Amaphupho ngabantu
Ukuphupha indlovukazi
Uma uphupha indlovukazi (owesifazane ongumama walowo oyinkosi ebusayo), lokho kusho ukuthi kunabantu abakuthembile kakhulu ngenxa yezenzo zakho zokuba muhle phambi kwamehlo abo. Lelophupho liyizinkomba zokuthi usuke uzozuza injabulo nenqubekela phambili empilweni yakho.
Amaphupho ngamawele
Leli yiphupho eliyisixwayiso ngomuntu osondelene kakhulu nawe ogaqele ukuba sezicathulweni zakho, lokho okungaba ngokwesikhundla, indima oyidlalayo emndenini noma izinga okulo kulokho okwenzayo empilweni. Kafushane nje, singasho sithi yiphupho elimayelana nembangi yakho eyimfihlo efuna ukufana nawe. Okubalulekile ngaleliphupho ukuthi kumele uqaphele ubulili balawo mawele osuke uwaphuphile ngoba nalowo muntu usuke engowobulili obufanayo nawo.
Amaphupho ngebhungu noma intombi
Uma uphupha ubona abantu abasebasha kuyinhlanhla kakhulu ikakhulukazi uma besemzini wakho. Uzoba nenjabulo empilweni futhi izinkinga zakho zizophela.
Amaphupho ngomfelokazi
Uma uphupha ubona umfelokazi kusho ukuthi umuntu omthandayo uzodinga usizo lwakho maduzane.
Amaphupho ngomuntu omubi
Uma uphupha ubona abantu ababi kuwuphawu oluhle futhi uzoba nenhlanhla kunoma yini oyenzayo.
Amaphupho ngekhehla noma isalukwazi
Uma uphupha ubona ikhehla noma isalukwazi kusho ukuthi kukhona ozokusiza uphume ezinkingeni zakho maduzane. Uma udinga imali ukhona ozokuboleka imali.
Amaphupho ngomakhelwane
Uma uphupha ubona umakhelwane kufanele ucele usizo noma iseluleko kwabanye abantu ngoba awuwedwa ezinkingeni zakho.
Amaphupho ngabangane
Uma uphupha ubona abangane bakho kusho ukuthi bazokuphatha kahle babe ngabantu abathembekile. Uma ulwa nabo kusho ukuthi uzolwa nabo empilweni yangempela.
Amaphupho ngesilima
Uma uphupha ubona isilima kuyinhlanhla enkulu ikakhulukazi uma unekhaya.
Amaphupho ngesigilamkhuba
Uma uphupha ubona isigilamkhuba kuzoba nezinkinga empilweni yakho maduzane.
Comments
Post a Comment