Amaphupho ngokulwa

Amaphupho ngokulwa

Asho ukuthini amaphupho ngokulwa? Lokhu kuhlanganisa amabutho, ukuphikisana, izitha, ukulwa, ukuboshwa, ukukhuthuza, ukushaya ngengqindi, ukubangisana, ukuntshontsha nempi.

Amaphupho ngempi

Uma uphupha ukuthi uyalwa empini kusho ukuthi maduzane uzolwa nomuntu osempilweni yakho – ikakhulukazi ekhaya.

Amaphupho ngokuntshontsha

Uma uphupha ukuthi khona ontshontshayo kuwe kuhle uma bengakulimazi futhi kuhle kakhulu uma ubabamba ngoba uzoba nodumo. Uma nje ubona isela libaleka phambi kwakho qaphela ngoba kusho ukuthi uzohlangabezana nomuntu ongathembekile maduzane nje.

Amaphupho ngokuhamba ngokunyelela

Uma uphupha ukuthi uhamba ngokunyelela kusho ukuthi uzothola izindaba ezimbi maduzane noma uzolwa nobathandayo.

Amaphupho ngokubangisana

Uma uphupha ukuthi kukhona obangisana naye noma oyisitha kusho ukuthi kuzofanele usebenze kanzima kakhulu ukuze uphumelele.

Amaphupho ngokushaya ngengqindi

Uma uphupha ukuthi ushaye umuntu ngengqindi kusho ukuthi uzoba nenkinga maduzane – kungenzeka ngisho uboshwe mawungaqapheli. Uma omunye umuntu eshaya wena kusho ukuthi uzolwa maduzane nje kodwa kuzoba nokuthula emva kwalokho.

Amaphupho ngokukhuthuzwa

Uma uphupha ukuthi kukhona okukhuthuzile kusho ukuthi kuzofanele wenze isinqumo esibalulekile ngakho qinisekisa ukuthi uyacabangisisa yonke into.

Amaphupho ngokuboshwa

Uma uphupha ukuthi uboshiwe kusho ukuthi izikweletu zakho zizokufaka ezinkingeni khona maduzane. Uma uphupha uphunyuka ejele kusho ukuthi unesibindi futhi usebenza kanzima – uzonqoba izinkinga empilweni yakho uphumelele. Futhi uma uphupha ukuthi uboshiwe kusho ukuthi ngelinye ilanga uzoba nodumo noma uphumelele emsebenzini.

Amaphupho ngokulwa

Uma uphupha ukuthi ushaya umuntu uzobangelwa amahloni empilweni yakho maduzane futhi ubudlelwane bakho abuzukuphumelela. Uma omunye umuntu ekushaya, wena ulokhu uzivikela nje, kusho ukuthi ukuhletshwa kuzokuphathisa ngamahloni. Amaphupho ngokuxolelana, ukuthelelana amanzi. Amaphupho ngendlu yotshani. Amaphupho ngomlilo.

Amaphupho ngezitha

Uma uphupha ukuthu ulwa nezitha zakho uwine kusho ukuthi uzoba nenhlanhla. Uma usaba noma uhlulwa kusho ukuthi uzoba namashwa. Amaphupho ngelulwane.

Amaphupho ngokuphikisana

Uma uphupha ukuthi uphikisana nomuntu kusho ukuthi uzothola izindaba ezimnandi obungazilindele. Ungenza nabangani abasha.

Amaphupho ngamabutho

Uma uphupha ukuthi ujoyina amabutho kusho ukuthi uzoshintsha umsebenzi maduzane.

Amaphupho okuphonswa noma okusongelwa

Ukuphonswa yinto eyenziwa ngumuntu ophilayo emhlabeni. Umuntu uma engakuthandi uyakwazi ukuthi akuphonse noma kukhona umuntu okuthakathayo. Uma umuntu ekuphonsa lowomuntu usuke ewumthakathi. Ngoba usuke ekwenza into embi ngoba usuke engakufuni efuna ukuthi ufe. Omunye usuke enomona ngezinto ezenzeka kuwena nasempilweni yakho.

Uma uphupha umuntu ekubiza ekubizela emaholweni noma ezitebhisini akumbele zona. Uthi uyahamba nangu ephethe okuthile, nilwe nigcine seniwele endlini. Kulendlu uma uthi ufuna ukuphuma akuvalele umnyango. Uthi uma usuthole indlela yokuphuma ugcine usuphumile. Akukhombe ngomunwe athi uyoze akuthole: Lowomuntu ombonile ekukhomba ngomunwe usuke ekuphonsa efuna ukuthi ufe. Akukhatheleki ukuthi owakini noma umngani wakho kodwa yena usuke efuna ufe. Ngoba uma ungakwazanga ukuphuma noma wawa kulawo maholo uyafa.

Uma uphupha ingane yakho uyiphethe bese iyakuhudela, ingane esuke ilinganiselwa eminyakeni ewu 5: Kusuke kukhona umuntu okuphonsa ngotikoloshe. Ukuthi uhlale emzini wakho noma kube indoda yakho. Kumuntu wesifazane kuthi uma ulele ebusuku ulokhu uphupha sengathi ulele nomuntu wesilisa. Kuphinde ungathandwa muntu uthi uyahleka nabantu ube nesidina. Usuke esekuphonsele ngawo. Ngoba akufanele akuthinte nhlobo amakaka engane yakho ngoba kuseke kungesiyona ingane yakho leyo esephusheni.

Uma uphupha kunomuntu okushaya ngamatshe uthi uyabaleka akulandele ngamatshe. Uze uphaphame engakushayanga uwavikela. Kuyingozi uma like lakushaya: Kusuke kukhona umuntu ekuphonsa ngesiphonso samatshe, unetshe akhuluma kulona. Ebusuku athi hamba uyoshaya usibanibani.

Uma uphupha umuntu ekulengise eweni elishona phansi elimnyama: Usuke efuna ukuthi ufe. Kulokhu kusuke sekufanele nawe uzibhekele ngokuthola usizo kubelaphi bendabuko ngoba ngelinye ilanga uyokulengisa akudedele.

Iziphonso zensizwa uma ifuna ukuthandwa yintombi

Kuyenzeka kube khona insizwa ethanda intombi kanti iyayesaba ize isabe ngisho ukukutshela ngemizwa yayo. Noma intombi ayiyithathi njengomuntu abangathandana nayo. Noma intombi iyasatshwa izinsizwa ithi insizwa uma ikhuluma nalentombi ivele isabe ubuqhikiza bayo ngoba kukhona izintombi emakhaya ezizikhulumela uze usabe ngisho kwawena uyinsizwa. Insizwa ibone kungcono ukuthi iyiphonse intombi ngoba isuke ifuna ukuthi igcine isingumakoti ohamba egcekeni lakubo. Insizwa isebenzisa umuthi, ukukhafula intombi. Intombi izolokhu iphupha ithandana nalensizwa kwakheke nothando entombini. Noma ingasaphuphi ithi ikha amanzi emfuleni ibone ibuso bale nsizwa. Isuke leyonsizwa iphonsa intombi kodwa kahle. Ngoba ayingenwa imimoya emibi ihambe iyolala kubo kwensizwa.

Amaphupho Okuphonswa

Amaphupho nezincazelo zawo esizibheka lapha ngaweziphonso zokufa kanye nezokufuna intombi. Ukuphonswa yinto eyenziwa ngumuntu ophilayo emhlabeni. Umuntu uma engakuthandi uyakwazi ukuthi akuphonse noma kukhona umuntu okuthakathayo. Uma umuntu ekuphonsa lowomuntu usuke ewumthakathi. Ngoba usuke ekwenza into embi ngoba usuke engakufuni efuna ukuthi ufe. Omunye usuke enomona ngezinto ezenzeka kuwena nasempilweni yakho.

Uma uphupha umuntu ekubiza ekubizela emaholweni noma ezitebhisini akumbele zona. Uthi uyahamba nangu ephethe okuthile, nilwe nigcine seniwele endlini. Kulendlu uma uthi ufuna ukuphuma akuvalele umnyango. Uthi uma usuthole indlela yokuphuma ugcine usuphumile. Akukhombe ngomunwe athi uyoze akuthole: Lowomuntu ombonile ekukhomba ngomunwe usuke ekuphonsa efuna ukuthi ufe. Akukhatheleki ukuthi owakini noma umngani wakho kodwa yena usuke efuna ufe. Ngoba uma ungakwazanga ukuphuma noma wawa kulawo maholo uyafa.

Uma uphupha ingane yakho uyiphethe bese iyakungcolisa ngokuzikhulula, ingane esuke ilinganiselwa eminyakeni ewu 5: Kusuke kukhona umuntu okuphonsa ngotikoloshe. Ukuthi uhlale emzini wakho noma kube indoda yakho. Kumuntu wesifazane kuthi uma ulele ebusuku ulokhu uphupha sengathi ulele nomuntu wesilisa. Kuphinde ungathandwa muntu uthi uyahleka nabantu ube nesidina. Usuke esekuphonsele ngawo. Ngoba akufanele akuthinte nhlobo amakaka engane yakho ngoba kuseke kungesiyona ingane yakho leyo esephusheni.

Comments