Amaphupho ngokupheka nokudla nokuphuza

 


Amaphupho ngendlu yokudlela

Ukuphupha usendlini yokudlela udla, lokho kuyibika lokuthi esikhathini esingengakanani kukhona abantu ozohlangana nabo, kuthi isiphetho sokuhlangana nabo nokubazi kube ukuphembeka kobungani. Leli phupho liyafana nokuphupha imvilophu ngokwencazelo yalo. Kanti uma uzophupha usendlini yokudlela kodwa ube ungadli lutho, lokho kungase kube yibika lokudlula emhlabeni kwesihlobo sakho.

Amaphupho ngokudla

Ukuphupha udla kungasho into enhle kanye nengeyinhle ngempilo yakho.

Uma uphupha ukuthi udla ukudla okumnandi uzothola injabulo nempumelelo empilweni. Uma udla ulele phansi kusho ukuthi kukhona okuzokulahlekela. Uma ungowesifazane ongashadile kusho ukuthi kuzoba nezinkinga nelobolo lakho. Uma udla ekamelweni lokudla kusho ukuthi uzokwenza umngani omusha maduzane. Uma uphupha ukuthi udla kangangokuthi uzizwa ungaphilile kusho ukuthi uzohlupheka ngokwezemali.

Eye incazelo ngokuphupha udla

Uma uphupha udla usuke udliswa ngephupho. Uma ukudlile ukudla ephusheni lokho kusho khona ukuthi idliso lingenile ngaphakathi, kanti uma uphaphame ngaphambi kokuthi udle lokho kudla kuba ngcono , lokho kusho ukuthi alingenanga idliso.

Amaphupho ngembiliso

Uma uphupha ukuthi usebenzisa imbiliso kusho ukuthi kunemali ongayilindele ezayo maduzane.

Amaphupho ngokolo

Uma uphupha ukuthi ubona ukolo kusho ukuthi ibhizinisi lakho lizothuthuka futhi uzothola zonke izinto ozithandayo.

Amaphupho ngamaswidi

Uma uphupha ukuthi udla amaswidi kusho ukuthi uzothola izindaba ezimnandi noma isipho. Uma uphupha unikezwa amaswidi lokho kukhomba inhlanhla. Imvamisa lowo muntu okunikeza uswidi kusuke kungumuntu omaziyo futhi osondelene noma obesondelene nawe uma engasekho emhlabeni. Inhlanhla oyithola kulokho obuvele ukufisa usuke uyinikwa nguyena njengedlozi lakho. Kepha kwesinye isikhathi leyonhlanhla isuke ingabhekene nawe kodwa isuke izoya kwelinye ilunga lomndeni wakho noma omunye wabangane bakho. Izibonelo zohlobo lwezinhlanhla kungaba ukuthola umsebenzi, ukuklonyelwa ngokuthile, noma ukukhushulwa esikhundleni.

Amaphupho ngoshukela

Uma uphupha usebenzisa ushukela kusho ukuthi awuzukuba nemali eyanele yazo zonke izinto ozidingayo.

Amaphupho ngesobho

Uma uphupha ukuthi udla isobho kusho izinto ezinhle ngekusasa lakho. Amaphupho ngokudla.

Amaphupho ngosawoti

Uma uphupha ukuthi usebenzisa usawoti kuwuphawu oluhle futhi kusho ukuthi uzophepha abanye behlupheka.

Amaphupho ngerayisi

Uma uphupha ukuthi udla irayisi kuwuphawu olubi futhi kusho ukuthi uzoba nezinkinga maduzane. Amaphupho ngokudla.

Amaphupho ngamakinati

Uma uphupha ukuthu udla amakinati kuwuphawu lokuba nempilo nentuthuko uma emnandi kodwa uphawu lwesikathi esinzima uma ebolile noma ekhakhile.

Amaphupho ngamasi

Uma uphupha ukuthi uphuza amasi kuwuphawu olubi uma ebolile futhi kungenzeka uxabane nophathina wakho. Amaphupho ngokudla.

Amaphupho ngojeli

Uma uphupha ukuthi udla ujeli kufanele uqaphele ngoba kungaba nengozi empilweni yakho ikakhulukazi eyomlilo.

Amaphupho ngojamu

Uma uphupha ukuthi udla ujamu kuwuphawu olubi ngaphandle uma uzenzele lowo jamu. Uma kunjalo kusho impumelelo nentuthuko.

Amaphupho ngoju

Uma uphupha ukuthi udla uju kusho ukuthi uzobusiswa ngenhlanhla nentuthuko.

Amaphupho ngofulawa

Uma uphupha upheka ngofulawa kusho ukuthi izikhathi ezinzima zingehlela umndeni wakho maduzane.

Amaphupho ngamaqanda

Uma uphupha ukuthi udla amaqanda kusho ukuthi uzoba nempumelelo emsebenzini noma esikoleni. Kodwa uma amaqanda ebolile kusho ukuthi kuzoba nenkathazo empilweni yakho.

Leli iphupho incazelo yalo engahlukaneseka kabili,okuya ngesimo sawo amaqanda osuke uwaphuphile, kodwa isisekelo salo sikwimpumelelo.

Ukuphupha amaqanda afile – Kusho ukungaphumeleli kulokho okwenzayo noma obuhlose ukuqala ukukwenza, kungaba ngokwemfundo, umsebnzi, ibhizinisi, uthando njalo njalo.

Ukuphupha amaqanda angafile noma asechamiselile – kusho ukuphumelela kulokho okwenzayo noma osezinhlelweni zokukufeza. Kanti uma engafile efukanyelwe isikhukhukazi kuchaza ukuthi izinhlelo zakho zivikelekile, abukho obungozi obungase bulimaze ozama ukukwenza.

Amaphupho ngoshizi

Uma uphupha ukuthi udla ushizi kusho ukuthi ukushesha kwakho uthukuthele kanye nokungakwazi ukulinda kuzokufaka enkingeni.

Amaphupho ngekhekhe

Uma uphupha ukuthi udla ikhekhe kusho ukuthi uzoba nenjabulo empilweni yakho.

Amaphupho ngesinkwa

Uma uphupha ukuthi udla isinkwa kusho ukuthi kuzokwenzeka izinto ezinhle kuwe futhi uzophumelela empilweni. Kodwa uma udla isinkwa esinezinhlamvu eziningi nokolo oluningi phakathi kusho ukuthi kungenzeka ukuthi ubhekane nesikhathi esinzima emsebenzini.

Amaphupho ngamanzi

Uma uphupha ukuthi uphuza amanzi kuyinhlanhla enhle uma nje ingilazi igcwele futhi amanzi ehlanzekile. Uma amanzi enodaka noma ingilazi ingcolile noma ifile uzolahlekelwa yinto ebalulekile maduzane noma umuntu omaziyo uzokucela usizo. Kanti ke ukuphupha amanzi ahlanzekile, phakathi kuwo kukhona izinhlanzi kanye nenyoka – lokho kusho ukuthi izinto zakho ziyakhanya noma zimhlophe.

Ukuphupha amanzi angcolile futhi eyizikhukhula kusuke kukhomba ukukhulelwa okungaba kuwe uma ungumuntu wesifazane noma okungaba komunye umuntu osondelene nawe. Kephake uma ehlanzekile asuke ebika ukusuka kwebhadi ebelikusingathile noma ubungozi obukade ubhekene nabo, kungaba ubungozi obuwazi ngabo noma obukade ungazi ngabo.

Amaphupho ngetiye

Uma uphupha ukuthi uphuza itiye kusho ukuthi izinto ezinhle ziyeza kuwe.

Amaphupho ngobisi

Uma uphupha ukuthi uphuza ubisi kusho ukuthi uzoba nenhlanhla.

Asho ukuthini amaphupho ngekhofi?

Uma uphupha ukuthi uphuza ikhofi kusho ukuthi kuzokwenzeka izinto ezimbi maduzane. Kuphakathi kokuthi uzolwa noma umuntu omethembayo kuzotholakala ukuthi uyimbuka.

Amaphupho ngokuthenga ukudla

Uma uphupha ukuthi uthenga ukudla kusho ukuthi kukhona into ozoyithola maduzane ikakhulukazi uma kungukudla okuphekiwe noma okuthengwa kudlelwe ekhaya. 

Amaphupho ngotshwala

Amaphupho ngotshwala besintu ayibika lokuthi idlozi lakho alijabulile. Lokho kusho ukuthi kukhona okuthile okumelwe ukulungise okuqondene nomsamo wakho, ngakho ke kubalulekile ukuba uqaphele indawo okuyo nabantu abasuke bekhona kulelo phupho. Isibonelo nje: uma uphupha uphuza kuleyo ndawo kukhona nengane oyizalayo, lokho kungaba yisixwayiso sokuthi kusamelwe uyenzele umcimbi wokuyibika emsamo ngendlela efanelekile leyongane, kungaphinda futhi kube ukukukhumbuza ukuthi kusamelwe uyenzele imbeleko uma ubungakaze uyenzele ngaphambilini ikakhulukazi uma kuyingane yokuqala.

Uma uphupha uphisa utshwala kusho ukuthi maduzane uzovakashelwa ngumuntu osuka kude. Uma uphupha uphuza utshwala ebha noma endaweni yokuphuza lokho kusho ukuthi uzokwenza okuthile okuzokudalela isitha maduzane.

Incazelo yaleliphupho lokuphisa utshwala liyaya futhi ngokuthi ungubani wena ophisa lobotshwala ephusheni. Uma uphupha ukuthi uphisa utshwala ube uyindoda, lokho kungasho ukuthi maduzane nje uzovakashelwa ngumuntu okade wagcina ukumbona. Uma ungowesifazane kungasho ukuthi uyivila futhi kufanele uzame empilweni ngaphezu kwalokhu okwenzayo manje.

Comments

  1. I am impressed ngiyaqala ukuthola izincazelo zamaphupho ezichaza yonkinto futhi Icace ithi bha! Ungasali nambuzo. Kunezincazelo ezingatholakali ndawo lana. I kakhulu ngokudla okunhlobonhlobo. Bengazi ukuthi into ethi kudla isho idliso. Uyancomeka umsebenzi wenu

    ReplyDelete
  2. Uma uphupha upheka ukudla ama fresh chips bese uwashisa kancane kushoni? Bese uya tasita elilodwa

    ReplyDelete
  3. Okamphendu Msamu nami sisi ngiphuphe ngixabana no Aunty ngala ukwenza into abethi ngiyenze wase engixosha ethi mangiyohlala lapha kude ngedwa bona bahleli bebaningi ngisahleli lapho ngilokhu ngiphendulana naye ngabe sengibona kunamasi phambi kwami ngahlala phansi ngawadla mangithi ngiyagwinya okwesithathu ngiwadlile bengikhameka ngakhoni ukugwinya ngathuka ngaphaphama . Okungikhathazayo cc vele mina no Aunty asizwani ngasho nje ukuthi aunty azange abe ngu Aunty wempela kimi even kusaphila abazali bami manje ngikhathazekile sisi ngabe lokhu kusho ukuthini

    ReplyDelete
  4. Uma uphupha nihleli nabangani bakho niyadla nidla inyama yenkunkhu notshwala eceleni kumnandi impela kuchaza ukuthini

    ReplyDelete
  5. Thank you so much ngicela ukubuza ukuthi uma uphupha umuntu ongamazi epheka ipapa lingcwele mfi ebhodweni ukuthi kuchazani, ngiyabonga.

    ReplyDelete

Post a Comment