Amaphupho ngezindlela zokufa

 


Amaphupho ngezindlela zokufa

Ukuphupha uphonseka eweni

Ngokujwayelekile uma uphupha uphonseka eweni uyaye uphaphame uma usuzofika phansi. Leliphupho liyibika elisho ukuthi usuke ukhula ngokomzimba okuyinto ongasoze wakwazi ukuyibona ngamehlo enyama kepha ihlale yenzeka ngokuhamba kwesikhathi.

Amaphupho ngezindlela zokufa

Asho ukuthini amaphupho mayelana nezindlela zokufa? Lokhu kuhlanganisa ukunquma ikhanda, ukugqitshwa uphila, ukuminza, ukulengiswa, ukubulala nokudlisa ushevu.

Amaphupho ngoshevu

Uma uphupha ukuthi udliswe ushevu kusho ukuthi uzoba nezinkinga zemali. Qaphela ukuthi uyiboleka bani imali ungangeneli imincintiswano futhi qinisekisa ukuthi imali uyisebenzisa ngendlela ehlakaniphile.

Amaphupho ngokubulala

Uma uphupha ukuthi ubulewe kusho ukuthi umuntu omthandayo uzodinga usizo lwakho noma wena uzoba nezinkinga empilweni yakho.

Amaphupho ngokulengiswa

Uma uphupha ukuthi ulengisiwe kusho ukuthi kunomuntu odinga usizo lwakho. Lalela abangani bakho nomndeni wakho ukubona ukuthi ungabasiza kanjani.

Amaphupho ngokuminza

Uma uphupha ukuthi uminzile kuyinhlanhla. Uzothola ukuthi izinto ezikuhluphayo zizozihambela futhi ophathina bakho bazoziphatha kahle babe ngabathembekile.

Amaphupho ngokugqitshwa uphila

Uma uphupha ukuthi ugqitshwe uphila kufanele uqaphele ngoba uzoba nesikhathi esinzima nebhadi maduzane – ikakhulukazi uma ungumuntu wesilisa.

Amaphupho ngokunqunywa ikhanda

Uma uphupha ukuthi unqunywe ikhanda kusho ukuthi uzokhululwa ezintweni ezikukhathazayo empilweni.

Comments