Amaphupho ngezilwane zasendle

 


Amaphupho ngezilwane zasendle

Ukuphupha ingulube yasendle

Ukuphupha ingulube yasendle kuyefana nokuphupha izimpisi kumbe izinyoka ngoba wonke la maphupho axwayisa ngokuba khona kwesitha empilweni yakho. Ukuphupha ingulube yasendle kuhluke kulawa amanye amaphupho ngokuthi ukuphupha ingulube yasendle kusho ukuba khona kwesitha esesabekayo futhi esiyingozi kakhulu ngenxa yonya leso sitha esinalo.

Amaphupho ngofudu

Ufudu yisilwane esaziwa ngokuba yisinokwe uma sihamba futhi siphila isikhathi eside kakhulu kunezinye izilwane eziningi. Kanjalo nasemaphusheni siyibika lobunjalo baso kulokho umuntu asuke ekuzama. Ukuphupha ufudu kuchaza ukuthi lokho ophokophelele ukukufeza ngemizamo yakho, imvamisa okuba yibhizinisi, izithelo zokuzikhandla kwakhko zizoza kancane, kodwa-ke kuyogcina kucacile ngemuva kwesikhathi eside ukuthokozele ukuzikhandla kwakho. Abanye bathi uma uphupha ubona ufudu kuyishwa ebhizinisini lakho ngaphandle uma ulubambile waludla; lokho okuwuphawu lokuthi uzophumelela ngenxa yokuzikhandla kwakho.

Amaphupho ngengonyama

Leli yiphupho elingajabulisi neze. Ukuphupha ingonyama kuyibika lokuthi esikhathini esingeside uzozithola ulinyazwa ngumuntu onamandla kakhulu ngokwesikhundla akusona empilweni yakhe; isibonelo – lowomuntu kungaba yinkosi, yinduna, umongameli. Lezi yizibonelo nje, esimweni somuntu ngomuntu, kuya ngokuthi ngubani onesikhundla esinamandla owenza impilo yalowo ophupha ingonyama ibe engajabulile.

Amaphupho ngezimpisi

Njengokuphupha inyoka, ukuphupha impisi kubika ukuba khona kwesitha esiyingozi kuwena. Lesisitha kusuke kungumuntu omkhonzile kakhulu, wena ozitshela ukuthi ubudlelwano benu naye buhle kakhulu. Kungaba yilunga lomndeni wakho, kungaba ngomunye wabangani bakho, kungaba ngumakhelwane wakho, noma futhi kube ngumuntu osebenza naye – lezi yizibonelo nje ezimbalwa. Uma uphuphe izimpisi ezingaphezu kweyodwa, lokho kuchaza ukuthi kuneqembu labantu abayizitha kuwena futhi ukuzwana kwabo kuhlanganiswe wukuba yizitha kuwena.

Enye futhi incazelo lapho umuntu ephupha impisi ngeyokuthi lokho kungabikezela ingozi ekusaseni lalowo ophuphayo. Kanti uma umuntu ephupha ezingela futhi abulale impisi, lokho kungasho ukuthi lowo ophuphayo uzokulwa kumbe abe nengxabano nabathandiweyo bakhe.

Amaphupho ngezingwenya

Uma uphupha ingwenya kusuke kuzokwenzeka into embi, kokunye ukuphupha ingwenya kusho isifo, umshophi noma umonakalo ozokwenzeka. Kubangcono uma kuwukuthi ekuyiphupheni kwakho ayikulumanga, ngoba lokho kusho ukuthi noma ungavelelwa umshophi kodwa umonakalo ngeke ube mkhulu ngaleyondlela noma wona uzoba khona.

Amaphupho ngenhlanzi

Uma uphupha ubona inhlanzi kusho ukuthi uzoba nempumelelo emsebenzini nasempilweni. Ukuphupha udoba inhlanzi wayibamba uyoba nenhlanhla. Uma iphunyuka uyolahlekelwa yizo zonke izinto ezisemqoka kuwe.

Amaphupho ngombokwane

Uma uphupha ukuthi ubamba umbokwane kusho ukuthi uzoba nomshado omuhle. Uma uwuphunyula umbokwane ngemva kokuba ubusuwubambile kodwa kusho ukuthi uzobhekana nokwehlulwa kungekudala.

Amaphupho ngenkalankala

Uma uphupha ubona inkalankala kusho ukuthi ishwa lisendleleni liza kuwena ikakhulukazi uma kungekudala unohambo ngaphezu kwamanzi.

Amaphupho ngedube

Uma uphupha ubona idube kusho ukuthi kufanele uzinakekele kungenjalo uzogula.

Amaphupho ngonogwaja

Uma uphupha ubona unogwaja kuyishwa uma umnyama futhi kuyishwa kakhulu uma ungena ekhaya lakho. Uma kuwunogwaja omhlophe kodwa uyokwehlelelwa izinto ezinhle.

Amaphupho ngegundane

Uma uphupha ubona amagundane kusho ukuthi kunenkinga eza ngakuwena. Abanye abantu baphokophelele ukukuchitha nazozonke izinto ozisebenzele kanzima. Uma uphupha ubona amagundane kuyinhlanhla kuphela uma emhlophe. Ngale kwalokho kusho ukuthi abantu bazokukhaphela.

Amaphupho ngenkawu

Uma uphupha ubona inkawu kusho ukuthi kunabantu abazama ukukuphamba ngakho kufanele ulindele nanoma yini uma ufuna ukuphumelela.

Amaphupho ngochakide

Uma uphupha ubona uchakide kusho ukuthi umshado wakho uzoba sengxakini. Uma uchakide ephakamisa umsila wayo uma idlula ngakuwe uzoba neshwa.

Amaphupho ngemvukuzane

Uma uphupha ubona imvukuzane ukusebenza ngokuzikhandla kwakho ngeke kukuse ndawo okwamanje kodwa uma uphikelela uyoyibona imiphumela.

Amaphupho ngamabhubesi

Uma uphupha ubona ibhubesi kusho ukuthi kunengozi eza kuwe. Uma ulehlula ibhubesi ephusheni lakho kusho ukuthi uyovuzwa ngokuzikhandla kwakho okungaba ngodumo noma impumelelo emsebenzini. Uma ucabanga umshado kusho ukuthi umlingani wakho uyoba nomusa nobuhle.

Amaphupho ngezingwe

Uma uphupha ubona izingwe kusho ukuthi kunezikhathi ezinzima ekusaseni lakho futhi kuyofanele ubekezelele izikhathi ezinzima nokulahlekelwa.

Amaphupho ngempungushe

Uma uphupha ubona impungushe kusho ukuthi kufanele uqaphele ingozi. Uma uyibulalaimpungushe kodwa uyonqoba ezimpikiswaneni nasemibangweni yakho nabanye. Amaphupho ngezimpisi.

Amaphupho ngezimpondo

Uma uphupha ubona izimpondo zesilwane kuwuphawu oluhle futhi kusho ukuthi uzoduma.

Amaphupho ngemvubu

Uma uphupha ubona imvubu kufanele uqaphele esikhashaneni esilandelayo.

Amaphupho ngendlovu

Uma uphupha ubona indlovu kusho ukuthi uzothuthuka empilweni futhi ube nempilo enomdlandla. Kuphakathi kokuthi uzothola imali obungayilindele noma uzothola umvuzo ngokusebenza kwakho kanzima.

Amaphupho ngembila

Uma uphupha imbila yeqa endleleni yakho kusho ukuthi uzoba nenhlanhla.

Amaphupho ngengwenya

Uma uphupha ubona ingwenya kuwuphawu olubi. Kusho ukuthi uyakhohliswa – kungaba abathandiweyo bakho noma abangani bakho – futhi uzoba sempini kungekudala.

Amaphupho ngekameli

Uma uphupha ubona ikameli kuyinhlanhla enhle ekusaseni lakho.

Amaphupho ngenyamazane

Uma uphupha ubona inyamazane ngokujwayelekile kuwuphawu olubi. Ukuyibulala noma ukuyizingela kusho ukuthi uzolahlekelwa okusemqoka maduze – okungaba ngisho umsebenzi wakho. Isikhathi esiningi kusho ukuthi uzohlangabezana nempikiswano enkulu nomunye umuntu khona maduze.

Amaphupho ngemfene

Uma uphupha ubona izimfene kufanele uqaphele ngoba kunabantu abafuna ukukudla izithende.

Amaphupho ngesilwane esidla izintuthwane nomuhlwa

Uma uphupha ubona isilwane esidla izintuthwane nomuhlwa uzobhekana neshwa ikakhulukazi izinkinga obungazilindele lapho osebenza khona.

Comments