Amaphupho ngezikhali

 


Amaphupho ngezikhali

Ukuphupha induku yamakhosi

Uma uphupha uphethe induku ephathwa ngabantu abangamakhosi kepha wena ungesiyo inkosi futhi ungesilo ngisho uzalo lwasebukhosini, lokho akukuhle. Kuyibika lokuthi kunento ezokulethela ukudumala okukhulu empilweni yakho.

Amaphupho ngesiswebhu

Uma uphupha ukuthi ubona isiswebhu kusho ukuthi uzoba nosizi nezinkinga empilweni yakho.

Amaphupho ngenkemba

Uma uphupha ukuthi ubona inkemba kuyinhlanhla. Kusho ukuthi izinkinga zakho zizophela maduzane futhi uzothola yonke into oyifiselayo.

Amaphupho ngamatshe

Uma uphupha ukuthi kunomuntu okujikijela ngamatshe kusho ukuthi kukhona ozama ukukuthakatha. Uma ubaleka bahlulekile kodwa uma amatshe ekushaya lokho kusho ukuthi baphumelele.

Amaphupho ngomkhonto

Uma uphupha ukuthi ubona umkhonto kufanele uqaphele ukuthi abantu obethembayo abadlali ngawe.

Amaphupho ngommese

Uma uphupha ukuthi ubona ummese kusho ukuthi kunomuntu oqamba amanga kuwe futhi uzolwa nabangani bakho. Uma unikeza ummese komunye umuntu uzolimala maduzane.

Amaphupho ngesibhamu

Uma uphupha ukuthi umuntu unesibhamu ngemvamisa kusho ukuthi kunenkathazo ezayo. Uma usizwa sidubula kusho ukuthi kuzoba nokulwa empilweni yakho maduzane. Uma kunguwena odubulayo ngesibhamu kubi kakhulu. Amaphupho ngamasosha.

Amaphupho ngenhlamvu

Uma uphupha ukuthi ubona inhlamvu yesibhamu kuyibhadi uma uyibona kuphela kodwa yinhlanhla nempumelelo othandweni uma udutshulwa ngayo. Ukuphupha umuntu ozwana naye egwazwa – lokho kusho ukuthi uzingelwa isitha esisadla amathambo enqondo ukuthi sizokuthola kanjani.

Amaphupho ngamabhomu nokuqhuma

Uma uphupha ukuthi kuqhume ibhomu kusho ukuthi kunengozi ezokwehlela maduzane.

Comments