Amaphupho ngokukhuluma

 


Amaphupho ngokukhuluma

Asho ukuthini amaphupho ngokukhuluma? Lokhu kuhlanganisa ukuphendula imibuzo, ukuthola nokunikeza izeluleko, ukusho inkondlo, ukucula, ukuthuka inhlamba nokukhuluma umbhedo.

Amaphupho ngokukhuluma umbhedo

Uma uphupha ukhuluma umbhedo kusho ukuthi wazi ngezinto okungafanele ngabe uyazazi futhi uzozithola usenkingeni ngakho maduzane.

Amaphupho ngokuthuka inhlamba

Uma uphupha ukuthi uthuka inhlamba kusho ukuthi uzolahlekelwa umngani maduzane. Uma uzwa omunye umuntu ethuka inhlamba kusho ukuthi uzoba nenhlanhla.

Amaphupho ngokucula

Uma uphupha ukuthi uyacula kusho ukuthi uzothola izindaba ezimbi maduzane futhi ungaba nesikhathi esinzima ekusaseni lakho. Unenhlanhla kodwa ngoba kuzoba nabantu abalungile eduzane abazokusiza kuso.

Amaphupho ngokusho inkondlo

Uma uphupha ukuthi abantu bakulalele usho inkondlo kuwuphawu oluhle kakhulu ngekusasa lakho. Kusho ukuthi ngelinye ilanga uzoduma ezweni lakho ngalokhu okwenzayo.

Amaphupho ngokuthola nokunikeza izeluleko

Uma uphupha ukuthi unikeza omunye umuntu iseluleko kusho ukuthi kunenkathazo ezayo kuwe. Kodwa uma ulalele omunye umuntu ekunikeza iseluleko kusho ukuthi wena ungumuntu oneqiniso nothembekile.

Amaphupho ngokuphendula imibuzo

Uma uphupha ukuthi kunomuntu okubuza imibuzo kuyinhlanhla uma wazi izimpendulo futhi ukwazi ukubatshela abafuna ukukwazi. Uma ungayazi impendulo kusho ukuthi uzobhekana nobunzima maduzane.

Comments