2. Ukuya esikolweni kodwa uladelwe

    ReplyDelete
  3. Uma uphupha ugreda noma uthola iziqu kodwa ube uyisona isitshudeni. Kusho ukuthini?

    ReplyDelete

Post a Comment