Amaphupho ngemisebenzi

 


Amaphupho ngemisebenzi

Amaphupho ngabasebenzi

Uma uphupha ubona umuntu osebenzayo kusho ukuthi uzothuthuka.

Amaphupho ngamasosha

Uma uphupha ubona amasosha noma amabutho kusho ukuthi kuza inkathazo.

Amaphupho ngamatilosi

Uma uphupha ubona itilosi kusho ukuthi maduzane uzothola izindaba ezimnandi ezisuka kude ngomuntu omaziyo.

Amaphupho ngobukhosi

Uma uphupha ubona inkosi futhi ijabulile kusho ukuthi uzoba nenhlanhla nempumelelo. Uma ungowesifazane kusho ukuthi umyeni wakho uzoba nemali namandla. Uma ikuthukuthelele kusho ukuthi uzoba nebhadi.

Amaphupho ngabashayeli bamabhanoyi

Uma uphupha ubona umshayeli webhanoyi kungenzeka ukuthi awazi kodwa kukhona umuntu okwakhela ugobe futhi lowo muntu uzophumelela uma ungaqapheli.

Amaphupho ngabapendi

Uma uphupha kukhona openda umuzi wakho kusho ukuthi izinto ezinhle zizokwenzeka maduzane.

Amaphupho ngabahlengikazi (ngamanesi, ngonesi)

Uma uphupha ubona umhlengikazi ngemvamisa kuyinhlanhla ngisho engenzi lutho. Kuyinhlanhla kakhulu uma engumuntu onakekela abantwana. Uma ugula uzoba ngcono maduzane. Amaphupho ngodokotela.

Amaphupho ngabalimi

Uma uphupha ubona umlimi kusho ukuthi uzoba nenjabulo eningi empilweni yakho.

Amaphupho ngodokotela

Uma uphupha ubona udokotela kuwuphawu oluhle. Kusho ukuthi uzoba nenhlanhla nempilo nempumelelo. Amaphupho ngezibhedlela. Uma uphupha uphuza umuthi.

Amaphupho ngompheki

Uma uphupha ubona umpheki kuyizindaba ezinhle ngaphandle uma ugula ngoba makunjalo kusho ukuthi kungenzeka ukuthi uzobhekana nobunzima. Uma unempilo kusho ukuthi amaphupho akho azofezeka futhi uzoba nempilo enenjabulo.

Amaphupho ngababazi bamapulangwe

Uma uphupha ubona umbazi wamapulangwe kusho ukuthi uzophumelela emsebenzini futhi izinkinga zakho zizophela maduzane.

Amaphupho ngabakhi

Uma uphupha ukuthi iqembu labantu bakha umuzi kukhona omaziyo okungenzeka adinge usizo lwakho maduzane. Uma udiliza amathuluzi abo kusho ukuthi uzomisa into embi ekwenzekeni.

Amaphupho ngezinqibi

Uma uphupha ubona isinqibi kukhona ozokulethela izindaba ezimbi maduzane kakhulu.

Comments