Amaphupho ngezinyoni izilwane nezinambuzane

 


Amaphupho ngezinyoni izilwane nezinambuzane

Amaphupho ngelulwane

Uma uphupha ubona ilulwane kuyishwa ngakho kufuneka uqaphele okwesikhashana. Ilulwane yisilwane esimbaxambili, sakheke saba nomzimba wenyoni kepha ikhanda lingelegundwane. Emaphusheni ilulwane lisho ukubakhona komuntu oyixoki ngobumbaxambili kuwena nasetheni zakho. Lomuntu uba muhle uma ephambi kobuso bakho kepha uyingozi ngemva kwakho. Angeke kwambuleleke ukuthi umazi lowomuntu ngokwephupho, kodwa okuyaye kubaluleke yindawo osuke ukuyo wena ophuphayo okuyiyona engakwenza ukuthi umazi loyomuntu, lokhu phela kwenziwa wukuthi yiyona indawo leyo evela ephusheni okuyiyona ngemvamisa ekuhlanganisayo nalowo muntu owumbaxambili.

Amaphupho ngezinkonjane

Leli ngelinye lamaphupho amahle kakhulu elingafaniswa nokuphupha amajuba, amadayisi noma idayimane. Leliphupho liyibika lenhlanhla nokuhamba kahle kwezinto empilweni yomuntu. Kafushane nje, singasho sithi likhomba ukuphakama nokudlulela esigabeni esilandelayo kwalokho okwenziwa yilowo ophupha izinkonjane – kungaba ukudlulela esigabeni esilandelayo ngokwemfundo, ukukhushulelwa esikhundleni emsebenzini, ukuwina kakhulu lapho kugembulwa, noma ukwamukelwa kwesicelo ebesifakwe ndawanathile – lezi yizibonelo nje, inqubekela phambili ingaba maqondana nalokho umuntu nomuntu akuphokophelele.

Amaphupho ngenyoka emnyama enebala elimhlophe

Ukuphupha inyoka emnyama enebala elimhlophe ngenzansi yiphupho elimele abadala noma amadlozi, lisho inhlanhla ezokwenzeka emndenini. Kanti ke uma uphupha ushawa inyoka ensundu kusho ulaka lwabadala phecelezi abaphansi. Amaphupho ngenyoka ensundu. Amaphupho ngenyoka eluhlaza. Amaphupho ngenyoka.

Amaphupho ngenyoka

Ukuphupha inyoka noma izinyoka

Ukuphupha izinyoka akusiyo neze into ethokozisayo, kuchaza ukuthi kusuke kukhona isitha esikulandelayo. Futhi kuya ngokuthi iyiphi inyoka oyiphuphile. Isibonelo nje uma uphupha inhlwathi – lelophupho lisuke liqondene nabantu abadala, amathongo noma phecelezi amadlozi. Ukuphupha imfezi khona kusho ukuthi kukhona umuntu ozenza umngani kuwe ebe ekuxokizela, okusho ukuthi kunomuntu oseduze kwakho oyinyoka.

Uma uphupha izinyoka bese kuvela nomuntu kulelophupho, kusho ukuthi naye lowomuntu uyathinteka kulezozitha obhekene nazo.

Ukuphupha inyoka yabathakathi, okuyinyoka emnyama enomgogodla omhlophe, lokho khona kusho ukuthi kukhona umuntu okhunkula ikwenu noma ikini ngenyoka, lowomuntu esebenza ngokuthumela yona leyonyoka oyiphuphile ukuthi izothakatha.

Kanti ke okunye uma uphupha ubona izinyoka nje kukhomba ishwa ekusaseni lakho, lokho kufakazelwa wuhlobo oluthile lwenyoka eqondene nabadala esuke isho ukuthi amadlozi akuthukuthelele futhi othile uzokukhaphela ikakhulukazi uma inyoka ikhuluma.

Omunye angathi: “Ngiphuphe ngibona inyoka ensundu ihamba iya ngapha nangapha, kuthe kusenjalo kwaqhamuka emnyama yona izihambela kahle” – Leliphupho lisho ukuthi kukhona isitha esikugadlayo kodwa ke ithongo lakho liyakuvikela.

Ngokujwayelekile amaphupho ngenyoka axwayisa ngesitha kepha akuhlale kunjalo ngaso sonke isikhathi. Izinyoka ezifana nomdlume, ibululu, umzondo kanye nempumputhe azikhombi isitha. Lezi yizinyoka ezingenabo ubungozi obungafaniswa nobesitha, zona zikhomba inhlanhla engase ikwehlele esikhathini esifushane esizayo. Imvamisa leyonhlanhla isuke izovela ngomuntu ongesiye owasekhaya.

Amaphupho ngenhlwathi

Uma uphupha inhlwathi ikupoqoza kusho ukuthi amadlozi akhuluma nawe.

Amaphupho ngezilwane ezihuquzela ngezisu

Uma uphupha ubona izilwane ezihuquzela ngezisu kusho ukuthi kunabantu abafuna ukukulimaza.

Amaphupho ngeMamba

Uma uphupha ubona iMamba kusho ukuthi abantu bazohleba futhi basho izinto ezimbi ngawe ngemva kwakho.

Amaphupho ngesibankwa

Uma ubona isibankwa kusho ukuthi othile emndenini wakho uzodumaza ukumethemba kwakho.

Amaphupho ngenyoka eluhlaza

Uma uphupha ubona inyoka eluhlaza enkulu kusho ukuthi kunesitha esifuna ukukulimaza. Kungenzeka sibe ngisho ngaphakathi emndenini wakho. Amaphupho ngenyoka ensundu. Amaphupho ngenyoka emnyama enebala elimhlophe. Amaphupho ngenyoka.

Amaphupho ngeselesele (ixoxo)

Ukuphupha ngexoxo (iselesele) kuyinto engeyinhle, imvamisa leli phupho liba ukuphupha umuzi kababa wakho noma lapho kuzalwa khona ubaba wakho ugcwele amasele. Lokhu kusho ukuthi kunomuntu okushaya ngesichitho esiphehlwa ebusuku nasekushoneni kwelanga sesahlukaniso sothando.

Amaphupho ngenyoka ensundu

Uma uphupha ubona inyoka ensundu nokumhlophe kusho ukuthi amadlozi akuthumelela umbiko wokuthi qaphela noma uphawu lokuthi inhlanhla iyeza maduze. Amaphupho ngenyoka emnyama enebala elimhlophe. Amaphupho ngenyoka eluhlaza. Amaphupho ngenyoka.

Amaphupho ngomuvi

Uma uphupha ubona imivi kusho ukuthi unezitha ezifisa ukukulimaza. Uma owodwa ukunciza uzobhekana nenkinga ngokushesha kodwa uma uwubulala kusho ukuthi uzophumelela. Amaphupho ngomuhlwa.

Amaphupho ngomuhlwa

Uma uphupha ubona umuhlwa kusho ukuthi usengozini evela kubantu obucabanga ukuthi ungabethemba. Amaphupho ngomuvi.

Amaphupho ngesicabucabu

Uma uphupha ubona isicabucabu noma ulwembu lwesicabucabu kusho ukuthi kunezinto ezinhle eziza kuwena. Uzothola imali obungayilindele noma othile uzokuvakashela maduze.

Amaphupho ngomnenke

Uma uphupha ubona iminenke kusho ukuthi uyophumelela kodwa kuyothatha isikhathi ukuba ubone imiphumela yomsebenzi wakho.

Amaphupho ngeqhwagi

Uma uphupha ubona amaqhwagi kusho ukuthi izinto onazo njengamanje ngeke zihlale zikhona. Uyozithola ulambile noma umpofu futhi injabulo obucabanga ukuthi unayo iyokulahlekela ngokuhamba kwesikhathi.

Amaphupho ngezintwala

Uma uphupha ubona izintwala kusho ukuthi uzobhekana nezinkinga empilweni ikakhulukazi emsebenzini. Qikelela ukukhokha izikweletu zakho unakekele nempilo yakho.

Amaphupho ngezimpukane

Uma uphupha ubona izimpukane kusho ukuthi kunabantu abanomona ngawe futhi bangazama ukukubangela inkinga.

Amaphupho ngamazeze

Uma uphupha ubona amazeze kusho ukuthi uzobhekana nokudumala ngaphandle uma uphumelela ukuwabulala lokho okusho impumelelo.

Amaphupho ngomsundu

Uma uphupha ubona imisundu kusho ukuthi kukhona abantu abahlose ukwenza okubi kuwe.

Amaphupho ngovemvane

Uma uphupha ubona izivemvane kusho ukuthi uzokhaphelwa othile omethembayo.

Amaphupho ngenyosi

Uma uphupha ubona izinyosi kusho ukuthi kukhona abaphokophelele ukukuthola. Uma zikutinyela kusho ukuthi uzolahlekelwa yizinto ezisemqoka kuwe.

Amaphupho ngepigogo

Uma uphupha ubona ipigogo kusho ukuthi uzosebenzela into ethile kanzima kodwa ngeke uphumelele. Okuyibona bodwa abantu ababa nenhlanhla uma bephupha amapigogo ngabalimi. Amaphupho ngenyoni yombani. Amaphupho ngezinyoni.

Amaphupho ngesikhova

Uma uphupha ubona izikhova kusho ukuthi uneshwa futhi usizi luyeza kuwe. Uma uphupha ukuthi sizichwaneke endlini yomunye umuntu futhi siyakhala izinto ezimbi zizokwehlekalela lowomndeni.

Amaphupho ngesidleke

Uma uphupha uthola isidleke senyoni kuwuphawu oluhle ingqobo nje uma sinamaqanda. Uma isidleke singenalutho lokho kusho ukuthi udinga ukuqaphela inkinga.

Amaphupho ngezinyoni zokuzingelwa

Uma uphupha uzingela izinyoni kusho ukuthi uyoba nenjabulo nempumelelo uma uzibamba. Uma kungomunye umuntu ozingela izinyoni kusho ukuthi isithandwa sakho siyakukhohlisa. Amaphupho ngenyoni yombani.

Amaphupho ngothekwane

Uma uphupha ubona uthekwane kusho ishwa kuwe ikakhulukazi uma ulibulala.

Amaphupho ngomhlambi wezinyoni

Uma uphupha umhlambi wezinyoni kusho inhlanhla nokuchuma ekusaseni lakho. Uma ufuye izinyoni kusho ukuthi ibhizinisi lakho liyophumelela kakhulu futhi uyozuza kakhulu kulo. Amaphupho ngenyoni yombani. Amaphupho ngezinyoni. Amaphupho ngezinyoni zokuzingelwa.

Amaphupho ngezimpaphe

Uma uphupha ubona uphaphe olumhlophe kusho ukuthi uzoba nokuthula nozwano empilweni yakho. Uma uphupha uphaphe olumnyama kusho ukuthi uzoba nokulahlekelwa kungekudala.

Amaphupho ngokhozi

Uma uphupha ubona ukhozi kusho ukuthi uzophumelela emsebenzini ikakhulukazi uma ulibulele. Uma lizichwaneka endlini yakho lokho kusho ukuthi uzobhekana nezikhathi ezikhathazayo ekhaya lakho.

Amaphupho ngamajuba

Uma uphupha ubona amajuba kusho ukuthi uzoba nenhlanhla nempumelelo ikakhulukazi uma endiza. Uma ubona amajuba amhlophe kusho ukuthi izinsizi zakho zizodlula maduze.

Amaphupho ngezinyoni

Uma uphupha ubona izinyoni kungasho izinto eziningi ezahlukene.

Uma uzizwa zicula – kusho ukuthi kuzoba nenkinga maduze.

Uma uzibona zindizela phezulu – lokho kusho ukuthi ukhohliswa ngabantu obucabanga ukuthi ungabethemba.

Uma uzibona endle – kusho ukuthi uzozwa izindaba ezingalindelekile.

Uma uphupha izinyoni ezinkulu – kusho impumelelo uma ucebile futhi

Uma uphupha izinyoni ezincane – kusho impumelelo uma umpofu.

Ukuphupha ihobhe – kusho ukuvaleka kwezothando, ingxabano kulowo othandana naye noma isiphetho esingesihle kubudlelwano onabo ngeleso sikhathi.

Ukuphupha ijuba noma amajuba – kuchaza isikhathi esihle kwezothando, injabulo enkulu ehambisana nokuthula noxolo nalowo osuthe uthandana naye, noma lowo osuke uzomthola esikhathini esingeside esizayo.

Ukhuphupha ukhozi – Kusho ukulahlekelwa isithandwa sakho ngenxa yezenzo zomunye umuntu, ukuthathelwa noma ukuxatshaniswa naso ekubeni wena usuke ungekho ephutheni.

Amaphupho ngentuthwane

Uma uphupha ubona izintuthwane kusho ukuthi uyovuzwa ngokuzikhandla kwakho ngemicebo kanye nendlu enkulu ikakhulukazi uma uzibona ziqoqa udoti zizokwakha isidleke sazo. Uma uphupha iqulo lezintuthwane noma uphupha ngazo ubusuku bulandelana kubi futhi kusho ukuthi uzoba nezikhathi ezikhathazayo emndenini wakho.

Comments

Post a Comment