Amaphupho ngokufa



 Amaphupho ngomuntu ongasekho

Amaphupho ngomuntu ongasekho awanayo incazelo ewahlanganisa wonke, asho izinto eziningi ezihlukene. Incazelo iba kulokho asuke ekwenza lowo muntu ongasekho ephusheni lakho.

Ukumuphupha ekucela umgeze – Kusho ukuthi wayeganga esaphila, manje akamukelekile lapho ekhona ungcolile ngenxa yemisebenzi yakhe. Lokhu kukhomba ukuba usuke ecela nimenzele umsebenzi wokumuhlambulula bese niyamushwelezela

Ukumuphupha ekhala – Kusho ukungathokozi kwabaphansi ngezenzo zakho noma ngendlela ophila ngayo eyakho impilo, ngakho kusuke kufanele ushintshe indlela ophila , oziphethe ngayo okanye owenza ngayo izinto. Kungenjalo lokho kungalulethela amabhadi amakhulu.

Ukumuphupha ekupha izithelo – Loku kusho ukuphiwa umntwana (inzalo). Kungekudala usuke uzothola umntwana oyisipho esivela ngesandla sakhe sisuka kumdali. Kuyefana nokuphupha amanzi angcolile.

Amaphupho ngomungcwi (umoya omubi/isipoki)

Ukuphupha ngomungcwi (umoya omubi/isipoki) kusho ukuza kwento engaba nobungozi obukhulu kuwena, lobo bungozi busuke buzoba wumphumela wokuluthwa nokukhohliswa ngomunye umuntu ukuze uzokwazi ukwenza leyo nto asuke ekwenzisa yona engalungile. Kafushane nje, singasho sithi leli phupho liyibika lesilingo sokona. Kepha uma usuke ulwa nawo umungcwi kumbe isipoki ephusheni, lokho kuchaza ukuthi kusuke kuzoba nzima kakhulu ukuthi lowo muntu aphumelele ukukulingela esonweni ngamanga asuke ezowasebenzisa, futhi kungenzeka ugcine uwabonile lawo manga bese imizamo yakhe ingaphumeleli.

Kafushane, uma uphupha ukuthi ubona izipoki kuwuphawu olubi ngekusasa lakho. Kusho ukuthi wenza izitha ngenxa yento oyenzayo futhi uzoheheka ukwenza into eyisono.

Amaphupho ngokuzila

Uma uphupha ukuthi uzilela umuntu kuwuphawu oluhle ngawe njengomuntu. Kusho ukuthi maduzane uzomenywa lapho bonke bazokuthanda bakuhloniphe khona.

Amaphupho ngezimoto ezithwala izidumbu

Uma uphupha ukuthi ubone imoto ethwala isidumbu kusho ukuthi umuntu omaziyo uzodinga usizo lwakho.

Amaphupho ngamathuna

Uma uphupha ukuthi ubona amathuna noma amatshe ethuna kusho ukuthi uzophinda uthintane nesihlobo esidala noma umngani omdala maduzane. Bazokunikeza izindaba ezimnandi noma bakunikeze iseluleko esihle ngakho ke balalele kahle ukuthi bathini.

Amaphupho ngemingcwabo

Uma uphupha ukuthi usemngcwabeni wesihlobo kusho ukuthi kungenzeka ukuthi kukhona umuntu emndenini wakho odinga usizo. Kodwa wena uzoba nempilo ende.

Amaphupho ngokufa

Uma uphupha ukuthi ufile ngemvamisa kusho ukuthi uzoba nenhlanhla enhle maduzane. Kungenzeka ushade nomuntu oyisigwili noma ube nempumelelo ebudlelwaneni uma uwedwa.

Ukuphupha abantu abangasekho emhlabeni

Ukuphupha abantu esebafa imvamisa kusho izinto ezimbi. Uma bevuka bephila futhi kusho ukuthi kungenzeka ukuthi kunenkathazo ezayo kuwe. Uma behlobene nawe kusho ukuthi kufanele uyeke ukwenza izinto ezimbi kungenjalo uzoyithola usenkingeni.

Uma uphupha omunye wabantu bakini abangasekho emhlabeni, lokho kusho ukuthi basuke benomyalezo abafuna ukuwudlulisa kulabo abasaphilayo. Kuyenzeka bakhale ngokuthi balambile, lapho-ke kusuke kumelwe kwenziwe umsebenzi kuhlatshwe imbuzi, inkomo noma izinkukhu ukuze badle.

Amaphupho ngezidumbu

Uma uphupha ukuthi ubone isidumbu noma umuntu osewafa kusho ukuthi uzothola izindaba ezimbi maduzane kodwa ngeke kube yinkinga enkulu kakhulu kuwe.

Amaphupho ngamabhokisi okungcwaba

Uma uphupha ukuthi ubone ibhokisi lokungcwaba kusho ukuthi umuntu omaziyo uzodinga usizo lwakho.

Amaphupho ebhadi

Amaphupho ebhadi isikhathi esiningi awadingi ukuthi ahunyushwe noma achazwe ngoba okwenzeka kulona kusuke kuyilokho okuphuphayo.

Uma uphupha usendaweni emnyama ungakwazi ukuphuma kuyona. Kusuke kuyibhadi ongeke uphume kulona. Uma ujwayele ukuphupha leliphupho kubalulekile ukuthi uma ungumuntu okholelwa ezintweni zesintu uhambe uye kulabo ababonayo noma izangoma. Usuke utshengiswa ukuthi izinto zakho zimnyama azilungile. Ibhadi liyenziwa ngumuntu owumthakathi enza ukuthi ungalungelwa yilutho empilweni. Kuthi noma uzama izinto ezikuyisa empumelelweni kungalungi lutho. Kumuntu okholwayo uyathandaza aze aphumelele.

Uma uphuphe ubhukuda emanzini angcolile, kuwona ubone ingane enqunu uthi uyayibamba ingabambeki. Ugcine usendaweni emnyama. Leliphupho lijwayeleke kubantu besifazane abaphuphunyelwa yisisu. Kusuke kuyingane yakho leyo eyaphuphumayo. Leliphupho lisuke likutshela ukuthi ubumnyama bakho benziwa yini. Ingane isuke ikutshengisa ukuthi isikhulile ifuna ukwenzelwa izinto eziqondene nayo. Ngenhlanhla leliphupho liyakwazi ukuphumelela uma lowo ezolandela izigaba ezifanele. Umuntu wesifazane uyakwazi ukugeza lesinyama. Imithi itholakala kubantu abalaphayo ngokwesintu. Okubalulekile ukuthi nengane kufanele yenzelwe umsebenzi wayo owaziwa ngokuthi ukuyigqokise nokuyetha nokuyiqamba igama. Uma umuntu elandele lezigaba ezingenhla isinyama siyasuka.

Uma uphupha umuntu ekudunusela engagqokile okungabe uyamazi noma awumazi: Lokhu kuchaza ibhadi elihambisana nesichitho eliza kuwena. Kokunye kuyenzeka kuvele umuntu omaziyo kwenzeke kube uyena okuphosa ngesichitho. Leliphupho lijwayeleke kubantu besifazane ababanga isoka.

Uma uphupha uphucwa imali umuntu noma uphuphe uphiwa into bese kuba khona umuntu okuphucayo: Kusuke kuyibhadi lokuthi uzophucwa isipho sakho ositholile noma osazosithola. Noma kusuke kukhona umuntu owathatha izinhlanhla zakho wazenza ezakhe. Esikhathini esiningi kuvamise ukuthi kube ngumuntu womndeni. Ngoba noma umuntu wangaphandle angakwenza kodwa akawazi amadlozi akini. Uthi noma ekwenza owangaphandle kungalungi kahle. Ngoba amadlozi akini ayakwazi ukuvulela inhlanhla. Kodwa uma kumuntu wakini kuba nenkinga ngoba ukhuluma nalo idlozi leli nawe okhuluma nalo. Ungakulungisa lokhu kodwa ngoba ungumuntu oseduze nawe angakwazi ukukubona uma wenza izinto eziqondene nalokhu bese yena egadla kakhulu kunakuqala. Ugcina ubona ukuthi zonke izinto oziphuphayo zenzeka kumuntu wakini.

Uma uphupha umuntu ekupha izingubo ezindala noma ekuwashisa izimpahla zakhe ezindala. Amanzi owasha ngawo engcolile nezingubo ezichilizela ngakuwena: Kusuke kuyibhadi kukhona umuntu okulethela ubumnyama emzini wakho. Kokunye uke uphuphe uphiwa imali emnyama noma uwathole endleleni. Imali emnyama ichaza ibhadi. Kusuke izinto zakho zingeke zikuhambele kahle empilweni. Noma kwesinye isikhathi usuke utshengiswa ukuthi kukhona izinto ezingahambi kahle. Umuntu ongumthakathi uyakwazi ukuthi akulethele ibhadi lokufa emzini wakho. Lokho ukubona ephusheni ngokuthi akulethele ingubo emnyama. Uma lengubo uyinqabile ephusheni lowo obekunika yona uzovelelwa okubi. Kodwa ngedlozi lakini ube usuyaboniswa ebusuku ukuthi kunezinto ezimbi ezizokwenzeka nezisa zokwenzeka. Amaphupho abalulekile ukuthi ungawakhohlwa uma usuvukile ukwazi ngisho ukuwachaza. Uma ungakwazi buza kubantu abadala ngoba kuyenzeka ukuthi kunento otshelwa yona.

Ukuphupha ibhokisi lomgcwabo – Isifo sasekhaya

Amaphupho Okufa

Uma kuzohamba umuntu emhlabeni kubakhona izimpawu ezishoyo ukuthi kukhona okuzokwenzeka. Kunamaphupho akuvezayo ukuthi kunomuntu ozohamba emhlabeni. Omunye abe nenhlanhla ngisho nokumbona umuntu lowo ozohamba emhlabeni. Ukufa yinto engeke siyivimbele ukuthi ingenzeki. Kweminye imindeni bakhishwa yizisu bonke ngesikhathi esifanayo. Abanye abantu bona bashaywa uvalo kodwa bungekho ubungozi.

Ukufa

Uma uphupha udwendwe noma ngesinye isikhathi uphuphe kushada umuntu noma umbone ukuthi ngubani oshadayo kuyenzeka ukuthi kushone lowo osuke umbonile.

Uma uphupha kunesivunguvungu somoya omnyama kube sengathi kuyabophana esiswini. Noma kanjani kukhona ozohamba, umuntu wakini ozalwa naye esiswini esisodwa.

Uma uphupha ukhokhela umuntu wemoto imali kodwa imoto ihambe njalo ingami uze uphaphame. Usuke uphuphela umuntu wakini kungaba yingane yakho oyizalayo.

Uma uphupha umuntu omaziyo ehamba ngemoto engehliki kuyona, lowomuntu uyahamba emhlabeni.

Uma uphupha kunabantu abaningi behlanganyela umuzi bewakha ngokushesha. Kuba ngumakhelwane wakho, umngani wakho omkhulu noma umuntu omjwayele nje.

Uma uphupha ibhokisi lomngcwabo nemoto yasemakhazeni. Kungashona umuntu wakini noma umakhelwane.

Uma uphupha izimpahla eziningi zokugqoka nempahla yasendlini endala. Kukhona ozohamba emhlabeni.

Uma uphupha amanzi amaningi ekungaba ahlanzekile noma angcolile kuchaza isifo. Amanzi angcolile ayasibika isisu noma umuntu okhulelwe.

Comments