Amaphupho ngesimo sezulu nesibhakabhaka

 

Amaphupho ngesimo sezulu nesibhakabhaka

Amaphuhpo ngezulu lihloma

Lokhu kusho ulaka lwabaphansi (amadlozi), kukhona osuke ukwenzile noma kwenzekile emndenini  okungabajabulisi neze abaphansi. Ngakho kufanele uqaphele abantu abasuke bekulelo phupho kanye nokwenzeka kulo ukuze uzothola izimpendulo ezingakunikeza isixazululo ekulungiseni leyo nkinga.  

Ukuphupha isikhishikizane

Amaphupho ngomoya ohamba endaweni eyodwa (isikhishikizane) ayinto engekho yinhle neze. Uma uphuphe isikhishikizane sikusibekela lokho kuchaza ukuza kwesikhathi esinzima esizohambisana nokukhathazeka okukhulu, okuzoba ukonakala kwalokho osuke uzama ukukufeza. Kanti uma uphuphe usibona nje kuphela lokho kuyibika lokuma ndawonye kokwenzayo, ukungabi nenqubekela phambili, okungaba ukuphinda isigaba uma ungumfundi, ukungakhuphuki ngokwesikhundla obusifisa uma usemsebenzini, ukungathuthuki emsebenzini webhizinisi uma kukhona onalo, ukuqhubeka kokuhamba kwesikhathi ungawutholi umsebenzi uma ungumuntu obewudinga kakhulu njalo njalo.

Amaphupho ngesangqumba

Amaphupho ngesangqumba achaza izinto ezahlukahlukene kubantu abahlukahlukene, kodwa wonke achaza isiphetho esibi.

Kumuntu ongumlimi iphupho ngesangqumba libikezela unyaka omubi ozoba nendlala ngokusweleka kwezimvula ngenxa yesomisa esingase sibe khona.

Kumuntu oseyinsizwa noma intombi, ukuphupha ngesangqumba kuchaza ukungahambi kahle kwezinto kwezothando.

Kumuntu osebenzayo, ukuphupha  ngesangqumba kusho ukulahlekelwa okukhulu.

Kwabanye abantu ukuphupha ngesangqumba kungaphinde kubikezele ukuthi abangani bakho basuke bezokhuluma into ezokwenza uphoxeke kakhulu

Ukuphupha isangqumba kuyinkinga ngokuthi kungakunikeza izincazelo ezahlukahlukene kuwena uwedwa, lokho okungakwenza ungabe usazi ukuthi yikuphi okumele ukulindele, okubikezelwa yiphuph lakho ngesangqumba.

Amaphupho ngesimo sezulu nesibhakabhaka

Asho ukuthini amaphupho amayelana nesimo sezulu kanye nesibhakabhaka? Lokhu kuhlanganisa amafu, izikhukhula, isithwathwa, isichotho, inkungu, imvula, uthingo lwenkosazana, isivunguvungu, ukukhanya kwelanga, umoya, inyanga, izinkanyezi kanye nelanga.

Amaphupho ngelanga

Ukuphupha ilanga liphume ngokugqamile Kusho ukuthi uyofunda okuthile okusha okuyoshintsha impilo yakho ibe ngcono. Ukuphupha ilanga libalele kakhulu Lokhu kusho ukuza kwesikhathi esinzima empilweni yakho kanye nezimo ezizokukhathaza kakhulu emphefumulweni.

Amaphupho ngezinkanyezi

Uma uphupha ukuthi izinkanyezi ziyakhanya uyoba nothando oluningi empilweni yakho futhi uthole izindaba ezinhle zivela lapho ongalindele khona.

Amaphupho ngesibhakabhaka

Uma uphupha ubuka isibhakabhaka ngokujwayelekile kuwuphawu oluhle. Uma sicwathile futhi kunelanga uyoba nempilo enoxolo kanye nenjabulo. Uma sinamafu futhi simnyama kuyisixwayiso ukuthi kufanele uqaphele.

Amaphupho ngokukhanya kwelanga

Uma uphupha ukuthi kunelanga futhi kumnandi kusho ukuthi uyoba nenhlanhla. Uma usendaweni emnyama kodwa ukwazi ukubona ukukhanya ekudeni kusho ukuthi unenkinga empilweni yakho manje kodwa uzoyinqoba ngokushesha.

Amaphupho ngezikhathi zonyaka

Uma uphupha ukuthi intwasahlobo isifikile ngesikhathi kusengesinye isikhathi sonyaka kusho uthando nomshado ekusaseni lakho. Uma uphupha ihlobo ngesikhathi kusengesinye isikhathi sonyaka kusho inhlanhla kanye nenjabulo.

Amaphupho ngothingo lwenkosazana

Uma uphupha ubona uthingo lwenkosazana kusho izinto ezinhle empilweni yakho. Uyochuma ubenempilo futhi uphumelele.

Amaphupho ngenkungu

Uma uphupha uvaleleke enkungwini kuyishwa. Inhliziyo yakho izohlukunyezwa ngokushesha ngothile omethembayo.

Amaphupho ngeqhwa

Uma uphupha ubona iqhwa incazelo iya ngokuthi wena ungubani. Kubalimi kusho ishwa kanye nezivuno ezingezinhle kodwa kwizithandani kusho umshado nenjabulo.

Amaphupho ngesichotho

Uma uphupha ukuthi kube nesichotho kusho izinto ezimbi ekusaseni lakho. Ungalahlekelwa umsebenzi kanye nabantu obanakekelayo uma ungaqaphile. Uma ugcine izimfihlo ziyokwambuleka.

Amaphupho ngesithwathwa

Uma uphupha ubona isithwathwa kusho ukuthi uzobhekana nesilingo kungekudala. Qaphela ukuhlala kokuyiqiniso kuwe okanye ubhekane nemiphumela.

Amaphupho ngezikhukhula

Uma uphupha ukuthi kade kunesikhukhula kusho ukuthi uyoba nenhlanhla futhi uphumelele empilweni yakho.

Amaphupho ngamafu

Uma uphupha ubona amafu, incazelo iya ngokuthi awumbala onjani lawomafu kanye nanokuthi kwenzakalani ngalawomafu.

Amafu amnyama nanesiphepho asho ukungqubuzana okuza kuwena muntu ophuphayo.

Amafu amhlophe asho ukuthi uzoba nenjabulo nempumelelo kumbe ukuvela kwemfihlakalo eveza ngokucacile nokukhanya bha ukuma kwezinto empilweni yakho.

Amafu amnyama sengathi lizokuna wona asho ukungalungi kwezinto.

Amafu amnyama kodwa angamile ndawonye, adlulayo, wona asho ukuthi kuzoba khona izikhathi zobunzima kodwa lobobunzima kuzohamba kuhambe buphele.

Amaphupho ngomoya

Uma uphupha kunomoya incazelo iya ngokuthi unamandla kangakanani. Umoyana usho ukuthi izinto ezinhle zizokwenzeka kuwe futhi bonke bazokuthanda bakuhloniphe ngisho nezitha zakho. Uma umoya unamandla kusho ishwa nosizi. Uma kuyisivunguvungu kusho obukhulu ubunzima kanye neshwa ekusaseni lakho.

Amaphupho ngenyanga

Uma uphupha ubona inyanga kusho ukuthi uzophumelela ngesikhathi ungalindele, ikakhulukazi kwezothando. Uma inyanga iba mnyama kodwa uyohlupheka futhi ube mpofu. Inyanga egcwele isho ukuthi uyoshada masinya uma usemncane futhi ube nabantwana abahle uma umdadlana. Kuyishwa elibi ukubona izinyanga ezingaphezu kweyodwa esibhakabhakeni.

Amaphupho ngesivunguvungu

Uma uphupha ukuthi kunesivunguvungu kuwuphawu lweshwa kuwe futhi kufanele uqaphele okwesikhashana. Uma kunokuduma nombani okuningi kusho ukuthi kuzoba noshintsho empilweni yakho – ungaphumelela emsebenzini kodwa futhi ungabhekana nemiphumela engalindelekile ezenzweni zakho. Ikakhulukazi kuyinhlanhla ukuphupha ngokuthi ushaywe umbani. Amaphupho ngomoya. Amaphupho ngemvula.

Amaphupho ngemvula

Uma uphupha lina incazelo iya ngokuthi inamandla kangakanani futhi sekuyisikhathi esingakanani lina.

Ukuphupha imvula ejwayelekile: Kusho ukuthi uzothola okuthile ngokushesha – kungaba isipho.

Ukuphupha imvula enesivunguvungu: Uma kuyisivunguvungu kunezikhathi ezinzima eziza kuwe. Kuyoba nenkohliso kanye nokungajabuli empilweni yakho kodwa uma wenza ngokuhlakanipha uyophumelela ekugcineni.

Ukuphupha imvula isimile, enelanga: Uma uphupha ukuthi imvula isimile futhi nelanga seliphumile kusho inhlanhla ekusaseni lakho.

Ukuphupha unethwa imvula: Kusho inhlanhla enkulu, ukudlula kwakho ezimgqinambeni obubhekene nazo kanye nokuza kwezinhlanhla empilweni yakho.

Comments

Post a Comment