Amaphupho ngezindawo

 


Amaphupho ngezindawo

Amaphupho ngendawo yokusebenza

Uma uphupha usendaweni yokusebenza kusho inhlanhla kanye nokuchuma ekusaseni lakho.

Amaphupho ngezitebele

Uma uphupha usezitebeleni kusho ukuthi uyoba nobudlelwane obude obujabulisayo nomlingani wakho kanye nabathandiweyo.

Amaphupho ngepaki

Uma uphupha usepaki kuyinhlanhla yekusasa lakho. Kusho ukuthi uyoba nenjabulo nempumelelo kanye nobudlelwane obuhle nomlingani kanye nabangani bakho.

Amaphupho ngebhayisikobho

Uma uphupha uya ebhayisikobho kusho ukuthi uzohamba uye endaweni ethile ekude.

Amaphupho ngemakethe nesitolo

Asho ukuthini amaphupho ngesitolo noma amaphupho ngemakethe? Uma uphupha usemakethe noma esitolo kuyinhlanhla yekusasa lakho. Kuhle kakhulu kwabashadile nabanini zitolo.

Amaphupho ngesibhedlela

Uma uphupha usesibhedlela kuyinhlanhla ingqobo nje uma uvakashele omunye umuntu. Kusho ukuthi uzoba nempilo enhle. Uma usesibhedlela kusho ukuthi kufanele uqaphele. Amaphupho ngodokotela noma ngomuthi anezincazelo ezahlukene. 

Amaphupho ngendlu yotshani

Uma uphupha ukuthi uhlala endlini yotshani kusho ukuthi uzolwa nomngani wakho kungekudala. Amaphupho ngokulwa.

Amaphupho ngepulazi

Uma uphupha usepulazini kusho izinto ezinhle kuwe. Uyophumelela futhi ujabule ikakhulukazi uma kuyipulazi lakho noma usiza ekuvuneni izithelo nemifino.

Amaphupho ngendawo yobisi

Uma uphupha usendaweni yobisi kusho ukuthi uzophanjwa ngothile ngoba ukucabanga kwakho akuhlelekile.

Amaphupho ngemayini yamalahle

Uma uphupha usemayini yamalahle kusho ukuthi uyoba nobudlelwane obulukhuni nothile owake washada ngaphambilini.

Amaphupho ngesekisi

Uma uphupha usesekisini kusho ukuthi udinga ukulungisa impilo yakho futhi uhlukane nemikhuba emibi. Amaphupho ngocansi.

Amaphupho ngenkantini

Uma uphupha usenkantini nabangani bakho kusho ukuthi uyoba nenjabulo nokugculiseka empilweni yakho.

Amaphupho ngezinkambi namathende

Uma uphupha usenkampini kusho ukuthi uyoba nenhlanhla ebudlelwaneni bakho. Uma usethendeni kusho ukuthi kungadingeka usebenze kanzima kodwa uyophumelela.

Amaphupho ngesilaha

Uma uphupha usesilaheni kusho ukuthi maduze uzobona othile okade wagcina ukumbona.

Amaphupho ngebhuloho

Uma uphupha weqa ibhuloho kusho ukuthi kunezinkinga emsebenzini. Uma uzama futhi uleqa ibhuloho kodwa libhidlikile kusho ukuthi kukhona okwesabayo.

Amaphupho ngezindawo ezingcolile

Uma uphupha ukuthi usebenza nomanyolo engadini wuphawu oluhle ngoba maduzane uzoba yisigwili. Uma uphupha ukuthi usendaweni lapho okulahlwa khona izibi kufanele uqaphele imiphumela yezenzo zakho. Izindlela zakho ezingcolile zingakudalela inkinga maduzane.

Comments