Izaga lezitsho Part 1


Akukho muzi ongathunqi ntuthu: Akukho muzi lapho kungaveli nokuncane ukuxabana.

Akukho mfula ongahlokomi: Yonke imizi inezindaba nezingxabano zayo

Akumfula ongazwekali: Yonke imizi inezindaba nezingxabano zayo.

Induku kayinamuzi: Ungeke ume umuzi lapho indoda ikhuluma ngomshiza.

Induku kayiwakhi umuzi: Ungeke ume umuzi lapho indoda ikhuluma ngomshiza.

Igugu liyadonsiswana: Ukuze abantu abaganene bahlalisane kahle kufanele basizane, bazwelane, babambisane.

Kothiwa ukhuni ledungamuzi: Umuzi lapho kuhlale kuliwa khona.

Ikhanda elixegaxegayo lofulela abafazi: umthetho wendoda emzini wayo kufanele uthotshelwe.

Inxele kaliwubusi umuzi: akuvamile ukuba indlafa iqhamuke ngasekhohlo.

Inxele kaliwudli umuzi: akuvamile ukuba indlafa iqhamuke ngasekhohlo.


Comments