Amaphupho ngokugula

Amaphupho ngokugula

Asho ukuthini amaphupho ngokugula? Lokhu kuhlanganisa izingozi nokulimala, ukulunywa, ukukhubazeka ngokungaboni emehlweni, amadlebe avalekile, igazi nokopha, amathumba, ukuphefumula, amathambo aphukile, umkhuhlane, ukukhwehlela, ukukhubazeka, ukushawa yinzululwane, isifo, ubuhlungu endlebeni, izimilela, ukuphathwa yikhanda, uchoko, ukuhlanya, isimungumungwana, umuthi, ubuhlungu, ingxibongo, ubuhlungu emphinjeni kanye namanxeba.

Amaphupho asho isichitho noma isinyama

Uma ushawe ngesichitho kusho ukuthi kukhona osuke ekugadla engakufiseli okuhle ngoba phela isichitho siyisinyama, noma nje ngithi sihambelana naso. Uma ube nehlanhla ke namathongo akini ekubhekile uyakwazi ukuphupha okukuvezelayo ukuthi kukhona umuntu okuhambela sinyelela ongafuni ukukubona uphumelela. Kanti ke ukuphupha iphupho eliqondene naso isichitho akusiyo inhlanhla kuphela ngoba phela isichitho leso kuyenzeka sithunyelwe ngalo iphupho njengoba nedliso lithunyelwa nje ngephupho. Lana ke siloba amaphupho ahlukene kodwa ke incazelo yawo iyafana, onke achaza khona ukuthi kukhona umuntu okuthumelela ngaso isichitho.

Ukuphupha usesikhathini – Isichitho leso

Ukuphupha incanga noma inja ikhuluma – Isichitho

Ukuhamba nqunu – Ishwa

Ukuphupha indlu yangasese – Lokho kusho isichitho esibi

Ukudla izinalithi noma uziphalaza – Lokho kusho ukuthi kukhona umuntu onigadlayo kini ngomuthi.

Ukuphupha izimpethu uzibona noma ziphuma ngomlomo – Leli phupho lisho isichitho esinzima okumele lomuntu osuke eliphuphile alisukumele ngampela.

Ungathola futhi olunye ulwazi kulencazelo yamaphupho ngokuphonswa.

Amaphupho ngesifo

Uma uphupha ukuthi unesifo ngenjwayelo kusho ukuthi uzoba nempilo. Uma uphupha ukuthi unesifo esithile kusho ukuthi omunye ogulayo naleso sifo uzolapheka.

Amaphupho ngamathambo

Uma uphupha ubona amathambo kusho ukuthi uzobhekana nezikhathi ezinzima kungekudala.

Uma uphupha ukuthi uphuke amathambo, ngemvamisa kusho ukuthi kuzoba nezikhathi ezinzima ezizayo ekusaseni lakho. Uma kuwukuthi imilenze yakho ephukile, kusho ukuthi uzoshada nomuntu ongenawo amandla. Uma ungowesifazane kusho ukuthi umyeni wakho uzoba yivila nesidakwa esingakwazi ukukusekela. Uma ungowesilisa, kusho ukuthi unkosikazi wakho uzoba ngumuntu olungile, kodwa angabi namandla anele okunakekela umuzi.

Amaphupho ngenxeba

Uma uphupha ukuthi unenxeba elijulile lapho ogwazwe noma osikwe khona kusho ukuthi uzoba nenhlanhla ebudlelwaneni bakho nabanye (uma usemusha) noma ebhizinisini lakho (uma usukhulakhulile). Uma inxeba lincane kodwa kusho ukuthi uzoba nebhadi maduzane.  

Amaphupho ngomphimbo obuhlungu

Uma uphupha ukuthi unomphimbo obuhlungu kusho ukuthi uzoba nenhlanhla maduzane. Amaphupho ngomkhuhlane.

Amaphupho ngengxibongo

Uma uphupha ukuthi uphethwe yingxibongo kusho ukuthi uzoba yisigwili maduzane.

Amaphupho ngobuhlungu

Uma uphupha uzwa ubuhlungu kakhulu kusho ukuthi kunezinto ezinhle ekusaseni lakho ikakhulukazi ngokwezimali. Uma uphupha uphuza umuthi. Amaphupho ngodokotela.

Amaphupho ngomuthi

Uma uphupha uphuza umuthi kuwuphawu lwenhlanhla enkulu. Uma uphupha ngamakhambi kusho ukuthi umuntu omaziyo ogulayo uzoba ngcono maduzane. Kungasho nokuthi uzophumelela ekusaseni lakho. Ukuphupha ngamaphilisi nakho kuhle futhi kusho ukuthi uzophepha uma uhamba izwe. Amaphupho ngodokotela.

Amaphupho ngesimungumungwana

Uma uphupha ukuthi unesimungumungwana kusho ukuthi kuzoba nobunzima ekusaseni lakho. Kungenzeka ukuthi uzolahlekelwa yimali ngoba uyiboleka umuntu ongakwazi ukukukhokhela noma uzoba nezinkinga emsebenzini. Amaphupho ngobuhlungu endlebeni.

Amaphupho ngokulahlekelwa wumqondo

Uma uphupha ukuthi awuphilile kahle sengathi ingqondo ibuye ilahleke, lokho kusho ukuthi unenhlanhla futhi uzophila impilo ende nenothile. Uma omunye ephusheni lakho kunguye obukeka engaphilile ngokwasekhanda sengathi ulahlekelwa wumqondo, lokho kungasho ukuthi wena uzothola izindaba maduzane okungenzeka ukuthi zizokushaqisa. Amaphupho ngokukhubazeka.

Amaphupho ngokuqhuga

Uma uphupha ukuthi uyaqhuga kusho ukuthi uzobhekana nezinkinga maduzane ikakhulukazi emsebenzini. Uma uphupha ukhushulelwa esikhundleni esiphezulu emsebenzini.

Amaphupho ngochoko

Uma uphupha ukuthi unochoko kusho ukuthi kunokuphatheka kabi namashwa ezayo kuwe.

Amaphupho ngokuphathwa yikhanda

Uma uphupha ukuthi uphethwe yikhanda kuyisixwayiso ukuthi uziqhelanise kubangani bakho okwesikhashana ukuze wazi ukuthi uwenza into elungile ngaphandle kokuhehwa yibo ukwenza iphutha. Amaphupho ngobuhlungu endlebeni. Amaphupho ngomkhuhlane.

Amaphupho ngezimilela

Uma uphupha ukuthi isikhumba sakho sinesimilela uzoba yisigwili maduzane kodwa ngendlela ongayilindele nengakufanele. Uma uphupha ukuthi unethumba kuyinto enhle ngoba kusho ukuthi uzophila impilo emnandi.

Amaphupho ngobuhlungu endlebeni

Uma uphupha ukuthi unendlebe ebuhlungu kusho ukuthi amadlozi azama ukukutshela into kodwa wena awulalele. Amaphupho ngokungakwazi ukuphefumula. 

Amaphupho ngenzululwane

Uma uphupha ukuthi ushawa yinzululwane kusho ukuthi uzama ukwenza okuningi ngesikhathi esisodwa. Kufanele wehlise uwenze into eyodwa ngesikhathi. 

Amaphupho ngokukhubazeka

Uma uphupha ukuthi ukhubazekile noma awukwazi ukuzihambela kusho ukuthi uzoba nempumelelo ekusaseni lakho. Ukuze wenze kwenzeke kodwa kuzofanele ufunde ukubanakekela kakhulu kunamanje abanye abantu – ikakhulukazi uma bedinga usizo. Amaphupho ngokukhubazeka ngokungaboni emehlweni.

Amaphupho ngokukhwehlela

Uma uphupha ukuthi ukuthi uyakhwehlela kuwuphawu oluhle. Kusho ukuthi uzophumelela emsebenzini. 

Amaphupho ngomkhuhlane

Uma uphupha ukuthi unomkhuhlane uzodinga ukuqaphela ngoba kunezitha ezilinde ukuthatha lelothuba ngesikhathi ungenawo amandla. 

Amaphupho ngokuphefumula

Uma uphupha ukuthi awukwazi ukuphefumula ngenjwayelo kuwuphawu olubi. Kusho ukuthi kungenzeka ube nesikhathi esinzima. 

Amaphupho ngamathumba

Uma uphupha ukuthi unamathumba kungenzeka uzizwe ungaphilile maduzane. Uma uphupha ukuthi omunye umuntu uhlushwa amathumba uzophuka inhliziyo esikhathini esimaduzane esizayo ikakhulukazi uma lowo muntu enguphathina wakho.

Amaphupho ngegazi nokopha

Uma uphupha ukuthi uyopha isikhathi eside futhi awazi ukuthi kungani kusho ukuthi uzohlangabezana nesikhathi esinzima maduzane. Uma ukhwehlela igazi uzozithola ulwa maduzane. Kodwa uma uhlanza igazi lokho kusho ukuthi uzoba nenhlanhla.

Amaphupho ngezindlebe ezivalekile

Uma uphupha ukuthi uzwa umuntu ekhuluma nawe kodwa izindlebe zakho zivalekile kusho ukuthi ubizwa amadlozi. 

Amaphupho ngokukhubazeka ngokungaboni emehlweni

Uma uphupha ukuthi ukhubazeke ngokungaboni emehlweni, kusho ukuthi kungenzeka wenze iphutha elikhulu, kodwa lokho kungagwemeka uma ulalela izeluleko zabanye abantu. Amaphupho ngokukhubazeka.

Amaphupho ngokulunywa

Uma uphupha ukuthi ulunyiwe kusho ukuthi kukhona into ezokwenzeka maduzane ezokwenza ube nesikhwele kakhulu. Uma unenxeba lenyoka ephusheni lakho kuzoba yinto ehlangene nobudlelwane.  

Amaphupho ngengozi nokulimala

Uma uphupha ukuthi usengozini futhi ulimele kusho ukuthi kufanele uqaphele ngoba khona into embi ezokwenzeka kuwe maduzane. Uma ingozi ihlangene namanzi kungenzeka ukuthi unezinkinga zobudlelwane futhi uma kungenxa yokuthi omunye umuntu uyakulimaza uzoba nenkinga emsebenzini. 

Amaphupho ebhadi

Amaphupho ebhadi isikhathi esiningi awadingi ukuthi ahunyushwe noma achazwe ngoba okwenzeka kulona kusuke kuyilokho okuphuphayo.

Uma uphupha usendaweni emnyama ungakwazi ukuphuma kuyona. Kusuke kuyibhadi ongeke uphume kulona. Uma ujwayele ukuphupha leliphupho kubalulekile ukuthi uma ungumuntu okholelwa ezintweni zesintu uhambe uye kulabo ababonayo noma izangoma. Usuke utshengiswa ukuthi izinto zakho zimnyama azilungile. Ibhadi liyenziwa ngumuntu owumthakathi enza ukuthi ungalungelwa yilutho empilweni. Kuthi noma uzama izinto ezikuyisa empumelelweni kungalungi lutho. Kumuntu okholwayo uyathandaza aze aphumelele.

Uma uphuphe ubhukuda emanzini angcolile, kuwona ubone ingane enqunu uthi uyayibamba ingabambeki. Ugcine usendaweni emnyama. Leliphupho lijwayeleke kubantu besifazane abaphuphunyelwa yisisu. Kusuke kuyingane yakho leyo eyaphuphumayo. Leliphupho lisuke likutshela ukuthi ubumnyama bakho benziwa yini. Ingane isuke ikutshengisa ukuthi isikhulile ifuna ukwenzelwa izinto eziqondene nayo. Ngenhlanhla leliphupho liyakwazi ukuphumelela uma lowo ezolandela izigaba ezifanele. Umuntu wesifazane uyakwazi ukugeza lesinyama. Imithi itholakala kubantu abalaphayo ngokwesintu. Okubalulekile ukuthi nengane kufanele yenzelwe umsebenzi wayo owaziwa ngokuthi ukuyigqokise nokuyetha nokuyiqamba igama. Uma umuntu elandele lezigaba ezingenhla isinyama siyasuka.

Uma uphupha umuntu ekudunusela engagqokile okungabe uyamazi noma awumazi: Lokhu kuchaza ibhadi elihambisana nesichitho eliza kuwena. Kokunye kuyenzeka kuvele umuntu omaziyo kwenzeke kube uyena okuphosa ngesichitho. Leliphupho lijwayeleke kubantu besifazane ababanga isoka.

Uma uphupha uphucwa imali umuntu noma uphuphe uphiwa into bese kuba khona umuntu okuphucayo: Kusuke kuyibhadi lokuthi uzophucwa isipho sakho ositholile noma osazosithola. Noma kusuke kukhona umuntu owathatha izinhlanhla zakho wazenza ezakhe. Esikhathini esiningi kuvamise ukuthi kube ngumuntu womndeni. Ngoba noma umuntu wangaphandle angakwenza kodwa akawazi amadlozi akini. Uthi noma ekwenza owangaphandle kungalungi kahle. Ngoba amadlozi akini ayakwazi ukuvulela inhlanhla. Kodwa uma kumuntu wakini kuba nenkinga ngoba ukhuluma nalo idlozi leli nawe okhuluma nalo. Ungakulungisa lokhu kodwa ngoba ungumuntu oseduze nawe angakwazi ukukubona uma wenza izinto eziqondene nalokhu bese yena egadla kakhulu kunakuqala. Ugcina ubona ukuthi zonke izinto oziphuphayo zenzeka kumuntu wakini.

Uma uphupha umuntu ekupha izingubo ezindala noma ekuwashisa izimpahla zakhe ezindala. Amanzi owasha ngawo engcolile nezingubo ezichilizela ngakuwena: Kusuke kuyibhadi kukhona umuntu okulethela ubumnyama emzini wakho. Kokunye uke uphuphe uphiwa imali emnyama noma uwathole endleleni. Imali emnyama ichaza ibhadi. Kusuke izinto zakho zingeke zikuhambele kahle empilweni. Noma kwesinye isikhathi usuke utshengiswa ukuthi kukhona izinto ezingahambi kahle. Umuntu ongumthakathi uyakwazi ukuthi akulethele ibhadi lokufa emzini wakho. Lokho ukubona ephusheni ngokuthi akulethele ingubo emnyama. Uma lengubo uyinqabile ephusheni lowo obekunika yona uzovelelwa okubi. Kodwa ngedlozi lakini ube usuyaboniswa ebusuku ukuthi kunezinto ezimbi ezizokwenzeka nezisa zokwenzeka. Amaphupho abalulekile ukuthi ungawakhohlwa uma usuvukile ukwazi ngisho ukuwachaza. Uma ungakwazi buza kubantu abadala ngoba kuyenzeka ukuthi kunento otshelwa yona.

Amaphupho Okuphonswa

Amaphupho nezincazelo zawo esizibheka lapha ngaweziphonso zokufa kanye nezokufuna intombi. Ukuphonswa yinto eyenziwa ngumuntu ophilayo emhlabeni. Umuntu uma engakuthandi uyakwazi ukuthi akuphonse noma kukhona umuntu okuthakathayo. Uma umuntu ekuphonsa lowomuntu usuke ewumthakathi. Ngoba usuke ekwenza into embi ngoba usuke engakufuni efuna ukuthi ufe. Omunye usuke enomona ngezinto ezenzeka kuwena nasempilweni yakho.

Uma uphupha umuntu ekubiza ekubizela emaholweni noma ezitebhisini akumbele zona. Uthi uyahamba nangu ephethe okuthile, nilwe nigcine seniwele endlini. Kulendlu uma uthi ufuna ukuphuma akuvalele umnyango. Uthi uma usuthole indlela yokuphuma ugcine usuphumile. Akukhombe ngomunwe athi uyoze akuthole: Lowomuntu ombonile ekukhomba ngomunwe usuke ekuphonsa efuna ukuthi ufe. Akukhatheleki ukuthi owakini noma umngani wakho kodwa yena usuke efuna ufe. Ngoba uma ungakwazanga ukuphuma noma wawa kulawo maholo uyafa.

Uma uphupha ingane yakho uyiphethe bese iyakungcolisa ngokuzikhulula, ingane esuke ilinganiselwa eminyakeni ewu 5: Kusuke kukhona umuntu okuphonsa ngotikoloshe. Ukuthi uhlale emzini wakho noma kube indoda yakho. Kumuntu wesifazane kuthi uma ulele ebusuku ulokhu uphupha sengathi ulele nomuntu wesilisa. Kuphinde ungathandwa muntu uthi uyahleka nabantu ube nesidina. Usuke esekuphonsele ngawo. Ngoba akufanele akuthinte nhlobo amakaka engane yakho ngoba kuseke kungesiyona ingane yakho leyo esephusheni.

Uma uphupha kunomuntu okushaya ngamatshe uthi uyabaleka akulandele ngamatshe. Uze uphaphame engakushayanga uwavikela. Kuyingozi uma like lakushaya: Kusuke kukhona umuntu ekuphonsa ngesiphonso samatshe, unetshe akhuluma kulona. Ebusuku athi hamba uyoshaya usibanibani.

Uma uphupha umuntu ekulengise eweni elishona phansi elimnyama: Usuke efuna ukuthi ufe. Kulokhu kusuke sekufanele nawe uzibhekele ngokuthola usizo kubelaphi bendabuko ngoba ngelinye ilanga uyokulengisa akudedele.

Iziphonso zensizwa uma ifuna ukuthandwa yintombi

Kuyenzeka kube khona insizwa ethanda intombi kanti iyayesaba ize isabe ngisho ukukutshela ngemizwa yayo. Noma intombi ayiyithathi njengomuntu abangathandana nayo. Noma intombi iyasatshwa izinsizwa ithi insizwa uma ikhuluma nalentombi ivele isabe ubuqhikiza bayo ngoba kukhona izintombi emakhaya ezizikhulumela uze usabe ngisho kwawena uyinsizwa. Insizwa ibone kungcono ukuthi iyiphonse intombi ngoba isuke ifuna ukuthi igcine isingumakoti ohamba egcekeni lakubo. Insizwa isebenzisa umuthi, ukukhafula intombi. Intombi izolokhu iphupha ithandana nalensizwa kwakheke nothando entombini. Noma ingasaphuphi ithi ikha amanzi emfuleni ibone ibuso bale nsizwa. Isuke leyonsizwa iphonsa intombi kodwa kahle. Ngoba ayingenwa imimoya emibi ihambe iyolala kubo kwensizwa.

Comments

  1. Siyabongs ngolwazi, okunye kuyathusa yhooo!💔

    ReplyDelete

Post a Comment