Amaphupho ngezithelo

Ukuphupha izithelo ezibolile

Leli iphupho elingelihle neze, libika ukuba neshwa lokungabatholi abantwana nama ukuphuphuma kwesisu, kukhona okusuke kungahambi kahle ngenzalo yakho noma isibeletho sakho uma ungumuntu wesifazane.

Amaphupho ngezithelo

Asho ukuthini amaphupho ngezithelo? Lokhu kuhlanganisa ama-aphula, amabhilikosi, obhanana, amagrebhisi, amaworintshi, amapentshisi, ophayinaphu, amaplamu, ukwipili, amastrobheri namakhabe.

Amaphupho ngekhabe

Uma uphupha udla ikhabe kusho ukuthi noma ikuphi ukugula okukuphethe kuzoba ngcono.

Amaphupho ngamastrobheri

Uma uphupha ukuthi udla amastrobheri kusho ukuthi uzophumelela emsebenzini nasebudlelwaneni bakho nabanye.

Amaphupho ngokwipili

Uma uphupha ukuthi udla okwipili kusho ukuthi ibhadi obunalo luzoshintsha lube yinhlanhla maduzane.

Amaphupho ngamaplamu

Uma uphupha ukuthi udla amaplamu incazelo iya ngokuthi anoshukela noma amuncu. Amaplamu anoshukela asho ukuthi uzoba nenhlanhla kodwa amaplamu amuncu asho ukuthi kukhona umuntu ozolwa naye. Amaphupho ngamagrebhisi.

Amaphupho ngophayinaphu

Uma uphupha ukuthi udla ophayinaphu kusho ukuthi uzoba isimenywa esibalulekile emcimbini.

Amaphupho ngepentshisi

Uma uphupha ukuthi udla amapentshisi kusho ukuthi uzoba nenjabulo empilweni yakho.

Amaphupho ngamaworintshi

Uma uphupha ukuthi udla amaworintshi uzobhekana nokulahlekelwa maduzane – emsebenzini noma ebudlelwaneni bakho noma ezimalini zakho.

Amaphupho ngolamula

Uma uphupha ukuthi udla olamula kuwuphawu lokungajabuli uma ushadile kodwa yinhlanhla uma ushadile.

Amaphupho ngamagrebhisi

Uma uphupha ukuthi udla amagrebhisi kusho ukuthi umuntu ozoshada naye noma oshade naye uzokujabulisa. Amaphupho ngokuvuna. Amaphupho ngama-plamu.

Amaphupho ngobhanana

Uma uphupha ukuthi udla obhanana kusho ukuthi uzoba nenjabulo ekusaseni lakho.

Amaphupho ngebhilikosi

Uma uphupha ukuthi udla amabhilikosi kusho ukuthi uzothola imali ube nenhlanhla.

Amaphupho ngama-aphula

Uma uphupha ukuthi udla ama-aphula kusho ukuthi kunezinto ezinhle ezizayo kuwe ngaphandle uma uwanambitha uthole ukuthi amuncu. Lokho kusho ibhadi ekusaseni lakho. Amaphupho ngamagrebhisi. Amaphupho ngama-plamu.

Comments

  1. Ngicela ukubuza uma uwumuntu wesilisa uphupha uphethe amapentshisi amaningi ngoplastic kusho ukuthini??

    ReplyDelete

Post a Comment