Amaphupho ngokubeletha

 

Amaphupho ngokubeletha (ukuthola umntwana)

Uma ungumuntu wesifazane uphupha ubeletha umntwana, lelo phupho lingaba nezincazelo ezahlukahlukene. Izincazelo zivela ekutheni ubelethe kanjani ephusheni lakho. Uma uphupha ubeletha kabuhlungu noma umntwana enqaba ukuphuma, lokho kuyibika lokuthi kukhona izinto okungezakho (imvamisa inhlanhla) okufanele ngabe sezifikile kuwena kepha kunomuntu okuvimbile lokho. Kanti uma uphupha ubeletha kahle nomntwana aphume ekhala ngengokujwayelekile, lokho kubika ukuthi kunenhlanhla ezokuvelela kungekudala futhi kuzoba yinto yangunaphakade.

Amaphupho ngokubeletha

Asho ukuthini amaphupho ngokubeletha? Lokhu kuhlanganisa ukuzala, ukuphuphuma kwesisu nokukhulelwa.

Amaphupho ngokukhulelwa

Athini amaphupho okubika isisu noma ukukhulelwa? Ungathola izincazelo ngaphansi.

Amaphupho okubika isisu noma ukukhulelwa

Uma uphupha izithelo eziningi ezahlukene. Kuyenzeka uphuphela umuntu wakini noma umngane wakho okhulelwe.

Uma uphupha udla izithelo kusuke kunguwena ozokhulelwa noma kanti vele usukhulelwe.

Uma uphupha ubhukuda emanzini angcolile noma udaka olunamanzi ubisha kulona kusuke kunguwena okhulelwe.

Uma uphupha ukuthi ukhulelwe kusho ukuthi uzoba namawele ngelinye ilanga ikakhulukazi uma uphupha wona futhi.

Kukhona abantu abakwaziyo ukuthi baziphuphele bona uma bekhulelwe kodwa isikhathi esiningi umuntu uyaye  aphushelwe ngomunye. Kukhona iphupho othi uma usukhulelwe nabantu sebazi ukuthi ukhulelwe kodwa uthole ukuthi umuntu omdala ekhaya uzophupha futhi kodwa esebona ubulili bengane kulelophupho. Kunenkolelo yokuthi lelophupho lisuke lichaza ukuthi ingane iyisibusiso usuke uyiphiwe amadlozi akini. Kodwa inkinga ibalapho lengane uma isizelwe ivamise ukugula kakhulu. Ikakhulukazi uma ingahlawulelwanga kubo lapho izalwa khona. Izidalwa zivamise ukuyibanga. Futhi nawe mzali wengane kufanele ingane yakho uyibonge uma isizelwe ngoba inenhlanhla. Noma izobonwa kumele uyenzele okuthile, ugaye utshwala besintu upheke nenyama yangaphakathi beze omakhelwane bayibone.

Kunamaphupho esikwaziyo ukuthi uma uwaphuphile wenze okuthile ukuze ukwazi ukugwema okungase kuvele. Kodwa awokufa nawokukhulelwa awukwazi ukuvimba noma ukugwema uma sekwenzekile. Kodwa kubalulekile ukukhumbula amaphupho osuke uwaphuphe ebusuku ngoba awusizo.

Ukuphupha omunye umuntu ekhulelwe

Ukuphupha umuntu omunye umuntu ekhulelwe, lokho kuyibika lokuthi kukhona into noma izinto okungezakho ngokufanelekile kodwa ezisezandleni zomunye umuntu. Kepha esikhathini esingeside leyonto izobuyela ezandleni zomnikazi wayo. Kungaba yinto eyifa kuwena noma kube yinto eyakulahlekela esikhathini esedlule, kanti futhi kungaba yisikhundla esanikezwa omunye umuntu ngendlela engasibo ubulungiswa okuzovela njengemfihlo bese sibuyela kuwena.

Amaphupho ngokuphuphuma kwesisu

Uma uphupha ukuthi umuntu wesifazane uphuphume isisu kusho ukuthi uphathina wakho uzohlushwa yizinkinga empilweni yakhe.

Amaphupho ngokuzala

Uma ukhulelwe noma ushadile bese uphupha ukuthi uyazala, lokho kusho ukuthi uzobeletha kalula. Uma uphupha uzala kodwa ungakhulelwe, lokho kusho ukuthi kunenkathazo esendleleni. Uma uyindoda uphupha ukuthi uphathina wakho uyazala, lokho kusho ukuthi ukhulelwe.  

Comments

  1. Kusho ukthini ukuphupha uteta kaw2 ube ungakhulekwe ebese iyngane uynika omunye womndeni

    ReplyDelete
  2. Mina ngicela ukwazi ukuthi uma uphupha omunye wesifazane esikwa kuze kube uyateta kahle futhi, ngabe kusho ukuthini lokho?

    ReplyDelete
  3. Thokoza, kusho ukuthini ukuphupha uphethe amasi?

    ReplyDelete
  4. Kusho ukuthini ukuphupha owesilisa ebeletha omaziyo futhi ungumphathi wakho emsebenzini

    ReplyDelete

Post a Comment