Izaga lezitsho Part 2


Ezingokukhuliswa kwabantwana

Umuthi ugotshwa usemanzi: Umntwana kufanele aqondiswe indlela esemncane ngoba koba lukhuni lapho esemdala.

Uthingo lugotshwa lusemanzi: Umntwana kufanele aqondiswe indlela esemncane ngoba koba lukhuni lapho esemdala.

Zibanjwa zisemaphuphu: Umntwana kufanele aqondiswe indlela esemncane ngoba koba lukhuni lapho esemdala.

Libunjwa liseva: Umntwana kufanele aqondiswe indlela esemncane ngoba koba lukhuni lapho esemdala.

Inyoni ishayelwa abakhulu: Umntwana kufanele azise abazali bakhe lokho akutholayo akwethule kubo ngoba impumelelo yabantwana yiqholo labazali.

Inkunzi isematholeni: abantwana kufanele bakhuliswe kahle ngoba kuzoqhamuka abaholi bangomuso.

Comments