Amaphupho ngokugubha umkhosi

Amaphupho ngoKhisimuzi (ngoNcibijane)

Ukuphupha uKhisimuzi kumbe uNcibijana kuyafana nokuphupha unikezwa imvilophu noma ukuphupha ubona imvilophu. Incazelo yala maphupho ibika ukuthi uzothola abangani abasha osuke uzoba nobudlelwano obuhle kakhulu nabo. Umehluko ngaleli phupho uba sekutheni ukuhlangana nalabo bangani osuke uzobathola kusuke kuzokwenzeka endaweni yokujabula, imvamisa leyo ndawo kuba ngeyomcimbi othize onihlanganisayo.

Amaphupho ngephikhinikhi

Uma uphupha ukuthi unephathi noma iphikhinikhi nabantu egcekeni kusho ukuthi uzokwenza abangani abasha maduzane kodwa kungakuhle ukuthi ulinde uze ubone ukuthi bathembekile ngaphambi kokuthi ubatshele izimfihlo.

Amaphupho ngamaphathi

Uma uphupha ukuthi kunephathi eyenzelwe wena kusho ukuthi uzophumelela kulokhu ohlela ukukwenza.

Amaphupho ngokuhlukanisa unyaka

Uma uphupha ukuthi ugubha ukuhlukanisa konyaka kodwa akukhona ekupheleni konyaka uzokwenza abangani abasha abangabantu abalungile maduzane.

Amaphupho ngokuhleka

Uma uphupha ukuthi uyahleka kusho ukuthi kuzoba nosizi empilweni yakho maduzane.

Amaphupho ngokuya ephathini

Uma uphupha ukuthi usendleleni uya ephathini kusho ukuthi uzothola izindaba ezimbi maduzane nje. Amaphupho ngezixuku.

Amaphupho ngokuthola isipho

Uma uphupha ukuthi ugubha umkhosi futhi umuntu ukunikeza isipho kusho ukuthi maduzane uzothola iseluleko esihle kakhulu okufanele usilalele.

Amaphupho ngokuphuza

Uma uphupha ukuthi uphuza utshwala noma iwayini ukugubha umkhosi kusho ukuthi uzoba nempilo nenjabulo ikakhulukazi uma unaye umuntu othandana naye. Kepha uma uphuza kakhulu kusho ukuthi kungenzeka ulahlekelwe umsebenzi wakho maduzane.

Amaphupho ngokudansa

Uma uphupha ukuthi uyadansa kuwuphawu oluhle kakhulu. Uzothola usizo oludingayo noma uzoba nempumelelo ezimalini nasemsebenzini. Uma udansa ehholo nabanye abantu abaningi kusho ukuthi uzoba nodumo.

Amaphupho ngezixuku

Uma uphupha ukuthi usesixukwini sabantu ephathini kodwa akekho ofuna ukukhuluma nawe kusho ukuthi awuzuthandwa ngabanye abantu. Amaphupho ngokuya ephathini.

Amaphupho ngokugubha umkhosi

Uma uphupha ukuthi ugubha umkhosi kuwuphawu olubi – ngemvamisa kusho ukuthi kuzoba nezikhathi ezinzima empilweni yakho maduzane nje.

Amaphupho Okunqoba

Kubalulekile ukuthi uma uphupha iphupho izikhathi eziningi ukwazi ukulandele ukuthi lichaza ukuthini. Lelophupho lisuke likhuluma into ezokwenzeka, futhi kubalulekile ukuthi ukwenze okushiwo kulo. Ukuphupha izinto ezimbi njalo akuyona into enhle ngoba kusuke kunobungozi phakathi. Isikhathi esiningi amaphupho ayamaniswa namadlozi ukuthi yiwona asuke ekhuluma nawe. Kunenkolelo yokuthi uma ukwenza lokho akutshela khona uba nezinhlanhla futhi ayafika njalo kuwena akuvikele uma ubhekene nezingqinamba. Uma usukwenzile lokho okudingekayo namaphupho owaphupha ngalesosikhathi akhombisa ukunqoba kwakho.

Uma uphupha ulwa nomnakwenu noma ekudunusela: Lokhu kuchaza ukuthi usuke ekade ekufaka isichitho futhi ekudlula endodeni ngaso usichitho. Kodwa uma usuphupha umshaya uze umhlule usuke usumhlulile kuyona yonke imikhuba yakhe emibi. Naleyonto akade ekusebenzisela yona isuke ingeke isasebenza.

Uma uphupha ulwa nomuntu akuhlule, uma ungowesilisa uhlulwa ngumuntu wesifazane noma owesifazane uhlulwa ngumuntu wesilisa: Usuke ulwa nesilwane, isilwane asifani ubulili baso nesalowomuntu esithunywe kuye. Kodwa uma usuphupha umhlula lowomuntu usuke usumnqobile. Abanye abantu babanenhlanhla yokubona ukuthi isilwane esithunyiwe ngoba siyazishintsha njengokuthi uma usishaya ephusheni kungumuntu ongamazi uma umhlula uyashintsha azenze ingane yakho noma umuntu wakini uma uqhubeka usishaya sigcina sesiyisilwane. Uma usishaye size sife usuke usunqobile ngeke siphinde sikuhluphe. Lamaphupho uyakwazi ukuwaqeda ngokusebenza imithi yesintu noma umkhuleko uma ungumuntu okholelwa emthandazweni.

Uma uphupha kwakhiwa indlu ngokushesha ubone isiphelile bese uthatha ithuluzi ekade kwakhiwa ngalo uyibhidlize leyondlu: Usuke unqobe isifo noma into embi ebizovela emndenini wakho noma kuwena uqobo. Indlu uma uyiphupha iphelile noma yakhiwa ngokushesha kusuke kukhona umuntu ozoshona. Kodwa uma uyibhidlizile ngeke kusenzeka.

Uma uphupha kukhona izinto zakho ezilahlekayo uthi uyazibheka awuzitholi. Noma uphucwe into osuke uyiphethe ngesandla. Kwesinye isikhathi uphuphe uthi uphethe amacici amabili lilahleke elilodwa okunye izinkinobho zengubo oyigqokile zilahleke ungazitholi. Kuthi ekugcineni uphuphe uzithola noma kukhona izwi elithi nazi izinto noma izimpahla zakho lokho kusho ukuthi usukunqobile okubi noma lowo obefuna ukuthatha izinhlanhla zakho.

Uma uphupha umuntu okwenza izinto ezimbi noma ekushalazela angahlangani amehlo akho nawakhe futhi esendaweni emnyama. Kokunye akhulume akutshele okubi abefuna ukukwenza nesizathu salokho. Lomuntu aze akutshele ukuthi amandla ayamphelela ngoba izinto zakhe azisebenzi. Usuke engeke esakwenza lutho namandla akhe asuke esephelile. Ngesinye isikhathi usuke lowomuntu eqinile futhi izangoma ziyamtshela ukuthi idlozi lakubo limvikele.


Comments