Amaphupho ngezilwane ezifuyiwe nemfuyo

 

Amaphupho ngezilwane ezifuyiwe nemfuyo

Amaphupho ngokufuya izinkomo

Ukuphupha ufuye izinkomo kunezincazelo ezahlukahlukene: Kubantu abacebile empilweni kusho ukwenzeka kwento ezoba yihlazo noma ukulahlekelwa okukhulu. Kubantu abampofu lisho ukuzuza okuthile. Ubunjalo kanye nesimo sezinkomo ophupha uzifuyile nakho kunezincazelo zakho: Uma uphuphe ufuye izinkomo ezikhuluphele, lokho kusho inala. Kanti uma uphuphe ufuye izinkomo ezondile, lokho kusho ukuza kwendlala.

Amaphupho ngenkomazi

Zihlukene izinto ezichazwa ukuphupha inkomazi, incazelo itholakala ngokuthi inkomazi ibiyenzani ephusheni.

Uma uphuphe ikujaha lokho kuyibika lokubakhona kwesitha. Uma ikuficile futhi yakulimaza, lokho kuchaza ukuthi sizogcina sikunqobile isitha sakho. Kanti uma iphupho liphetha ngokuthi ingakufici lokho kuhle, kusho ukuthi uyosinqoba isitha sakho.

Uma uphuphe uyisenga lokho kuhle, kuyisibonakaliso senzalo ozoyithola ekuhambeni kwesikhathi.

Uma ungumuntu wesifazane uphuphe inkomazi izala lokho kuyibika lokuthi uyobeletha kabi uma usuthola umntwana.

Amaphupho ngenkukhu

Uma uphupha ubona izinkukhu kusho izinto ezinhle ingqobo nje uma zingekanye namatshwele. Ngaphandle kwamatshwele iphupho lisho ukuthi uzoba nenjabulo kanye nempumelelo kodwa uma kunamatshwele kusho ishwa ukwenqatshwa kanye nokulahlekelwa ikakhulukazi kwezothando noma emsebenzini.

Amaphupho ngemvu

Uma uphupha ubona imvu kusho ukuthi izinto ezinhle zizokwehleka kuwe. Eyodwa nje imvu isho ukuthi uzochuma emsebenzini ikakhulukazi uma imnyama. Iqulu lezimvu lisho ukuthi uzophumelela futhi ube nomshado ojabule nonobuqotho). Amaphupho ngenqama.

Amaphupho ngenqama

Uma uphupha ubona inqama kusho ukuthi uzoba neshwa ekusaseni lakho. Amaphupho ngemvu.

Amaphupho ngezinkabi

Uma uphupha ubona inkabi futhi ihlanzekile futhi imhlophe kusho ukuthi uyokwaziwa ngezinjongo zakho ezimsulwa kanye nenhliziyo enhle.

Amaphupho ngemvu esencane

Uma uphupha ubona izimvu ezisencane incazelo iya ngokuthi uziphatha kanjani. Uma uzifuya futhi uzinakekela kusho ukuchuma nempumelelo kuwe. Uma uzihlaba noma uzidla kusho ukuthi uzovuma ngokubi okwenzile bese ujeza.

Amaphupho ngehansi

Uma uphupha ubona ihansi kusho ukuthi uzochuma futhi uphumelele emsebenzini wakho ikakhulukazi uma lenza umsindo.

Amaphupho ngembuzi

Uma uphupha ubona imbuzi kusho ukuthi uzoba nenhlanhla uma imbuzi imhlophe kodwa ishwa uma imnyama.

Amaphupho ngamadada

Uma uphupha ubona amadada uzochuma futhi uphumelele ingqobo nje uma ungawabulalanga. Kulesosimo kusho ishwa nenkinga.

Amaphupho ngenkomo

Uma uphupha ubona izinkomo noma amankonyane incazelo iya ngokuthi uyazilawula noma cha. Uma uzibona zisemadlelweni noma uzelusa kusho impumelelo nenhlanhla ekusaseni lakho. Uma zikuhubha kusho ukuthi izitha zakho zikukhunkule ngomoya omubi futhi zizokunqoba. Kuhlale kuyishwa ukuphupha inkomo emnyama nokho futhi kusho ukuthi kuzoba nezinkinga emsebenzini wakho noma ebudlelwaneni bakho.

Amaphupho ngenkunzi

Uma uphupha ubona inkunzi ngokujwayelekile kusho izinto ezimbi ekusaseni lakho. Kusho ukuthi kuzoba nenkohliso ukungqubuzana kanye nenkinga okuzokwehlela ikakhulukazi uma kuyinkunzi emnyama. Amaphupho ngenkomo.

Amaphupho ngamahhashi

Uma uphupha ubona ihhashi kusho injabulo nokuchuma ekusaseni lakho ikakhulukazi uma limhlophe. Uma ihhashi lithukutheke ngesikhathi uligibele kusho ukuthi uzoba nezinkinga ebudlelwaneni bakho. Amaphupho ngembongolo.

Amaphupho ngekati

Uma uphupha ubona ikati kuwuphawu olubi olusho ukuthi abantu osebenza nabo noma ophila nabo awukwazi ukubethemba.

Amaphupho ngembongolo

Uma uphupha ubona imbongolo kungasho izinto ezinhle noma ezimbi. Uma uyigibele imbongolo kuzoba nenkinga ekusaseni lakho futhi abantu obubathemba bazokuhlubuka. Uma imbongolo ikulandela uyokhathazwa umona nenkohliso kodwa konke kuyodlula. Uma ubona imbongolo kodwa ungathintani nayo kusho ukuthi uzophumelela naphezu kwezinkinga. Amaphupho ngamahhashi.

Amaphupho ngengulube

Uma uphupha ubona ingulube kungaba kuhle noma kube kubi. Uma yeqa endleleni yakho bese ibaleka kusho ukuthi wena uzophunyukwa yithuba elikhulu. Uma ikubona kodwa ingenandaba nawe, lokho kusho ukuthi uzophumelela futhi ucebe. Uma uphupha ngengulube yesilisa ngokukhethekile, kusho ukuthi umkakho uzoba yinkinga. Uma uphupha ingulube efile uzothola izindaba ezinhle ezivela kude.

Ukuphupha ingulube futhi kungabika ukuvela kwemfihlo enokungcola phakathi. Uma uphuphe ingulube kubalulekile ukuthi uqaphele indawo ekuyona leyongulube kulelophupho lakho, ngoba kukuleyo ndawo lapho imfihlo esuke izovela khona. Uma uphupha izingulube zilumana, lokho kubika ukuthi ukuvela kwaleyo mfihlo kusuke kuzoletha ingxabano, inzondo noma ukungazwani kulabo abathintekayo kuyona. Uma izingulube zingalumani, lokho kusho ukuthi leyo mfihlo izoletha ukudumala nje kuphela.

Amaphupho ngenja

Uma uphupha ubona inja kuwuphawu oluhle uma iziphethe kahle futhi ikulalela ikakhulukazi uma kuwumdlwane. Uma inja ingaziphethe kahle ilwa noma iphula izinto kusho ukuthi uzoba nenkinga empilweni yakho kungekudala, ikakhulukazi leyonkinga ivela kubantu abangathembekile. Uma inja ikuluma, kusho ukuthi kukhona umuntu okuzingelayo okungenzeka ukuthi ukukhunkula ngisho nangomoya omubi. Uma uphupha inja ikhonkotha noma iklewula lokho kungenzeka ukuthi kubikezela izikhathi zezinkinga emndenini wakho. Uma uphupha umakoti omusha osandakufika emzini izinja zinobungane kuye esikhundleni sokuzama ukumluma, lokho kusho ukuthi wamukelwe kahle ngamadlozi. Kanti ke futhi ukuphupha izinja kungabikezela ukugadlwa noma ukulalelwa unyendle yizitha zakho.

Lapho uphupha ulunywa inja noma izinja, ngenxa yokuthi izinja yizilwane zasekhaya uma zivela emaphusheni lokho kusuke kuletha umyalezo othinta umndeni. Uma uphupha inja noma izinja zikuluma, ukuthi zingaki lezozinja kubalulekile ekuchazeni iphupho. Uma uphupha inja ekulumayo iyodwa lokho kusuke kusho ukuthi kukhona umoya omubi okhona phakathi kwamalunga omndeni. Lowomoya omubi kungaba ukungaboni ngaso linye entweni ethile noma kube ingxabano engase ivele kungekudala ezokhanda inzondo phakathi kwakho wena ophuphile kanye nelinye ilunga lomndeni. Uma uphupha izinja ezikulumayo zingaphezu kweyodwa ngenani, lapho kusuke kukhona umyalezo idlozi lasekhaya elihlose ukuwethula kuwena, ngakho-ke kubalulekile ukuthi ukubheke konke okwenzeka kulelo nalelo phupho ukuze uzowuqonda kahle umyalezo walo uma usulihlaziya. Lezizincazelo zokuphupha ulunywa inja noma izinja zifakazelwa wukuthi ngokuvamile uma uwaphupha lamaphupho okulunywa yizinja, avamiswe ukuphushwa eveza usekhaya noma useduze nakhona ekhaya.

Amaphupho ngezinja nezinkomo

Kunabantu abanesiphiwo ngendlela eyisimanga abanye abayi ngisho ukuyohlola komunye umuntu ngoba konke okwenzekayo kubona bayakuphupha. Kwesinye isikhathi athi uyohlola ngoba efuna ukuba nesiqiniseko avele umuntu ohlolayo amtsheleukuthi useyayazi nje into ayizele kuyena. Kuvamise ukuthi umbango kube yinto embi futhi egcina ingakhipha ngisho isidumbu. Kuqala umbango kwakujwayeleke ukuthi kube yilapho abantu begane umuntu oyedwa babange bagcine bengasazwani. Kanti manje sekuyabangwa ngisho namabhizinisi, izikhundla njalonjalo. Kulabo abanenhlanhla yokuziphuphela, lamaphupho uma bekwazi ukuwalandela bagcina sebekwazi ukuwahlaziya. Kuhle kakhulu ukuthi umuntu alinake iphupha lakhe ikakhulukazi uma ekholelwa kakhulu emadlozini ngoba asuke emtshela okuthize.

Ukuphupha izinkomo

Uma kwenzeka umuntu evamise ukuphupha izinkomo zimjaha zifuna ukumhlaba ngezimpondo kuze kushunqe uthuli impela. Lapho usuke uphupha ngombango nakanjani kusuke kukhona umuntu osuke ekubangisa. Mhlawumbe kokuthize osuke ukwenza futhi ayibonayo ukuthi uyaphumelela kuyona. Amadlozi akho asuke ekutshengisa noma ekuxwayisa ukuthi kukhona umbango okhona. Kwabaganile bangaze bacabange ukuthi abantu babo abathembekile kanti kuyenzeka ukuthi kusuke kungumuntu ofisayo ukuthandana nomuntu wakho kodwa akamtholi, mhlawumbe asebenzise umuthi wokuthi akuchithe emzini wakho noma ibhizinisi lakho lingahambi kahle noma emsebenzini.

Ukuphupha izinja

Njengabantu sinezinkolelo ezingafani ngezincazelo zamaphupho njengokuthi abanye ukuphupha inja bakuncikisa kakhulu namaphoyisa njengokuthi azofika emzini wakho. Kodwa ake sibheke uma lowomuntu ophuphayo engenayo into engamlethela amaphoyisa kodwa aqhubeka aphuphe izinja zimkhonkotha, zimjaha zifuna ukumluma. Usuke exwayiswa ukuthi kukhona izitha eziningi anazo futhi ezihlangene ngaye zimsebenzisela isichitho. Okubi ngaleliphupho ukuthi uma izinja lezo zikuluma kusuke sekungena sona lesichitho esibi. Abantu labo abasuke behlangene ngawe basuke bengafuni ukuthi uphumelele.

Abanye abantu bakholelwa ukuthi uma uphupha inja kusuke kuwumuntu wakini ongasekho. Okubalulekile lapha ukuthi uma uphupha isewumdlwane futhi ingakhonkothi, ikhombisa ukumjabulela kuhle lokho, hhayi uma isimjaha, imluma futhi ikhonkotha kusuke kungasezona izidalwa zakini lezo. Ngoba ngisho nezalukazi zithi uma umakoti eganele emzini ekufuywe kuwona izinja ezaziwayo ukuthi ziyaluma kodwa yena zingamenzi lutho uma evakashile lokhu kuchaza ukuthi amadlozi emthandile. Kodwa uma zikuluma bathi umakoti akapheleli kulowomuzi ngisho ngabe uzama kanjani ukuhlala umendo wakhe awubi muhle.

Izinja zona ziyingxenye yempilo yabantu njengoba bezifuyela izinto ezahlukene. Lapha isifundo ukuthi ngeke umuntu wakini ongasekho afike ephusheni ezokuluma, kungabe wenzeni wena embi? Kumele abantu bakwazi ukuhlukanisa izinto njengokuthi noma ngabe iphupho lichaza izinto eziningi kodwa umuntu abheke ukuthi belinjani lona leliphupho. Kufana nazo inkomo uma kade ubuziphupha usuphupha eyodwa ikukhothamele kusuke kungasho into embi kuyenzeka kube umuntu wakini ongasekho efuna umenzele into ethile. Kwesinye isikhathi uma kade unezitha kusuke kusho ukuthi usunqobile.

Comments