Amaphupho ngezinkolo zamasiko

 


Amaphupho ngezinkolo zamasiko

Amaphupho ngezinkolo zamasiko

Asho ukuthini amaphupho ngezinkolo zamasiko aseAfrika? Lokhu kuhlanganisa amadlozi, iziqalekiso, izinganekwane, imicimbi, izindawo ezingcwele, izinyoni zombani, umlingo nezintombi zasolwandle.

Amaphupho ngocansi

Leli yiphupho elingelihle, likhomba ukuba khona kwemimoya emibi ekuzungezile empilweni yakho noma kuleyo ndawo olala kuyona. Lokhu kungaba wumphumela wokusetshenziswa kwemithi yobumnyama kuwena noma imimoya emibi eyasala kuleyo ndawo okuyo. Ngakho-ke ukulwisana naleliphupho elivamise ukuba ngeliphindaphindayo kumele usebenzise isisekelo okholelwa kuso. Leso sisekelo singaba wusizo olutholakala kubelaphi besintu noma kungaba ukuthandaza uma ukholelwa kuNkulunkulu. Kepha-ke makuqapheleke ukuthi uma ungowesilisa osengena ekubeni yindoda, leliphupho lisuke nje liyibika lokukhula kwakho ngoba uye ufike kuvuthondaba okokuqala ngokocansi ngaphambi kokuba uphaphame, okuyindlela obona ngayo ukuthi usungakwazi ukuthola abantwana ube ngumzali.

Amaphupho ngentombi yasolwandle

Uma uphupha ukuthi ubizwa yintombi yasolwandle kusho ukuthi amadlozi azokunikeza umyalezo maduzane futhi uzoba nenhlanhla.

Amaphupho ngomlingo

Uma uphupha ukuthi umuntu wenza umlingo kusho ukuthi kuzoba noshintsho empilweni yakho maduzane. Uma abantu kade bekukhohlisa uzokwazi maduzane futhi ngeke besakwazi ukucasha.

Amaphupho ngenyoni yombani

Uma uphupha ukuthi ubona inyoni yombani kuzoba nobunzima emndenini wakho maduzane ikakhulukazi uma inyoni ihlala phezu kwendlu yakho. Qaphela ukuduma kwezulu nombani okwesikhashana ngoba kungenzeka ukuthi usenkingeni. Amaphupho ngezinyoni. Amaphupho ngezinyoni zokuzingelwa.

Amaphupho ngendawo engcwele

Uma uphupha ukuthi usendaweni engcwele kusho ukuthi uzoba nenjanbulo esikhathini esizayo. Kungasho nokuthi uzoshada usemusha uma ungowesifazane.

Amaphupho ngomcimbi ongcwele

Uma uphupha ukuthi uyingxenye yomcimbi ongcwele kusho ukuthi maduzane isihlobo sakho sizodinga usizo lwakho.

Amaphupho ngezinganekwane

Uma uphupha ukuthi kunomuntu okuxoxela inganekwane kusho ukuthi izinto ebezikuhlupha zizophela maduzane.

Amaphupho ngodeveli

Uma uphupha ukuthi ubona udeveli kunengozi ezayo kuwe. Kungenzeka ube senkingeni nomthetho maduzane.

Amaphupho ngesiqalekiso

Uma uphupha ukuthi uqalekisiwe kusho ukuthi uzolahlekelwa yinto ebalulekile kuwe.

Amaphupho ngamadlozi

Uma uphupha ukuthi ubona amadlozi uzobhekana nenkathazo empilweni wakho maduzane.

Comments