Amaphupho ngekamelo lokulala nezinto zasekhishini

 


Amaphupho ngekamelo lokulala nezinto zasekhishini

Amaphupho ngamabhodwe namapani

Uma uphupha ukuthi usebenzisa amabhodwe namapani uzothola izindaba ezinhle ezisuka kude.

Amaphupho ngojeke

Uma uphupha ukuthi uphuza kujeke kusho ukuthi uzohamba indlela ende maduzane.

Amaphupho ngenkomishi

Uma uphupha ukuthi usebenzisa inkomishi kuyinhlanhla uma inkomishi igcwele kodwa yibhadi mayingenalutho.

Amaphupho ngebhodlela

Uma uphupha ukuthi usebenzisa ibhodlela ngemvamisa kuyibhadi. Uma lingenalutho phakathi noma uphuza kulo kusho ukuthi uzoba senkingeni maduzane ubhekane namahloni nokuhlekwa abantu. Kodwa uma ibhodlela ligcwele kusho ukuthi uzoba nenhlanhla.

Amaphupho ngephinifa

Uma uphupha ukuthi usebenzisa iphinifa maduzane nje uzonikezwa into okade uyifuna.

Amaphupho ngengubo yokulala encane

Uma ubona ingubo yokulala encane kusho ukuthi uzohlangana nomngani omdala noma uphathina okade wagcina ukumbona.

Amaphupho ngomqamelo

Uma uphupha ukuthi ubona umqamelo kuyinhlanhla uma uhlanzekile kodwa kuyibhadi uma ungcolile.

Amaphupho ngomatilasi

Uma uphupha ukuthi ubona umatilasi into obuyilindele ukuthi yenzeke izofezeka.

Amaphupho ngezingubo zokulala

Uma uphupha ukuthi ubona izingubo zokulala kuyibhadi ikakhulukazi ehlobo futhi uzobhekana nezinkinga.

Comments