Amaphupho ngefenisha nezinto ezisebenza ngogesi

 


Amaphupho ngekisti

Uma uphupha ukuthi usebenzisa ikisti noma ibhokisi lokubeka izinto kusho ukuthi kukhona emndenini wakho ozodinga usizo lwakho maduzane.

Amaphupho ngetafula

Uma uphupha ukuthi usebenzisa itafula kuyinhlanhla uma abantu behlezi kulo futhi yibhadi uma kunguwena wedwa khona.

Amaphupho ngesitofu

Uma uphupha ukuthi usebenzisa isitofu kusho ukuthi uzoba nenhlanhla uthuthuke ikakhulukazi uma sishisa noma kukhona okubhakayo.

Amaphupho ngefenisha endala

Uma uphupha ukuthi unefenisha endala engasafunakali endlini yakho kusho ukuthi kukhona ozodinga usizo lwakho.

Amaphupho ngesibuko

Uma uphupha ukuthi usebenzisa isibuko kusho ukuthi abantu obethembayo bangakujikela maduzane futhi kufanele usebenze kanzima uma ufuna ukuphumelela emsebenzini.

Amaphupho ngelambu

Uma uphupha ukuthi usebenzisa ilambu noma isiketekete kuyinhlanhla uma isibani sikhanya. Uzophumelela othandweni nasempilweni. Uma ilambu lingasebenzi kuzoba nezikhathi ezinzima ezizayo kuwe. Uma kunguwena olikhanyisayo kusho ukuthi uzothola isimanga empilweni yakho maduzane.

Amaphupho ngeketelo

Uma uphupha ukuthi usebenzisa iketelo kuyinhlanhla uma lihlanzekile lisebenza kahle. Uma lingcolile noma amanzi ebila kunenkathazo ezayo kuwe.

Amaphupho ngesihlalo

Uma uphupha ukuthi usesihlalweni kusho ukuthi khona okuhle okuzayo. Uzothola izindaba ezimnandi noma uzophumelela emsebenzini.

Amaphupho ngombhede

Uma uphupha ukuthi usembhedeni ukuthi lokho kusho ukuthini kuya ngokuthi uwenzani. Uma uphupha nhe ngombhede ongenamuntu phakathi izinkinga zakho zizophela maduzane. Uma uwendlala umbhede uzothatha uhambo maduzane. Uma ulele embhedeni uzoshada maduzane mawungashadile.

Comments