Amaphupho ngenyama

 


Amaphupho ngenyama

Amaphupho ngamasoseji

Uma uphupha udla amasoseji kusho ukuthi kungenzeka kunezikhathi ezinzima ekusaseni lakho. Amaphupho ngokudla.

Amaphupho ngenyama engaphekiwe

Uma uphupha othile ekunika inyama engaphekiwe kungasho ukuthi imbangi yakho kwezothando ikukhunkula ngomoya omubi. Uma usanda kushada kusho ukuthi awemukelwa ngamadlozi omndeni wakho omusha.

Amaphupho ngenyama yengulube

Uma uphupha udla inyama yengulube noma ubhekeni kusho ukuthi uzolahlakelwa ngokuthile okusemqoka kuwe. Amaphupho ngenyama engaphekiwe. Amaphupho ngengulube.

Amaphupho ngesibindi

Uma uphupha udla isibindi kusho ukuthi uzoba nempilo futhi uqine.

Amaphupho ngenyama yemvu

Uma uphupha udla inyama yemvu kusho ukuthi uzoba neshwa. Amaphupho ngenyama engaphekiwe.

Amaphupho ngezoso

Uma uphupha udla izoso kungekudala uzothola umngani ozoba qotho futhi abemuhle kuwe.

Amaphupho ngomqwayiba

Uma uphupha udla umqwayiba kusho ukuthi uzoba nenhlanhla nenjabulo ekusaseni lakho.

Amaphupho ngenyama yenkomo

Uma uphupha udla isiteki senkomo isitshulu noma inyama egayiwe kusho ukuthi ishwa nokulahlekelwa kuyakunyonyobela. Amaphupho ngenyama engaphekiwe.

Comments

Post a Comment