Amaphupho ngezimfijoli

 


Amaphupho ngezimfijoli

Amaphupho ngevayolini

Uma uphupha ukuthi udlala ivayolini kusho ukuthi ngelinye ilanga uzophumelela ube nodumo.

Amaphupho ngexilongo

Uma uphupha ukuthi uzwa kudlala ixilongo kusho ibhadi elizayo kuwe. Kuzoba nokukhohlisana nezinkinga ebudlelwaneni bakho nabanye futhi kungenzeka kube nokungaqondani kahle okungakudalela inkinga.

Amaphupho ngopiyano

Uma uphupha ukuthi uzwa upiyano noma uyawudlala kusho ukuthi uzophoxeka maduzane uma ungaqapheli.

Amaphupho ngesigingci

Uma uphupha uzwa kudlala isigingci kusho ukuthi uzoba nenhlanhla maduzane. Kodwa uma kunguwena odlala isigingci kusho izinto izimbi ekusaseni lakho.

Amaphupho ngemitshingo

Uma uphupha ukuthi uzwa kudlala umtshingo kusho ukuthi uzobhekana nobunzima maduzane. Kodwa uma kunguwena odlala umtshingo kusho ukuthi uzophumelela uthuthuke.

Amaphupho ngesigubhu

Uma uphupha ukuthi uzwa izigubhu kusho ukuthi kuzoba nokuxabana emzini wakho maduzane.

Amaphupho ngezinsimbi ezikhencezayo

Uma uphupha ukuthi uzwa kukhala izinsimbi ezikhencezayo kusho ukuthi inhlanhla enhle iyeza kuwe.

Comments