Amaphupho ngenhlanzeko

 


Amaphupho ngenhlanzeko

Ukuphupha indle noma indlu yangasese

Ukuphupha indle noma indlu yangasese kuchaza ukuthi kusuke kukhona umuntu okusebenzisela umuthi ongalungile obizwa ngesichitho owenza ukuthi ungathandeki noma ungalungelwa yilutho othi uzama ukulenza.

Amaphupho ngodoti

Uma uphupha ukuthi ulahla udoti noma izibi kuwuphawu olubi. Kusho ukuthi ulahla amathuba akho futhi uzolahlekelwa ebhizinisini maduzane nje. Amaphupho ngokungcola nokuhlanzeka.

Amaphupho ngezindawo ezingcolile

Uma uphupha ukuthi usebenza nomanyolo engadini wuphawu oluhle ngoba maduzane uzoba yisigwili. Uma uphupha ukuthi usendaweni lapho okulahlwa khona izibi kufanele uqaphele imiphumela yezenzo zakho. Izindlela zakho ezingcolile zingakudalela inkinga maduzane.

Amaphupho ngokugeza

Uma uphupha ukuthi uyageza kungasho izinto ezinhle noma ezimbi. Uma amanzi emile noma esendlini yokugeza kusho ukuthi uzoba nenhlanhla maduzane noma uzoya endaweni ezokulethela injabulo. Uma uphupha ugeza ngaphandle kwendlu noma emanzini agelezayo kusho ukuthi uzoba nebhadi futhi uzodumala. Ukuphupha ugeza umuntu wesilisa uma ungowesimame lokho kusho ukuthi loyomuntu osuke umphupha usuke enesilwane athweswe sona okwenza izinto zakhe zingamhambeli kahle.

Ukuphupha ugeza emfuleni uwedwa noma nibabili kusho ukuthi kumele uhlambuluke noma nihlambulukelane nalowomuntu ovele ephusheni lakho obugeza kanye naye. Leli phupho limele inhlambuluko.

Amaphupho ngokungcola nokuhlanzeka

Uma uphupha ukuthi ungcolile, kuwuphawu lwesikhathi esinzima ekusaseni lakho. Kusho kakhulu ukuthi kungenzeka ube namahloni ngenxa yento oyenzayo. Uma ungcolile ngoba omunye umuntu ekujikijela ngezinto, kusho ukuthi uzokwenza izitha, ngakho qaphela izinto ozitshela abantu. Kodwa uma ungcole ngoba uwile phansi, kusho ukuthi uzokhuthuzwa noma ulahlekelwe yimali maduzane. Amaphupho ngezingubo ezindala noma ezingcolile. Amaphupho ngodoti.

Comments