Amaphupho ngemidlalo nobukhuphekhuphe

 


Amaphupho ngemidlalo nobukhuphekhuphe

Amaphupho ngemidlalo nobukhuphekhuphe

Asho ukuthini amaphupho ngemidlalo nobukhuphekhuphe? Lokhu kuhlanganisa amabhola, ukugibela, igalofu, ukujaha ngehhashi, ukugxuma, ukwehlulwa, ukujaha, ukubhukuda nokuwina.

Amaphupho ngokuwina

Uma uphupha ukuthi uwine umklomelo kusho ukuthi uzoba nodumo empilweni yakho.

Amaphupho ngomjaho

Uma uphupha ukuthi usemjahweni kuwuphawu oluhle uma nje ungawi phansi. Uma wina uzophumelela maduzane kodwa uma wehlulwa kuyibhadi.

Amaphupho ngokwehlulwa

Uma uphupha ukuthi uhluliwe emncintiswaneni kusho ukuthi kuzoba nezinto ezinhle ezizayo kuwe – ikakhulukazi imali. Akuyona indlela oyilindele kodwa ngakho ke qinisekisa ukuthi uyilungiselele noma yikuphi lapho ezoqhamuka khona.

Amaphupho ngokugxuma

Uma uphupha ukuthi uyagxuma kusho ukuthi kuzoba nenjabulo ekusaseni lakho.

Amaphupho ngokujaha ngehhashi

Uma uphupha ukuthi ungujokhi ojaha ngamahhashi kusho ukuthi sekuyisikhathi sokuthi uqhubeke nezinto okade uzihlela – zizoba yimpumelelo.

Amaphupho ngegalofu

Uma uphupha udlala igalofu kusho ukuthi uzobhekana nezinkinga emsebenzini okuzofanele ube namandla ukuzinqoba.

Amaphupho ngamabhola

Uma phupha ukuthi ukhahlela ibhola emdlalweni kusho ukuthi uzophumelela ngenxa yokusebenza kwakho kanzima.

Amaphupho ngokubhukuda

Uma uphupha ukuthi uyabhukuda kuwuphawu oluhle uma ikhanda lakho lingaphezulu kwamanzi – ikakhulukazi emsebenzini nasebudlelwaneni bakho nabanye. Uma amanzi ehlanzekile ecwebile kuhle kakhulu. Uma ubhukuda phansi kwamanzi kusho ukuthi kunezinkinga ezizayo kuwe ikakhulukazi uma amanzi efiphele. Amaphupho ngolwandle.  

Comments