Amaphupho ngokudala izinto

 


Amaphupho ngokufunda

Uma uphupha ukuthi kukhona okufundayo kusho ukuthi uhlakaniphile. Noma iluphi uhlobo lwendaba oyifundayo lokho uzoba nakho ekusaseni lakho.

Amaphupho ngokunitha

Uma uphupha ukuthi uyanitha kusho ukuthi uzophumelela ekusaseni lakho. Uma ubona omunye umuntu enitha kusho ukuthi kukhona omaziyo okuqambela amanga.

Amaphupho ngodumo

Uma uphupha ukuthi unodumo ngenxa yamathalente akho empeleni kusho ukuthi awuzukwaziwa ngento oyenzayo.

Amaphupho ngokuhlobisa

Uma uphupha ukuthi uhlobisa ikhaya yizindaba ezimbi. Kusho ukuthi uzolahlekelwa yimali eningi maduzane.

Amaphupho ngekhonsathi

Uma uphupha ukuthi ukwikhonsathi yomculo kusho ukuthi uzolwa kabi nomuntu.

Amaphupho ngokubaza

Uma uphupha ukuthi uyabaza kusho ukuth uzoshada usemncane futhi ube nezingane eziningi. Uma usushadile kusho ukuthi uzophumelela emsebenzini.

Amaphupho ngobuciko

Uma uphupha ukuthi uyadweba kusho ukuthi uzoba ngumdwebi ngelinye ilanga. Kodwa uma upenda kuwuphawu olubi ngoba kusho ukuthi umndeni wakho uzohlupheka.

Amaphupho ngokulingisa

Uma uphupha ukuthi ubukela umdlalo wasesiteji noma uphakathi kumdlalo wasesiteji kusho ukuthi uzothola izindaba ezimnandi maduzane.

Amaphupho ngokubhala

Ukubhala Uma uphupha ukuthi uyabhala, kusho izinto ezinhle uma iphepha lihlanzekile linobunono – uzoba nomshado onenjabulo kanye nezingane ezinhle. Uma uzama ukubhala kodwa ungakwazi, noma uklebhula iphepha, kusho ukuthi awuhlakaniphile ngendlela oyicabangayo futhi uzozithola usenkingeni maduzane.

Comments