Amaphupho ngemali nobugwili

 


Amaphupho ngemali nobugwili

Amaphupho ngamakhadi okukweleta nokuthi amele ukuthini

Ukuphupha ngamakhadi esikweletu kumela ukukwazi kwakho ukuthola noma ukwenza okuthandayo empilweni ngaphandle kokusebenza kanzima noma ukukhathazeka kakhulu. Kukhombisa izinga lokukhululeka kwakho ngokuba namandla, amathuba noma ubumnandi.

Ukusebenzisa ikhadi lesikweletu kusho ukuthi wena noma okuthize ngawe kukwazi ukwenza noma yini ukufeza injongo ngaphandle kwezinkinga.

Ukuphupha ngabantu ababi benekhadi lesikweletu kungasho izinto ezingathandeki ngawe njengomuntu ezenza kube nezenzakalo ezimbi empilweni yakho ngokukhetha kabi, noma ukwenza izinto ngokweqile.

Isho ukuthini imali emaphusheni akho?

Ukuphupha imali – ukuphupha inkece kuya ngokuthi enjani, uma kuyinkece engamaphepha lokho kusho ishobolo, kodwa ke uma kuyimali emhlophe kusho inhlanhla.

Ukuphupha ngemali ewukheshi kusho amandla okufeza izinjongo ngenkululeko ephelele. Ungakhetha ukwenza okuthandayo. Inani lemali onayo ephusheni lisebenzisa izifundo zezinombolo ukuchaza okukhethayo noma ukuzizwa sengathi unamandla.

Ukuthenga ngemali ewukheshi kumela ukusebenzisa amandla noma amasu ukufeza izinjongo noma ukwenza izinto zenzeke ngendlela oyithandayo.

Ukuphupha ngokunikezwa imali ewukheshi kumela amathuba noma izimo ezikuvumela ukuthi ukwazi ukuzikhethela noma ube amandla obungenawo ngaphambilini.

Kusho ukuthini ukuphupha ngesiliva?

Umbala wesiliva emaphusheni umele ukuzizwela ngenhliziyo, inhlanhla, noma izenzakalo eziziqondanelayo. Ukuzizwela ngenhliziyo noma ukuqondiswa ngaphakathi kukusiza ukhethe lokho okuzokuholela kulokho okudingayo empilweni, ukuqondisisa kabusha, amandla amasha noma inkululeko entsha etholakala ngokuvela ngethuba.

Okubi wukuthi isiliva lingaba uphawu lokuthi unebhadi noma uzwa sengathi akukho okukusebenzelayo.

Ukuphupha ngezinto zesiliva kumela ukuzizwela ngenhliziyo noma inhlanhla ehambisana nanoma yini into eyimelayo.

Ukuphupha ngezingubo ezinombala oyisiliva kumela ubuwena, bunenhlanhla noma buzizwela ngenhliziyo. Imibala emibi ehamba nesiliva njengobomvu, omnyama noma onsomi ngobumnyama kungasho ibhadi ongenakho ukukwazi ukulibalekela.

Isizathu sokuthi isiliva limela ukuzizwela ngenhliziyo kungenxa yombala wenyanga kanye nokukwazi kwenyanga ukwenza abantu bezizwe babe nehlanhla noma babe nebhadi.

Ukuphupha ngemali ewuhlweza kusho ukuthini

Imali ewuhlweza

Ukuphupha ngokuthola imali ewuhlweza kumela imizwa emihle ngezinto ezizuzwayo empilweni uma uphapheme. Ukuzizwa ujabulile ngokuba unokungaphezu kwalokhu obunakho kuqala. Ukuqondidisa izinkinga, ukuba namandla engeziwe, noma inkulululeko ezuziwe. Kungamela nemizwa yokuba nenhlanhla. Ukuthola into ngenhlanhla noma ukuqondana ngendlela engajwayelekile empilweni lapho ophapheme khona. Amathuba agejiwe noma alahlekile asephinde abuya. Ukwazi ngokubaluleka kwento esempilweni yakho.

Ukuphupha ngemali ewuhlweza enqwabelene kumela imizwa ngawe uba nokuningi kunalokhu obunakho kuqala. Kungaba futhi ukuthi ugcina amasu noma ulindile ukuthola usizo noma ithuba. Ukwazi ngokubalulekile okubekiwe okusengxenyeni ethize yempilo yakho.

Ukuphupha ngokuqhwabaza imali ewuhlweza ngendlela enganendaba kumela ukuzwa kokungabaluleki kwento ozibone uzuza ngayo. Inhlanhla noma okubalulekile onganendaba nakho. Ukuziphatha ngendlela enganendaba ngento eyinhlanhla eyenzekile kuwe. Ukuzizwa unenhlanhla engaphezu kwbanye abantu noma ukuzizwa umuhle ngaphezu kwabanye abantu.

Ukuphupha ngokudlala umdlalo wokukhetha inhloko noma umsila wemali ewuhlweza kumela ukuzizwa noma ukuziphatha ngendlela engenandaba ngesinqumo. Ukudedela impilo noma isimiselo sikukhethele into.

Ukuphupha ngemali ewuhlweza eyisiliva kumela inhlanhla noma ukuqondana kwezinto  nawe ozibona ukuithanda. Ungazizwa unenhlanhla ukuba nokungaphezu kwalokhu obunakho ngaphambilini. Ithuba noma okungalindelekile okukulethele ukuqondisisa, amandla noma inkululeko.

Ukuphupha ngemali ewuhlweza eyigolide kumela imizwa emihle ngamandla noma amasu okwazi ukuwasebenza noma yinini mawuthanda. Ukuzibona uthanda into enokubaluleka onayo. Kungaba ukuthanda amathuba atholakalela wena. Ukujabulela ukwazi ukuthi unamandla noma inkululeko ehlale ikhona uma uyifuna.

Ukubona omunye umuntu enemali ewuhlweza yegolide kumela wena noma oumnye umuntu ojabulela ukubona inkululeko ekuzikhetheleni noma amandla okwenza okuthandayo.

Ukubona abantu ababi benemali yegolide ewuhlweza kumela izinto ezingathandeki ngawe Kungakhombisa izimo ezinzima zempilo ezenza wesabe noma udumale. Ungazizwa futhi ungenamandla okumisa umuntu onamandla noma amasu angephezu kwawakho.

Ukuphupha nokucosha uhlamvu lwemali kungamela imizwa yokwenza imizamo yokufeza amacebo, ukuqondisisa noma izinjongo ozicabangile. Okubi ukuthi kungasho ukumosha isikhathi ngamacebo ocabanga ukuthi mahle kodwa angemahle.

Kusho ukuthini ukuphupha ngegolide kuwe?

Igolide

Ukuphupha ngegolide kumela imizwa yokubaluleka kwento esempilweni yakho. Imizwa yokuceba noma ukujabulela ukuba nento enokubaluleka ibe kuwe wedwa. Amathuba anokubaluleka atholaka sonke isikhathi. Ukuzizwa ulondekile ezingeni lakho lamandla noma inkululeko yokwenza umathanda. Isenzakalo noma inzuzo eqinisekisiwe. Umuzwa wokulondeka ngento ebalulekilekuwe.

Igolide lingamela nenhlanhla enhle, ingcebo, ukwelapheka, ukukhanyiseka, injabulo nempumelelo.

Noma, igolide ephusheni lingemela imizwa yokuqiniseka ngamandla. Cabanga umusho othi “Okuhle njengegolide”. Ukuzethemba okuphelele ngokuthi wena noma omunye umuntu ungumanqoba.

Okubi ukuthi ukuphupha ngegolide kungamela imizwa yenkohlakalo, ukwenza ngokweqile noma umuntu owonakele ngezinto eziningi. Kungakhombisa nemizwa yakho engeyinhle njengokukhungatheka noma umona ngenjabulo yomunye umuntu. Izitha ezinamandla alondekile.

Ukuphupha ngokuthola igolide kumela imizwa ngokuthola into ebalulekile ngawe noma esempilweni yakho.

Ukuphupha ngokugqiba noma ukucashisa igolide kumela imizwa yokufuna ukucashisa into ebalulekile ngawe. Ukungafuni abanye abantu bathole noma baphathe into wena ozwa sengathi ibalulekile. Ukungafuni ukwabelana nabanye ngento enokubaluleka.

Amaphupho mayelana namaBhange nokuthi asho ukuthini

Amaphupho mayelana namaBhange

Ukuphupha ngebhange kumela amasu noma amandla owaqukethe ongawasebenzisa noma yinini. Amathalente, amakhono, ukusekelwa ngokwezimali, ukusekelwa ngokomzwelo, noma izinto ezikunikeza umuzwa wokulondeka.

Yilokhu oyamela kukho ukuzigcina ulondekile noma uphumelela.

Ibhange lingakhombisa futhi ukuthi ubudlelwane bakho nabanye noma ukusebenzisana kwakho nabantu kunamandla kangakanani futhi kulunge kangakanani. Amandla, amasu noma abantu obasebenzisayo ukufeza izinjongo zakho. Ukuphatha abantu ngokuphelele okunesibopho noma okwesidala.

Okubi ukuthi ukuphupha ngebhange kungakhombisa imizwa yokuthembela entweni noma emntwini ukuze wenze into. Ukuzizwa uyisilima ngoba umuntu ukwazi ukuphatha impilo yakho yonke noma abambezele impilo yakho yonke ngenxa yento eyodwa. Imizwa ngokuvinjelwa ukuthi ukwazi ukuba namandla. Ukuzwa sengathi abantu abangahlakaniphile noma abaqhoshayo noma abaphathayo bakwazi ukukwenzela izinqumo. Ukuzizwa ngawe noma ngabanye abantu abadinga ukuphatha abanya ngokuphelele.

Ukuphupha ngokurobha ibhange kumela amasu noma amandla owasebenzisa noma ungawasebenzelanga. Kungasho ukufeza izinjongo ngendlela embi, enobugovu noma engenaqiniso.

Ukuhambisa imali phakathi kwamabhange kumela ukushintshana kwamandla noma amasu phakathi kkubalulekile okuyisisekelo. Kungenzeka ukuthi usuba nokuzizwa ungcono ngezinye izindlela noma uzizwa ungengcono ngezinye izindlela. Kungasho noshintsho kwendlela yokucabanga ngendlela yakho yokufeza izinjongo noma yokugcina amandla.

Ukuphupha ngemali kusho ukuthini ngempilo yakho

Ukuphupha ngemali

Ukuphupha ngemali kumela amandla okufinyelela izinhloso noma izinjongo zakho. Izinjongo zingaba ezithinta ingqondo, okungokomzwelo, noma ukufinyelela lapho okwenzeka khona okuthandayo empilweni uma usuphapheme. Ukwazi ukucabanga, ukuzwa noma ukwenza okuthandayo empilweni. Imali ikhombisa ukuthi wena noma okuthize ngobuwena bakho bunamandla amangakanani. Kuwukuzazi.

Okuhle ukuthi imali imela okungenzeka, amandla namathuba. Iseluleko esiwusizo. Ukuziziwa ukwazi ukwenza into.

Okubi ukuthi imali ingakhombisa izimo ezingezinhle empilweni okunzima ukuzinqoba, noma amathuba angasetshenzisiwe. Kuwukuqhenya. Ungase uzizwe sengathi awunawo amandla anele okwenza okufunayo. Izitha zinamasu angcono kunawakho.

Ukuphupha ngokungabi nayo imali kumele imizwa yokuzizwa sengathi awuyilutho, ukungazethembi noma ukuzwa sengathi awunawo amandla okwenza into ofuna ukuyenza.

Ukuthola imali kumela ukuqondisisa okukukhulula ezintweni ezimbi nokukunikeza amandla okuba ngumuntu ojabulile noma okwaziyo ukwenza izinto, noma ozinakayo. Kunendlela izithiyo ezisuswa ngayo. Ukuzizwa uthukile ngamathuba amasha, amasu noma amandla okwenza into oyifunayo.

Ukuphupha ngokuwina imali kumela ukuzizwa unenhlanhla. Amandla noma amasu azuzwe ngenguquko noma obungawalindele.

Ukuphupha ngokuntshontsha imali kumela amandla, amasu, noma ithuba olihubayo. Ungase ungabi nandaba nokuthi omunye umuntu uthini noma ucabangani futhi kukhona okwenzayo vele.

Ukurojwa yimali kumela izindlela zokucabanga ezingezinhle noma izimo ezehlisa ukuzethemba kwakho, ukuzizwa ukwazi ukwenza izinto noma ezakhe izinkinga ezingokomzwelo. Ukuzwa lawo mandla, inkululeko noma izinto ezibalulekile zithathiwe kuwe.

Ukunikezwa imali kusho ukuqondisisa, izindlela zokucabanga ezinhle, noma izimo zempilo ezenyusa ukuzethemba kwakho. Kungakhomba nasezindleleni zokucabanga ezimbi noma izithiyo ezinqotshwayo. Ukuzwa ukukhula kwamandla akho noma izinga lenkululeko yakho. Unikezwa amathuba. Ukuzwa sengathi abanye bayakusiza ngezinjongo zakho.

Ukuphupha ngokunikeza imali kwabanye abantu kungakhombisa ukusekela kwakho kwezinjongo zabanye abantu. Ukusiza abanye abantu babe namandla kakhulu. Ukusiza umuntu oludingayo usizo. Okubi ukuthi kungakhombisa ukunikeza amandla akho noma ukusekela imikhuba emibi. Ukuvumela inkinga ikhule.

Ukuphupha ngokubala imali kumela imizwa yokubuyekeza amandla akho, inkululeko yakho noma ukuzethemba. Kuwukuthola ukuthi unamandla amangakanani. Ukuthola ukuthi ukushintshisana bekulungile noma cha. Okubi ukuthi kungakhombisa ukubuyekeza kwamandla akho noma amakhono akho ngendlela enokuzitshela noma engenaqiniso.

Uma abantu ababi ephusheni benemali kusho ukwesaba, imikhuba noma izimo zempilo ezinzima ezinamandla. Kungakhombisa nemikhuba emibi engasalawuleki.

Amaphupho ngewalethi

Uma uphupha ukuthi akunalutho kwiwalethi yakho yingoba osebenza nabo kungenzeka ukuthi bazama ukukukhohlisa. Uma uphupha ukuthi ubona iwalethi yakho igcwele imali uzothola imali maduzane. Uma ulahlekelwa yiwalethi yakho awusezoxhumana nomunye wabangani bakho noma omunye wezihlobo zakho.

Amaphupho ngegugu

Uma uphupha ukuthi uthole igugu eligqitshiwe qaphela ngoba kuwuphawu lebhadi.

Amaphupho ngesiliva

Uma uphupha ubona isiliva, imali eyisiliva, noma izinto ezenziwe ngesiliva; lokho kuwuphawu oluhle. Kusho ukuthi uzoba nenhlanhla futhi ube nomshado onenjabulo uma kunguwena owemukela izinto zesiliva. Uma omunye umuntu ethatha kuwe izinto zesiliva, lokho kusho ukuthi uzoba nebhadi kumbe nomshado ongenayo injabulo. ▪️Kusho ukuthini ukuphupha ngesiliva?    

Amaphupho ngokuthenga

Uma uphupha ukuthi uyothenga lapho okunendali khona kusho ukuthi uzokhuthuzwa.

Amaphupho ngenhlanhla

Uma uphupha ukuthi unenhlanhla futhi uyisigwili kusho ukuthi maduzane nje uzoshiyelwa into enhle ngefa.

Amaphupho ngegolide

Uma uphupha ukuthi ubona igolide ngemvamisa kuwuphawu olubi futhi lukhomba ubunzima ekusaseni lakho. Uma uphupha isithandwa negolide kubi kakhulu futhi kusho ukuthi nizoba nebhadi ndawonye. Qaphela uma uphupha lokhu ikakhulukazi uma unomsebenzi.

Amaphupho ngokuhola imali

Uma uphupha ukuthi uhola imali eningi kusho inkathazo ikakhulukazi uma ungusomabhizinisi. Kungenzeka kube khona okulahlekelwayo maduzane. ▪️Amaphupho ngesikweletu.

Amaphupho ngesikweletu

Uma uphupha ukuthi unenkinga yesikweletu kusho ukuthi uzoba yisigwili. ▪️Amaphupho ngokuhola imali.  ▪️Amaphupho ngamakhadi okukweleta. Amaphupho ngodaka.

Amaphupho ngokugqoka umqhele

Uma uphupha ukuthi ugqoke umqhele kusho ukuthi abantu bazokuthanda bakuhloniphe futhi izinto ezinhle zizokwenzeka maduzane.

Amaphupho ngesheke

Uma uphupha ukuthi ubhala isheke noma ukhipha imali yesheke kusho ukuthi uzothola imali maduzane kodwa yisixwayiso ukuthi uyisebenzise ngokucophelela.

Amaphupho ngemali ewuhlweza yethusi

Uma uphupha ukuthi unikezwe noma ucosha imali ewuhlweza yethusi kusho ukuthi kunobunzima obuzayo empilweni yakho maduzane. Isho ukuthini imali emaphusheni akho?

Amaphupho ngethusi

Uma uphupha ukuthi ubona ithusi umuntu omthandayo uthandana nomunye umuntu noma uqamba amanga kuwe.

Amaphupho ngokuboleka noma ukubolekisa

Uma uphupha ukuthi kunento oyibolekayo eyomunye umuntu kusho ukuthi kukhona ozokucela usizo maduzane. Uma kukhona oboleka into yakho kusho ukuthi uzophatheka kabi noma khona okuzokulahlekela maduzane.

Amaphupho ngebhange

Uma uphupha ukuthi usebhange kusho ukuthi uzohlupheka ngokwezimali uma ungaqapheli.

Amaphupho ngobucwebe obugqokwayo

Uma uphupha ukuthi ugqoke ubucwebe, ukuthi kusho ukuthini kuya ngento. Amacici asho ukuthi uzolwa nomuntu maduzane, kodwa amabhengela nezindandatho kuhle futhi kusho ukuthi uzoba nobudelelwane obuhle nabanye. Amatshe ayigugu njengamadayimani wona akhomba ubugwili ekusaneni lakho.

Amaphupho ngemali

Uma uphupha ukuthi unemali, lokho kuwuphawu olubi futhi kuphathisa kabi uma uyisebenzisa noma uyilahla, kodwa kuyinhlanhla futhi kusho ukuthuthuka uma uyinikezwa noma uyithola.

Ukuphupha uphiwa imali, futhi kuvela ephusheni lakho lapho uyamukela, lokho kusho inhlanhla ezayo.

Uma uphupha uphiwa imali bese kuba khona omunye umuntu oyithathayo kuwe, lokho kusho ukuthi kunabantu abazama ukukuthakatha kumbe abafuna ukukuthathela isiphiwo sakho noma ukuntshontsha inhlanhla yakho.

Uma uphupha ukuthi ulanda imali oyilweletisile kumuntu, kusho ukuthi kuzoba nokudlulela phambili entweni ozama ukuyenza.

Comments

  1. Ngiphupha nginikela imali emfuleni

    ReplyDelete
  2. Ngiphuphe ngikhipha imali emshini engiyifice umuntu engaqedelanga kuyikhipha

    ReplyDelete
  3. Ngicela ukbuza ngiphuphe nginika ingane imali emhlophe noR20 noswidi

    ReplyDelete

Post a Comment