Amaphupho ngokukhanya nomlilo

 


Amaphupho ngethoshi

Uma uphupha usebenzisa ithoshi kusho ukuthi kuyoba nobuhlungu kanye nosizi ekusaseni lakho.

Amaphupho ngentuthu

Uma uphupha ubona noma uhogela intuthu kusho usizi empilweni yakho. Ubuningi kwentuthu kuyosho ubuningi bosizi oyobhekana nalo.

Amaphupho ngomentshisi

Uma uphupha usebenzisa umentshisi kusho ukuthi uyophumelela emizameni yakho.

Amaphupho ngokukhanya

Uma uphupha ubona ukukhanya kuyizindaba ezinhle ingqobo nje uma kuqhubeka kukhanyisa wena. Uyojabula unakekelwe umlingani wakho futhi ubenenhlanhla. Uma ukukhanya kucima ungazi ukuthi kungani kusho ukuthi uzoba senkingeni emsebenzini.

Amaphupho ngomlilo

Uma uphupha ubona umlilo noma amalangabi kuwuphawu olubi ekusaseni lakho. Kusho ukuthi intukuthelo nokukhaphelwa kuyeza kuwena. Uyolahlekelwa yizinto ezisemqoka kuwena futhi ubhekane nezikhathi ezikhathazayo. Uma wenza umlilo uba mkhudlwana kusho ukuthi uzolwa nothile omaziyo.

Amaphupho ngobumnyama

Uma uphupha usebumnyameni kusho ubunzima ekusaseni lakho ngaphandle uma ukwazi ukuhamba udabule ubumnyama uye ekukhanyeni. Uyophumelela futhi uchume.

Amaphupho ngekhandlela

Uma uphupha ubona ikhandlela livutha kusho ukuthi kungenzeka ube sengozini ngakho kufanele uqaphele.

Amaphupho ngokuzishisa

Uma uphupha ukuthi ushisiwe kusho ukuthi maduze kuzoba nomntwana omusha emndenini wakho.

Amaphupho ngomlotha

Uma uphupha ubona umlotha kusho ukuthi kuneshwa lakho ekudeni.

Comments