Amaphupho ngezinto zasendlini

Amaphupho ngezinto zasendlini

Amaphupho ngesambulela

Uma uphupha ukuthi usebenzisa isambulela kuyibhadi ikakhulukazi makungesona esakho. Kusho ukuthi kuzoba nokuhlupheka nosizi empilweni yakho. Uma ulahlekelwe yisambulela uzolahlekelwa yinto ebalulekile maduzane.

Amaphupho ngethawula

Uma uphupha ukuthi uzomisa ngethawula izinkinga noma ukugula okukuhluphayo kuzohamba.

Amaphupho ngethini

Uma uphupha ukuthi unoketshezi oluncane lwethini kusho ukuthi kufanele uqaphele abantu ongabazi ngoba bangakudalela izinkinga.

Amaphupho ngepayipi

Uma uphupha ukuthi ubhema ngepayipi kusho ukuthi izinkinga ezikuhluphayo zizophela maduzane nje.

Amaphupho ngephephandaba

Uma uphupha ukuthi ufunda iphephandaba kuzoba noshintsho empilweni yakho maduzane nje kakhulu.

Amaphupho ngezinaliti nophini

Uma uphupha ukuthi usebenzisa izinalithi ophini noma izipeletu uzoba namashwa ebudlelwaneni bakho nabanye abantu futhi udumale kwezothando.

Amaphupho ngokhiye

Uma uphupha ubona okhiye kuyibhadi. Kuzoba nezinkinga ebhizinisini lakho maduzane noma uzolwa nomuntu ngakho ke bheka ulaka lwakho.

Amaphupho ngamakhethini

Uma uphupha ukuthi uyawavala noma uyawavula amakhethini kusho ukuthi umuntu engadlala ngawe maduzane ngakho ke qaphela.

Amaphupho ngamakhadi namadayisi

Uma uphupha uzibona udlala amakhadi noma amadayisi kusho ukuthi uzoba nenhlanhla nezimali ikakhulukazi uma udlala umdlalo ngazo.

Amaphupho ngebhokisi

Uma uphupha ukuthi ubheke ngaphakathi kwebhokisi wathola into obungayilindele kungenzeka ube nezinkinga zemali maduzane.

Amaphupho ngezikhwama nobhasikidi

Uma uphupha ukuthi unesaka isikhwama noma ubhasikidi kuyibhadi ikakhulukazi uma kungenalutho phakathi. Kusho ukuthi awukwazi ukuthemba abantu osebenza nabo noma kungenzeka ube nenkinga emsebenzini.

Amaphupho ngezincwadi

Uma uphupha ukuthi ufunda izincwadi kusho ukuthi kungenzeka uhlangabezane nokulahlekelwa maduzane nje ngenxa yabangani bakho abangathembekile. Uma uphupha ukuthi ufunda izincwadi zesikole kusho ukuthi uzojabula maduzane ngenxa yokusebenza kwakho kanzima. Amaphupho ngesikole. Amaphupho ngezivivinyo. Amaphupho ngemfundo.

Amaphupho ngezinto zokwakha

Uma uphupha ukuthi ubone izinto zokwakha njengosimende nezitini kuyibhadi. Kuzoba nokulwa empilweni yakho maduzane nje noma uzodumala mayelana nezinto ozitholile empilweni. Uma uphupha izinto zamapulangwe njengezinduku noma amapulangwe kusho ukuthi kuzoba nezinkinga empilweni yakho maduzane nje uma ungathathi ikhefu.

Comments