Amasali / Imfelwa


Amasali. Imfelwa ngesizulu or swati. Ngike ngakhuluma ngawo ngizophinda futhi. Amasali yinyama yinto emila kubantu besifazana kubomama, esithweni. Ngaphakathi. Kuyahlaba nje kuvela ngomsila, Ngesilungu sungayibiza ngama fibroids maybe ngicabanga kanjalo angifundanga. 95 percent yabantu besifazana ikakhulu abalana esouth africa abayazi lento ebizwa ngamasali. Ibangaphakathi kwe sitho ikuku or ngemuva ezinqeni. Lento iyingozi. Iyingozi bakwethu ungazibhoda izangoma, nyanga. Bathandazi ungazi ukuthi unayo bekutshela ukuthi unebhadi, isilwane etc. Uzozithenga inkukhu ugeze kungalungi. Kanti unamasali nje. Lento iyakhishwa nje ngumlaphi wesifazana uyayinquma.

Uyalala phansi baku checker yona bangenise isandla bayibone. Uma kuyile engemuva iyabonakala nje. uyanqunywa uphiwe nomuthi wokugcobisa kubuhlungu uma kuyileyo. Amasali angaphakathi asesithweni akwenza uzondwe ngabantu, ubenesidina, ubalekelwe ngamadoda. Ubene bhadi nje. Ungaba nayo imali ube muhle kodwa indodwa khohlwa sisi dwee ngeke uyibone iyaxosha lento bazolalala bakushiye nje, or vele umuntu adineke engakalali nawe umbone engasawubambi umshina uizibuze kuthi ngabe umenzeni. Ngamasali. Yi shit yento. Seningazama nobabaz ukwenza isex upheke kube mnandi kodwa b4 nisenza nizoxabana ngento encane ahambe.

 Uzibuze kuthi kutheni vele? Sungazibulala nokuzibulala ngoba nabalaphi abanye abayazi lento bakutshela ngogogo wakho ofuna lokhu nalokhu besinya nje besithi vooo! ngamasali. Angithukani ngiyaxolisa iqiniso uGuyuguyu uyalikhuluma futhi uzolifela. Amasali ayingozi bosisi. Ngeke uwabone kwesinye skhathi ngamehlo wakho, abonwa ngumuntu onedlozi or umthandazi, ayazifihla ayabaleka ikakhulu la angaphakathi ekukwini ayi shit ungaba bhoda amadoda kodwa uzonya ngesidina akekho noyedwa ozothi ngiyakuthanda ngifuna ukukulobola. Wamthola othembisayo uzokutshiya nje ngendlela eziphansi ungenzanga lutgo ucabange kuthi uqonyiwe, lutho uxoshwe yile shit amasali. Ayifuni ndoda mthetho wayo. Ngeke usebenze kahle uba nesidina kubantu nje.

Uyawungena umsebenzi uphume nex week uhlupheke strong. Ugeze ngegazi, ngobisi, kungalungi udliwe inkalankatha yemali bekurobha kanti nje into edingekayo yikulaphisa lento. Ikhishwe. Uma uzolapha lento awubhadali. I repeat ngesikithi awubhadali cent! Ungizwe kahle. Uyabonga nje. Uthengela lo okusizileyo ingubo or isipho. Not imali. Wakhipha nje imali ayabuyela futhi kufana nomuntu odlalayo. Azokushaya futhi after 6months agile imkhuba worse. Ubaba uma umtholile uma ethi ufaka ipipi yakhe uvele asikeke ngaphambili nizibuze ekuseni kuthi yini? Or uvele uzizwe ungafuni indoda umnyanye nje. Ngamasali. Nginaye umngane wami umfazi wakhe sezwile ngokusikwa ekhishwa lento ngendlela yabo yokusa kodwa kuthi aphele dwee! Indoda ihlala egoli, umfazi epetoli wayibonaphi lento? bashadile laba bantu, umfazi unyanya indoda. Iyamnukela, uma ngithi wemfethu asike sizame ngendlela yesintu lento. bayala, manje indlala yoncansi isishayile sebevuma ngekhanda mina angisekho lapho ngivele ngiqhaphise umsila ngikhiphe okungumkhaba phandle ngithi ngi busy angiyi ngeni indaba yabantu abazenza ongcwele ngcwele, Hamba uyekhishwa lento.

Ungayenza ibussiness kodwa dweee ngeke isukume, sizokubhomba ngemithi nezibunge amabaso kodwa uzowa kuphela. Unesidina kubantu nje. Itingozi ekuthini, uma uke wabamba isisu wakhulelwa uzomzala umntwana unurse omunye esibhedlela sengatshela kuthi hamba uyenquma le nto sisi, ngeke aphile umntwana uzofa. Uma eke waphila, akahlambuluki ubanomzimba omncane uhlala egula umntwana. Aze akhule or afe. Ngamasali lawo. Uma uzonqunywa uyalala uphathe umntanakh esifubeni, lomuma okunqumayo uzokutshela kahle kuthi ungethuki unganyakazi, wanyakaza ngobuhlungu ingane izofa izokuphuka vele. Injalo nje. Uma uke wayikhipha lento thola ke imbiza kubantu abaziyo uyibulale ngaphakathi uphuze imbiza ingaphindi ivele futhi. Uqedile, uzophila kahle. La awangaphakathi kwesitho kwekuku bathi awekho buhlungu kangakho uma bewakhipha amanye ayaziwela ayakhithika uma uthole umuntu okhanda imbiza enamandla ayaziphumela. angemuva ezibunu abuhlungu, nje. Kodwa kumele uwakhiphe.

Banendlela yabo abenza ngayo omama abalapha lento. Mina ngiyawazi kahle kodwa ngeke ngikupetule ikuku ungixoxele ngithi ngihlola amasali uzogcina ungilinga phela kkki. Thola muntu ozokuhlola kahle ikakhulu lawa awangaphakathi. Mina ngizokulayela ke kuthi iya kubani uzokusiza not mina angifuni kubona lezinto mina ngi innocent lol kkkki. Ngisase mncane for ukuvulelwa. Uzofika uthenge ibhayi elimhlophe uzenemali emhlophe ulale phezu kwe bhayi imali emhlophe uyithele emfuleni ohambayo bakukhiphe. Yindlela engazi ngayo. Uzobonga ngelinye langa. Abanye abalaphi bayifuna khonapho inkomo yabo, siyahluka singabantu asifani. Ngeke ngibakhulumele kodwa mina mgazi kuthi awubhadali lento ifana nokulungiselwa ibala ikanda emntwaneni uyabonga mje kuphela ngokuyi grosa or ishirt or blouse. Injalo nje, Amasali.

Uma uzoza kimi kungcono ukhulume qiniso kuthi unawo ngeke ngimoshe iskhathi sami ngemithi yami no no, kusasa uzohamba uthi lobhudi ngathi angigeze isinyama etc akasebenzi wa wat. Kukanti nguwe onale shit. Ungifihlele. Mina ngiyazixoxela shame namadoda ume eze nabantu babo bayazi baze bephathwe ngamahloni kuthi lekhehla linjani kanti nginjalo nje, okwase msamo ngeke ngiku khiphele ngaphandle phela. Asiphindi sibonane ngaphandle komsamo angithi. Imfelwa or amasali. Azokwenza uhlupheke, abantu bakunyatse, ubenesidina etc. kukanti yinto ongayilungisa nge mali encane nje. Wona ayabaxosha obabaz shame, bazokulala nje uma kusenza kodwa ukuthi uthole obambekayo dwee! hayi uzoza uzongibamba isandla uthi lenja ikhuluma iqiniso uzongivuma. Uzoba yibhola lokukhahlelwa nje.

Buza bayazi abanye ukuthi ahlolwa kanjani. Uma unenhlanhla ayabonakakala kuvelile ngomsila. La awangemuva hayi wona asegcekeni ayabonakala kumele uwasuse nje. Ngiyathakatha ngiyaloya, ngiyahlekisa, Ngiyakhuthaza, ngiyafundisa, ngiyacebisa, kodwa uma ngingasakwenzi kuzokwenziwa ngubani?

Comments

  1. Baba mina nginawo ngicela ucedo ,

    ReplyDelete
  2. Manje ma ukhulelwe awukhon ukuwasusa ngoba ayaluma kakhulu

    ReplyDelete
  3. Linjani nginawo nam ngidinga usizo


    0634981113

    ReplyDelete
  4. Mína ngicela inumber yakho ngoba sengizwile

    ReplyDelete
  5. Ngicela usizo angiwazi kahle kodwa ngicabanga ukuthi ngilawo.

    ReplyDelete
  6. Linjani baba litholakala kuphi, ngiyaludinga usizo.

    ReplyDelete
  7. Mina ngilawa impels help me


    ReplyDelete
  8. Cela number ze WhatsApp kuze thole usizo😭

    ReplyDelete
  9. Mina nginawo liyawakhipha....cela ama number

    ReplyDelete
  10. Ncela inumber ye app ngithole usizo ngidubekile

    ReplyDelete
  11. Cela ama number cabanga nginawo sengzwile ngokulunywa ngasemva dinga usizo.....

    ReplyDelete
  12. Nginayo angaphakathi ngicela usizo

    ReplyDelete
  13. Ngicela number yakho ka whatp nginawo

    ReplyDelete
  14. Uyakhona kuhlola umuntu online

    ReplyDelete
  15. Kuyezwakala singasebenzisani ukuthi atshe or aphele besides ukuquma

    ReplyDelete
  16. Baba unjan ngicela usizo lwakho nginawo sengizwile

    ReplyDelete
  17. Baba unjan nginawo nam ngicela usizo

    ReplyDelete
  18. Nginawo ngicela usizo

    ReplyDelete

Post a Comment