Amaphupho ngemifino

Amaphupho ngemifino

Amaphupho ngamaklabishi

Uma uphupha amaklabishi, lokho kusho ukuthi kukhona umuntu oseduze nawe ozithwele.

Amaphupho ngotamatisi

Uma uphupha udla utamatisi kusho ukuthi kungenzeka kudingeke usebenze kanzima kodwa uyowuthola umvuzo wezithukuthuku zakho.

Amaphupho ngamathanga

Uma uphupha udla ithanga kusho izinto ezimbi ekusaseni lakho. Uzobhekana nezikhathi ezinzima khona maduze.

Amaphupho ngamazambane

Uma uphupha udla amazambane futhi emaningi kusho ukuthi uzochuma. Uma uphupha amazambane kodwa embalwa kusho ukuthi kunobunzima ekusaseni lakho.

Amaphupho ngophizi

Uma uphupha udla uphizi oluhlaza osemusha kusho ukuthi uzoba nenhlanhla. Uma uphupha ngophizi owomile kusho ukuthi ezezimali zakho zingaba senkingeni.

Amaphupho ngo-anyanisi

Uma uphupha udla u-anyanisi kuyisibusiso esingesibusiso. Kusho ukuthi uzoba nomlingani othembekile kodwa kungenzeka nilwe izikhathi eziningi.

Amaphupho ngogalonci

Uma uphupha udla ogalonci kusho ukuthi uzohlaselwa yizikhathi ezinzima kungekudala.

Amaphupho ngemifino

Uma uphupha udla imifino kusho ukuthi uzoba nenhlanhla. Amaphupho ngezitshalo.

Amaphupho ngommbila

Uma uphupha udla ummbila kusho ukuthi uzoceba futhi ujabule empilweni. Uma kunganele ukuthi wonke umuntu adle nokho kusho ukuthi uzobhekana nobunzima.

Amaphupho ngezaqathe

Uma uphupha udla izaqathe kusho ukuthi uzochuma futhi ucebe.

Amaphupho ngeklabishi

Uma uphupha udla iklabishi kusho ukuthi uzoba nempilo ende ejabulisayo.

Amaphupho ngobhontshisi

Uma uphupha udla ubhontshisi kusho ukuthi kungekudala uzohlangabezana nesiphithiphithi esizokubangela inkinga. Kodwa-ke kungasho ingcebo nenhlanhla uma ubhontshisi umningi kakhulu.

Comments