Amaphupho ngezingubo

 


Amaphupho ngezingubo

Amaphupho ngezicathulo (izihlangu)

Uma uphupha ugqoke izicathulo, uma zizintsha futhi zicwebezela kusho ukuthi uzophumelela, kodwa uma zindala kusho ukuthi uzoba nezinkinga. Enye incazelo yokuphupha ngezihlangu kumbe izicathulo ngeyokuthi kuyibika lokuthi esikhathini esingeside kunohambo oluzovela okumele uluthathe. Uma izicathulo zikumpintsha usuzigqokile lolo hambo lusuke luzoba nenkinga oluzoziletha kuwena, kungaba ukuphuka komoya ngozokuzwa, yingxabano ezoba khona nabanye abantu kulolo hambo noma okunye. Kepha okubalulekile ukuthi kumele wazi ukuthi lezo zinkinga kusuke kuzoba izinto ezidlulayo futhi uzokwazi ukumelana nazo.

Ukuphupha uthenga izingubo ezintsha

Leli yiphupho elithokozisayo kakhulu kubantu bonke uma sibheka lokho elisuke likubikezela. Liyibika lokushintsha kwempilo ngendlela engcono kunaleyo umuntu asuke ekuyo. Kafushane nje singasho sithi libikezela inqubekela phambili, inhlanhla, izibusiso noma impumelelo. Nansi enye incazelo lapho umuntu ephupha ngokuthenga.

Ukuphupha ugqoke umfaniswano

Uma uphuphe ugqoka umfaniswano wesonto, womsebenzi, wesiko noma okunye okwenzayo empilweni; lokho kuyinto enhle. Leli phupho liyibika lokuthi kulokho ogqoka umfaniswano wakho usuke wenza kahle kakhulu kukhona futhi abantu ohlanganyela nabo kulokho basuke bekukhonzile kakhulu bekuthakasela ukuba nawe. Isibonelo: Uma ugqoka umfaniswano womsebenzi, kusho ukuthi abaphathi bayayithanda indlela owenza ngayo umsebenzi.

Amaphupho ngeveyili

Uma uphupha ukuthi ugqoke iveyili kusho ukuthi uzobhekana nezinkinga empilweni yakho maduzane.

Amaphupho ngezingubo zangaphansi

Uma uphupha ukuthi ugqoke izingubo zangaphansi kusho ukuthi uzothola izindaba ezinhle maduze. Kepha uma izingubo zangaphansi zingcolile futhi zidabukile uzozithola usenkingeni nomthetho.

Amaphupho ngebhulukwe

Uma uphupha ukuthi ugqoke ibhulukwe kusho ukuthi uzoshada nomuntu othembekile ozokuphatha kahle.

Amaphupho ngosilika

Uma uphupha ukuthi ugqoke izingubo zosilika kujwayele ukuba yinhlanhla enhle. Amadoda aphupha ngonkosikazi ogqoke usilika azoba nomshado ojabulile futhi abesifazane abaphupha ukuthi bagqoke usilika kusho inhlanhla enhle nempumelelo.

Amaphupho ngetshali

Uma uphupha ukuthi ugqoke itshali uzokhathala ukubekezela ngoba inkinga ekuhluphayo ayizuxazululeka.

Amaphupho ngezidwedwe

Uma uphupha ukuthi ugqoke izidwedwe kusho ukuthi uzoba nenhlanhla enhle.

Amaphupho ngezingubo ezindala noma ezingcolile

Uma uphupha ukuthi unikwe izingubo ezingcolile noma ubuzwe ukuthi uwashe izingubo kodwa amanzi angcolile kusho ukuthi kukhona ozama ukuthakatha umuzi wakho. Amaphupho ngokuwasha izingubo. Amaphupho ngokungcola nokuhlanzeka.

Amaphupho ngokubanqunu

Uma uphupha ukuthi ulahlekelwa izingubo futhi unqunu kusho ukuthi uzoba nebhadi maduzane. Uzoba nenkinga emsebenzini emndenini nasebudlelwaneni bakho nabanye.

Amaphupho ngokulahlekelwa yizingubo

Uma uphupha ukuthi ulahlekelwa izingubo noma iqoqo lamagugu yibhadi uma ungakwazi ukuzithola lezizinto. Uma ukwazi ukuzithola ephusheni kusho ukuthi usuyihlulile into embi.

Amaphupho ngesigqoko

Uma uphupha ukuthi ugqoke isigqoko yinhlanhla enhle uma isigqoko sisisha futhi sisemfashinini kodwa uzoba nebhadi uma sisidala futhi siwohlokile. Uma kukhona ontshontshe isigqoko sakho kusho ukuthi kukhona into ezokulahlekela.

Amaphupho ngeduku lasekhukhwini

Uma uphupha ukuthi usebenzisa iduku lasekhukhwini kusho ukuthi uzoba nenhlanhla emsebenzini nasothandweni.

Amaphupho ngengubo yokugqoka yabesifazane

Uma uphupha ukuthi ugqoke ingubo kujwayele ukuba ibhadi ikakhulukazi uma ingcolile noma idabukile. Kepha uma inombala omnyama noma oyigolide uzoba nenjabulo futhi uzothola umvuzo kumsebenzi onzima owenzile.

Amaphupho ngokotini

Uma uphupha ukuthi ugqoke izingubo zikakotini kusho ukuthi kuzoba khona ukuphikisana empilweni yakho maduze.

Amaphupho ngejazi

Uma uphupha ukuthi ugqoke ijazi kusho ukuthi izinto ezimbi zizokwehlela ngakho kufanele uqaphele.

Amaphupho ngezinkinobho

Uma uphupha ukuthi usebenzisa izinkinobho kusho ukuthi uzoba nenhlanhla enhle nokuthi uzophila isikhathi eside uma ungumuntu wesifazane kodwa uzoba nebhadi uma ungowesilisa.

Amaphupho ngokushisa izingubo

Uma uphupha ngokushisa izingubo zakho kusho ukuthi impilo yakho izoba ngcono. Kodwa uma ugcina umlotha kuzoba nezinkinga ezikutholayo.

Comments