Amaphupho ngezinzwa

Amaphupho ngezinzwa

Asho ukuthini amaphupho ngezinzwa? Lokhu kuhlanganisa imisindo ehlukahlukene nokunuka kwezinto ezihlukahlukene.

Amaphupho ngamakha

Ukuphupha amakha, noma ngabe uyaziqhola ngawo, noma ngabe unukelwa yiphunga lawo elimnandi, konke kusho okuhle empilweni, emsebenzini noma kwezothando.

Amaphupho ngokuzwa ukukhala

Uma uphupha ukuthi uzwa umuntu okhalayo kusho ukut

Amaphupho ngokunuka amakha

Uma uphupha ukuthi unuka amakha kusho ukuthi kuzokuhambela kahle ebudlelwaneni bakho nabanye nasemsebenzini.

Amaphupho ngokunuka amaphunga amnandi

Uma uphupha ukuthi unuka iphunga elimnandi kuwuphawu oluhle ngekusasa lakho.

Amaphupho ngokunuka amaphunga amabi

Uma uphupha ukuthi uzwa uphunga elibi kusho ukuthi kuzoba nolaka empilweni yakho.

Amaphupho ngokuzwa iwashi

Uma uphupha ukuthi uzwa isandla sewashi sihamba kusho ukuthi uzoba nempilo enenjabulo.

Amaphupho ngokuzwa umuntu ebiza igama lakho

Uma uphupha ukuthi uzwa umuntu ekubiza kodwa ngegama elingelona kusho ukuthi kuzoba nezinkinga ebudlelwaneni bakho.

Amaphupho ngokuzwa umsakazo

Uma uphupha ukuthi uzwa umsakazo kusho ukuthi kufanele uyovakashela isihlobo esisanda kukuvakashela.

Amaphupho ngokuzwa ucingo

Uma uphupha ukuthi uzwa ifoni/ ucingo lukhala kusho ukuthi abantu bahleba ngawe futhi kuzoletha izinkinga ebudlelwaneni bakho nabanye. Uma uphupha ukuthi ubona ucingo lokubiyela kusho ukuthi uzoba yisigwili ekusaseni lakho kodwa kungathatha isikhathi.

Amaphupho ngokuzwa umculo

Uma uphupha ukuthi uzwa umculo ojabulisayo ephusheni lakho lokho kusho ukuthi uzothola izindaba ezimnandi maduzane nje. Kodwa uma uzwa umculo ongemnandi kusho ukuthi uzothola izindaba ezimbi.

Amaphupho ngokuzwa umsindo omkhulu

Uma uphupha ukuthi uzwa umsindo omkhulu kusho ukuthi uzodinga ukwenza isinqumo esibalulekile maduzane.

Amaphupho ngokuzwa ukungqongqoza emnyango wakho

Uma uphupha ukuthi uzwa ukungqongqoza emnyango wakho useduzane nokufinyelela izinhloso zakho kodwa kufanele uqaphele ukuthi usho into elungile ukuze ungalahlekelwa amathuba akho.

Amaphupho ngokuzwa inja ihlaba umkhulungwane

Uma uphupha ukuthi uzwa inja ihlaba umkhulungwane kusho ukuthi kunezinto ezimbi ezizayo. Uzoba nezikhathi ezinobunzima nokulwa maduzane.

Comments