Inganekwane: Inkosikazi Nenyanga (Fairytale)


Kwesukasukela…
Cosu!

Kwesukasukela ngenkosikazi, lenkosikazi yabe iyikholwa elingumKrestu. Yayi nomntwana oyedwa osemncane. Kwathi ngolunye usuku ithole ukuthi ayithezanga izinkuni ngoMgqibelo. Pho manje ngoba kuyiSonto nje izokwenzenjani? Lenkosikazi yayiwazi kahle umyalelo wesine othi: “Khumbula usuku lweSabatha ulugcine ulenze lube ngcwele. ungasebenzi ngalo nakanye nje.” Yathi ibona ukuthi hhayi cha izalelwe yinja endlini, ngoba phela ingane yayikhala ubuqanduqandu ifuna idokwe layo la!

Yaqunga isibindi inkosikazi yathatha umntwana yamuthi mpe emhlane yabe seyinikela khona ekuthezeni. Yathatha isibopho sayo qonde ehlathini, nangempela yafika yatheza. Kanti iso lomdali liyayibona phezulu lona elingefihlelwe lutho. Ngaleso senzo sayo sokungaluhloniphi usuku lweSabatha inkosi yanquma ukaba yenze isibonelo ngayo ngo kuyijezisa. Kubo khona lobo mnyama inkosi yayithatha inkosikazi lena nenyaba yayo yayithi phahle ebusweni benyanga, namgempela yafike yathi nama ebusweni beNyanga. Yingakho ke nanamuhla uma inyanga idilingene uyoyibona inkosikazi ibelethe umntwana wayo, ithwele inyanda yezinkuni ekhanda isize yaba ithunzi ebusweni benyanga.

Cosu Yaphela!

Comments

  1. Ake usho ngamazwi akho akwenzeka kulenganekwane

    ReplyDelete
    Replies
    1. Le ndaba ikhuluma nge nkosikazi engazange yahlonipha usuku lwe sabatha yase ijeziswa

      Delete
  2. Lento ikhuluma ngenkosikazi eyajeziswa ngokungahloniphi kwayo

    ReplyDelete

Post a Comment